Verse 1: Izwi likaJehova lafika kimi ngomnyaka wesishiyagalolunye, ngenyanga yeshumi ngolweshumi lwenyanga, lathi:
Verse 2: “Ndodana yomuntu, zilobele igama losuku, lona lolo suku; inkosi yaseBabele ihlasele iJerusalema ngalolu suku.
Verse 3: Fanekisa ngomfanekiso kuyo indlu ehlubukayo, uthi kubo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: “ ‘Beka ikhanzi, libeke, uthele amanzi kulo,
Verse 4: uqoqele kulo izinqamu zalo, zonke izinqamu ezinhle, ithanga nehlombe, uligcwalise ngamathambo akhethekileyo.
Verse 5: Thatha okukhethekileyo komhlambi, ubungele izinkuni phansi kwalo, ulibilise nokulibilisa, kuphekwe namathambo phakathi kwalo.
Verse 6: “ ‘Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: “ ‘Maye kumuzi wezingazi, kulo ikhanzi elinokugqwala, nokugqwala kwalo kungaphumanga kulo! Khipha kulo izinqamu ngezinqamu; alidliwanga yinkatho.
Verse 7: “ ‘Ngokuba izingazi zawo ziphakathi kwawo; wazibeka edwaleni eliyinyabule; akazithelanga emhlabathini ukuzisibekela ngothuli.
Verse 8: Ukuze kuvuswe ukufutheka kube yimpindiselo, ngabeka izingazi zawo edwaleni eliyinyabule ukuba zingasitshekelwa.
Verse 9: “ ‘Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: “ ‘Maye kumuzi wezingazi! Nami ngiyakwandisa ukubungela izinkuni.
Verse 10: Fumbela izinkuni, ukhwezele umlilo, uqede inyama, wome umhluzi, amathambo ashiswe.
Verse 11: Besewulibeka emalahleni awo lingenalutho, ukuze lishise, kushe ithusi lalo, kuncibilikiswe ukungcola kwalo phakathi kwalo ukuba kuqedwe ukugqwala kwalo.
Verse 12: Ngizikhathazile ngeze, nokho ukugqwala kwalo okuningi akuphumanga kulo; ukugqwala kwalo kumelwe kube semlilweni.
Verse 13: “ ‘Ngokungcola kobufebe bakho nangokuba ngikuhlambululile ungahlanjululwanga kodwa awusayikuhlanjululwa ekungcoleni kwakho, ngize nganelise ukufutheka kwami kuwe.
Verse 14: “ ‘Mina Jehova ngikukhulumile; kuyakwenzeka, ngiyakukwenza; angiyikuyekela, angiyikuhawukela, angiyikuzisola; bayakukwahlulela njengezindlela zakho nezenzo zakho, isho iNkosi uJehova.’ ”
Verse 15: Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
Verse 16: “Ndodana yomuntu, bheka, ngiyasusa okunxanelekayo emehlweni akho ngesishayo, kepha awuyikudabuka, awuyikukhala, nezinyembezi aziyikwehla.
Verse 17: Bubula, uthule; ungenzi isililo sabafileyo, uzibophele isigqoko sakho, ufake izicathulo zakho ezinyaweni zakho, ungambozi amadevu akho, ungadli isinkwa sabantu.”
Verse 18: Ngase ngikhuluma kubantu ekuseni; kusihlwa wafa umkami; kusasa ngenza njengalokho ngiyaliwe.
Verse 19: Abantu bathi kimi: “Ungesitshele yini ukuthi lezi zinto ziyini kithina, njengokuba wenze njalo, na?”
Verse 20: Ngathi kubo: “Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
Verse 21: Yisho kuyo indlu yakwa-Israyeli, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngiyakuyingcolisa indlu yami engcwele, ukuziqhenya kwamandla enu, okunxanelekayo emehlweni enu, okuhawukelwa ngumphefumulo wenu; amadodakazi enu eniwashiyile ayakuwa ngenkemba.
Verse 22: Niyakwenza njengami: aniyikumboza amadevu enu, ningadli isinkwa sabantu.
Verse 23: Izigqoko zenu ziyakuba semakhanda enu nezicathulo ezinyaweni zenu; aniyikudabuka, ningakhali, kepha niyakonda ebubini benu, nibubulelane omunye nomunye.
Verse 24: UHezekeli uyakuba yisibonakaliso kini; niyakwenza njengakho konke ukwenza kwakhe; lapho kufikile lokhu, niyakwazi ukuthi ngiyiNkosi uJehova.’
Verse 25: “Wena ndodana yomuntu, angithi kuyakwenzeka mhla ngisusa inqaba yabo, intokozo nobuhle babo, okunxanelekayo emehlweni abo, nababeke umphefumulo wabo kukho, amadodana abo namadodakazi abo,
Verse 26: ngalolo suku obalekayo uyakufika kuwe, akuzwise lokhu ngezindlebe zakho, na?
Verse 27: Ngalolo suku umlomo wakho uyakuvulwa kobalekileyo; wena uyakukhuluma, ungabe usaba yisimungulu; uyakuba yisibonakaliso kubo, bazi ukuthi nginguJehova.”