Ezekiel - Chapter 43

Verse 1: Wayesengiyisa esangweni, isango elibheke ngasempumalanga;

Verse 2: bheka, inkazimulo kaJehova ka-Israyeli yavela ngasempumalanga, izwi lakhe lalinjengokuholoba kwamanzi amaningi, umhlaba wakhanya ngenkazimulo yakhe.

Verse 3: Kwaba njengesimo sombono engawubonayo, yebo, njengombono engawubona lapho ngeza ukuwuchitha umuzi; imibono yayinjengombono engawubona ngasemfuleni iKhebari; ngawa ngobuso bami.

Verse 4: Inkazimulo kaJehova yangena endlini ngendlela yesango elibheke ngasempumalanga.

Verse 5: UMoya wangiphakamisa, wangingenisa egcekeni elingaphakathi; bheka, inkazimulo kaJehova yayigcwalisa indlu.

Verse 6: Ngase ngizwa okhuluma kimi ephakathi kwendlu; kwakumi umuntu eceleni kwami.

Verse 7: Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, lokhu kuyindawo yesihlalo sami sobukhosi, nendawo yamathe ezinyawo zami, lapho ngiyakuhlala khona phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli kuze kube phakade; indlu yakwa-Israyeli ayisayikulingcolisa igama lami elingcwele, yona namakhosi ayo, ngokuphinga kwayo nangezidumbu zamakhosi ayo ezindaweni zayo eziphakemeyo,

Verse 8: bebeka umbundu wabo ngasembundwini wami, nensika yabo yomnyango eceleni kwensika yami, kube ludonga kuphela phakathi kwami nabo, belingcolisa igama lami elingcwele ngezinengiso zabo abazenzileyo, okungalokho ngabaqeda ngolaka lwami.

Verse 9: Manje mabadedisele kude nami ukuphinga kwabo, nezidumbu zamakhosi abo, ngihlale phakathi kwabo kuze kube phakade.

Verse 10: “Wena ndodana yomuntu, bonisa abendlu yakwa-Israyeli le ndlu ukuba babe namahloni ngobubi babo, balinganise isimo sayo.

Verse 11: Uma benamahloni ngakho konke abakwenzileyo, mawubazise isimo sendlu, nokubonakala kwayo, nezindawo zayo zokuphuma, nezindawo zayo zokungena, yebo, sonke isimo sayo kanye nazo zonke izimiso zayo, nazo zonke izimo zazo kanye nayo yonke imithetho yayo, ukulobe emehlweni abo ukuba bagcine sonke isimo sayo nazo zonke izimiso zayo, bazenze.

Verse 12: “Nanku umthetho wendlu: esiqongweni sentaba wonke umkhawulo wayo nxazonke uyakuba ngcwele kakhulu. Bheka, lokhu kungumthetho wendlu.

Verse 13: “Lezi zaziyizilinganiso ze-altare ngezingalo, ingalo iyingalo nobubanzi besandla: isinqe sasiyingalo ukuphakama kwaso, nobubanzi buyingalo; umncele walo ngaseceleni kwalo nxazonke wawunjengokudazuluka kweminwe; lokhu kwakungukuphakama kwe-altare;

Verse 14: kusukela esinqeni emhlabathini kuze kube sonqenqemeni oluphansi kwakuyizingalo ezimbili, ububanzi buyingalo; kusukela onqenqemeni oluncane kuze kube sonqenqemeni olukhulu kwakuyizingalo ezine, ububanzi buyingalo.

Verse 15: I-altare laliyizingalo ezine; kusukela e-altare kuya phezulu kwakukhona izimpondo ezine.

Verse 16: I-altare, ubude balo babuyizingalo eziyishumi nambili, ububanzi balo buyizingalo eziyishumi nambili, linezinhlangothi ezine ezilingeneyo.

Verse 17: Unqenqema, ubude balo, babuyizingalo eziyishumi nane, ububanzi balo bungeziyishumi nane ezinhlangothini zalo zozine; umncele nxazonke kwalo wawuyinxenye yengalo; isinqe salo sasiyingalo nxazonke, izinyathelo zalo zibheke ngasempumalanga.”

Verse 18: Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Nazi izimiso ze-altare mhla beyakulenza ukuba bashise umnikelo wokushiswa phezu kwalo, balifafaze ngegazi.

Verse 19: Uyakunika abapristi bamaLevi abozalo lukaSadoki, abaseduze kimi, isho iNkosi uJehova, ukuba bangikhonze, iduna libe ngumnikelo wesono.

Verse 20: Uyakuthatha okwegazi layo, ulibhece ezimpondweni zalo zozine, nasemagumbini omane onqenqema, nasemnceleni nxazonke, ulihlambulule, ulenzele ukubuyisana.

Verse 21: Uyakuthatha inkunzi yomnikelo wesono, ishiswe endaweni yendlu emiselweyo ngaphandle kwendlu engcwele.

Verse 22: “Ngosuku lwesibili uyakunikela ngempongo engenasici, ibe ngumnikelo wesono; bayakuhlambulula i-altare njengokulihlambulula ngenkunzi.

Verse 23: Lapho usuqede ukulihlambulula, uyakunikela ngeduna elingenasici nangenqama yezimvu engenasici.

Verse 24: Uyakukusondeza phambi kukaJehova, abapristi bathele usawoti kukho, banikele ngakho, kube ngumnikelo wokushiswa kuJehova.

Verse 25: “Izinsuku eziyisikhombisa uyakulungisa imihla yonke impongo ibe ngumnikelo wesono, kulungiswe neduna nenqama yezimvu, okungenasici.

Verse 26: Izinsuku eziyisikhombisa bayakwenzela i-altare ukubuyisana, balihlambulule, balingcwelise.

Verse 27: Lapho seziphelile izinsuku, kuyakuba ngosuku lwesishiyagalombili naphambili ukuba abapristi bayilungise iminikelo yenu yokushiswa e-altare neminikelo yenu yokuthula, nginamukele, isho iNkosi uJehova.”

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories