Verse 1: Kwathi ngomnyaka wesikhombisa, ngenyanga yesihlanu, ngolweshumi lwenyanga kwafika amadoda athile amalunga akwa-Israyeli ukuba abuze kuJehova; ahlala phambi kwami.
Verse 2: Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
Verse 3: “Ndodana yomuntu, khuluma emalungeni akwa-Israyeli, uthi kuwo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Nifike ukubuza kimi na? Kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, angiyikubuzwa yinina.’
Verse 4: “Uma ubahlulela, uma ubahlulela, ndodana yomuntu, bazise izinengiso zawoyise,
Verse 5: uthi kubo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngosuku engakhetha ngalo u-Israyeli ngaphakamisela inzalo yendlu yakwaJakobe isandla sami, ngazazisa kubo ezweni laseGibithe, ngabaphakamisela isandla sami, ngathi: “NginguJehova uNkulunkulu wenu.”
Verse 6: Ngalolo suku ngabaphakamisela isandla sami ukuba ngibakhiphe ezweni laseGibithe, ngibayise ezweni engangibafunele lona, lichichima ubisi nezinyosi, elihle kunawo onke amazwe.
Verse 7: Ngathi kubo: “Lahlani, kube yilowo nalowo okuzondekayo kwamehlo akhe, ningazingcolisi ngezithombe zaseGibithe. NginguJehova uNkulunkulu wenu.”
Verse 8: “ ‘Kepha bangihlubuka, abangilalelanga, abalahlanga, kwaba yilowo nalowo okuzondekayo kwamehlo akhe, abazishiyanga izithombe zaseGibithe; ngase ngithi ngiyakuthulula ukufutheka kwami phezu kwabo, ngifeze intukuthelo yami kubo phakathi kwezwe laseGibithe.
Verse 9: Ngakwenza ngenxa yegama lami ukuba lingangcoliswa emehlweni ezizwe ababephakathi kwazo, nengazazisa emehlweni azo kubo ngokubakhipha ezweni laseGibithe.
Verse 10: Ngase ngibakhipha ezweni laseGibithe, ngabangenisa ehlane.
Verse 11: Ngabanika izimiso zami, ngabazisa izahlulelo zami umuntu ayakuphila ngazo uma ezenza.
Verse 12: Ngabanika futhi amasabatha ami abe yisibonakaliso phakathi kwami nabo, ukuze bazi ukuthi nginguJehova obangcwelisayo.
Verse 13: “ ‘Kepha indlu yakwa-Israyeli yangihlubuka ehlane; abahambanga ngezimiso zami, balahla izahlulelo zami umuntu ayakuphila ngazo uma ezenza; amasabatha ami bawona kakhulu; ngase ngithi ngiyakuthulula ukufutheka kwami phezu kwabo ehlane ukuba kubaqede.
Verse 14: Ngakwenza ngenxa yegama lami ukuba lingangcoliswa emehlweni ezizwe engabakhipha emehlweni azo.
Verse 15: Yebo, ngabaphakamisela isandla sami ehlane ukuba ngingabangenisi ezweni engangibanike lona, lichichima ubisi nezinyosi, elihle kunawo onke amazwe,
Verse 16: ngokuba balahla izahlulelo zami, abahambanga ngezimiso zami, bawona amasabatha ami, ngokuba izinhliziyo zabo zalandela izithombe zabo.
Verse 17: Nokho iso lami labahawukela ukuze bangachithwa, angibaqedanga ngokupheleleyo ehlane.
Verse 18: Ngathi kubantwana babo ehlane: “Ningahambi ngezimiso zawoyihlo, ningagcini izahlulelo zabo, ningazingcolisi ngezithombe zabo.
Verse 19: NginguJehova uNkulunkulu wenu: hambani ngezimiso zami, nigcine izahlulelo zami, nizenze,
Verse 20: ningcwelise amasabatha ami, abe yisibonakaliso phakathi kwami nani, ukuze nazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu.”
Verse 21: “ ‘Kepha abantwana bangihlubuka, abahambanga ngezimiso zami, abagcinanga izahlulelo zami ukuba bazenze, umuntu ayakuphila ngazo uma ezenza; bawona amasabatha ami; ngase ngithi ngiyakuthulula ukufutheka kwami phezu kwabo, ngifeze intukuthelo yami kubo ehlane.
Verse 22: Nokho ngabuyisa isandla sami, ngakwenza ngenxa yegama lami ukuba lingangcoliswa emehlweni ezizwe engabakhipha emehlweni azo.
Verse 23: Futhi ngabaphakamisela isandla sami ehlane ukuba ngibahlakazele phakathi kwezizwe, ngibasabalalisele emazweni,
Verse 24: ngenxa yokuba bengenzanga izahlulelo zami, belahla izimiso zami, bewona amasabatha ami, amehlo abo elandela izithombe zawoyise.
Verse 25: Nami ngabanika izimiso ezazingezinhle nezahlulelo ababengayikuphila ngazo.
Verse 26: Ngabangcolisa eminikelweni yabo ngokudabulisa emlilweni konke okuvula izizalo, ukuze ngibachithe, bazi ukuthi nginguJehova.’
Verse 27: “Ngalokho, ndodana yomuntu, khuluma kuyo indlu yakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, uthi: Kulokho oyihlo bangihlambalazile ngokwenza isiphambeko kimi.
Verse 28: Lapho ngangibangenise ezweni engaphakamisela isandla sami ukubanika lona, bebona amagquma onke aphakemeyo nayo yonke imithi edumbileyo, bese benikela khona ngemihlatshelo yabo, banika khona isicunulo somnikelo wabo, babeka lapho iphunga labo elimnandi, bathulula khona iminikelo yabo yokuphuzwa.
Verse 29: Ngase ngithi kubo: Iyini indawo ephakemeyo eniya kuyo na?’ ” Lase libizwa igama layo ngokuthi indawo ephakemeyo kuze kube namuhla.
Verse 30: “Ngalokho thana kuyo indlu yakwa-Israyeli: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Niyakuzingcolisa ngendlela yawoyihlo, nilandele ngokuphinga okuzondekayo kwabo, na?
Verse 31: Ekuletheni iminikelo yenu nasekudabuliseni amadodana enu emlilweni niyazingcolisa ngazo zonke izithombe zenu kuze kube namuhla. Mina ngiyakubuzwa yinina, nina ndlu yakwa-Israyeli, na? Qha, kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, angiyikubuzwa yinina.
Verse 32: “ ‘Okungenayo ezinhliziyweni zenu akuyikuba khona impela, lokhu enikushoyo ukuthi: “Siyakuba njengezizwe, njengemindeni yamazwe, ukuba sikhonze umuthi namatshe.”
Verse 33: Kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, impela ngesandla esinamandla, nangengalo eyeluliweyo, nangokufutheka okuthululiweyo ngiyakuba yinkosi phezu kwenu.
Verse 34: Ngiyakunikhipha phakathi kwabantu, nginibuthe emazweni lapho nihlakazekele khona ngesandla esinamandla, nangengalo eyeluliweyo, nangokufutheka okuthululiweyo,
Verse 35: nginiyise ehlane labantu, ngahlulelane nani khona ubuso nobuso.
Verse 36: Njengalokho ngahlulelana nawoyihlo ehlane lezwe laseGibithe, kanjalo ngiyakwahlulelana nani, isho iNkosi uJehova.
Verse 37: Ngiyakunidlulisa phansi kwentonga, nginingenise phansi kwesibopho sesivumelwano,
Verse 38: ngihlunge kini abahlubuki nabeqayo kimi, ngibakhiphe ezweni lapho begogobele khona, bangangeni ezweni lakwa-Israyeli kodwa, nazi ukuthi nginguJehova.
Verse 39: “ ‘Nina ndlu yakwa-Israyeli, isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Hambani nikhonze, kube yilowo isithombe sakhe, kepha impela ngasemuva niyakungilalela, ningabe nisalingcolisa igama lami elingcwele ngeminikelo yenu nangezithombe zenu.
Verse 40: Ngokuba entabeni yami engcwele, empakameni yentaba yakwa-Israyeli, isho iNkosi uJehova, indlu yonke yakwa-Israyeli, yonke yayo, iyakungikhonza ezweni; ngiyakubamukela khona, ngibize iminikelo yenu, nolibo lweminikelo yenu, nakho konke okungcwele kwenu.
Verse 41: Ngephunga elimnandi ngiyakunamukela, lapho nginikhipha kubantu, nginibuthe emazweni lapho nihlakazekele khona, ngingcweliswe kini emehlweni ezizwe.
Verse 42: Niyakwazi ukuthi nginguJehova, lapho nginingenisa ezweni lakwa-Israyeli, izwe engaliphakamisela isandla sami ukuba ngilinike oyihlo.
Verse 43: Niyakukhumbula khona izindlela zenu, nazo zonke izenzo zenu enizingcolise ngazo, ninengeke emehlweni enu ngakho konke okubi enikwenzileyo.
Verse 44: Niyakwazi ukuthi nginguJehova, lapho ngisebenza kini ngokwegama lami kungengokwezindlela zenu ezimbi nezenzo zenu ezonakeleyo nina ndlu yakwa-Israyeli, isho iNkosi uJehova.’ ”
Verse 45: Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
Verse 46: “Ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bakho ngaseningizimu, izwi liconsele ngenzansi, uprofethe ngehlathi lasendle eningizimu,
Verse 47: uthi kulo ihlathi laseningizimu: ‘Yizwa izwi likaJehova elithi: Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngiyakuphemba umlilo kuwe, udle yonke imithi eluhlaza kuwe nayo yonke imithi eyomileyo, ilangabi elivuthayo lingacimeki, kuhwamuke ngalo bonke ubuso kusukela eningizimu kuye enyakatho.
Verse 48: Inyama yonke iyakubona ukuthi mina Jehova ngiwuphembile, awuyikucimeka.’ ”
Verse 49: Ngathi: “Awu, Nkosi Jehova! Bathi ngami: ‘Asithi uyalinganisa ngezaga na?’ ”