Verse 1: “Nanka amagama ezizwe. Kusukela ekugcineni kwasenyakatho eceleni kwendlela yaseHetiloni kuze kube sekuyeni eHamati naseHasari Enani, emkhawulweni waseDamaseku ngasenyakatho, eceleni kweHamati, uDani uyakuba nesabelo, abe nohlangothi lwasempumalanga kuze kube sentshonalanga.
Verse 2: “Ngasemkhawulweni wakwaDani, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga, u-Asheri uyakuba nesabelo.
Verse 3: “Ngasemkhawulweni wakwa-Asheri, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga, uNafetali uyakuba nesabelo.
Verse 4: “Ngasemkhawulweni wakwaNafetali, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga, uManase uyakuba nesabelo.
Verse 5: “Ngasemkhawulweni wakwaManase, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga, u-Efrayimi uyakuba nesabelo.
Verse 6: “Ngasemkhawulweni wakwa-Efrayimi, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga, uRubeni uyakuba nesabelo.
Verse 7: “Ngasemkhawulweni wakwaRubeni, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga, uJuda uyakuba nesabelo.
Verse 8: “Ngasemkhawulweni wakwaJuda, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga, kuyakuba ngumnikelo eniyakunikela ngawo, ububanzi bube yizingalo eziyizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu, ubude bube njengesinye sezabelo, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga, indlu engcwele ibe phakathi naso.
Verse 9: “Umnikelo eniyakunikela ngawo kuJehova uyakuba yizingalo eziyizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu ubude, ububanzi bube yizinkulungwane eziyishumi.
Verse 10: Nanku umnikelo ongcwele: owabapristi uyakuba yizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu ngasenyakatho, nangasentshonalanga izinkulungwane eziyishumi ububanzi, nangasempumalanga izinkulungwane eziyishumi ububanzi, nangaseningizimu izinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu ubude, indlu engcwele kaJehova ibe phakathi nawo.
Verse 11: Uyakuba ngowabapristi, abangcwelisiweyo bamadodana kaSadoki, abagcine inkonzo yami; abadukanga lapho beduka abantwana bakwa-Israyeli, njengalokho aduka amaLevi.
Verse 12: Uyakuba kubo umnikelo womnikelo wezwe, into engcwelengcwele, ngasemkhawulweni wamaLevi.
Verse 13: “Maqondana nomkhawulo wabapristi amaLevi ayakuba nezinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu ubude nezinkulungwane eziyishumi ububanzi, bonke ubude bube yizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu, ububanzi bube yizinkulungwane eziyishumi.
Verse 14: Abayikuthengisa ngawo, bangenani ngawo, bangahlukaniseli abanye ulibo lwezwe, ngokuba lingcwele kuJehova.
Verse 15: “Izinkulungwane eziyisihlanu ezisele ebubanzini nezinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu zasebudeni ziyakuba ngezokungengcwele, zibe ngezomuzi, ezokwakha nezamadlelo, umuzi ube phakathi nazo.
Verse 16: Nazi izilinganiso zalo: uhlangothi lwasenyakatho yizinkulungwane ezine namakhulu ayisihlanu, nohlangothi lwaseningizimu izinkulungwane ezine namakhulu ayisihlanu, nasohlangothini lwasempumalanga izinkulungwane ezine namakhulu ayisihlanu, nohlangothi lwasentshonalanga izinkulungwane ezine namakhulu ayisihlanu.
Verse 17: Umuzi uyakuba namadlelo: ngasenyakatho ngamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, nangaseningizimu amakhulu amabili namashumi ayisihlanu, nangasempumalanga amakhulu amabili namashumi ayisihlanu, nangasentshonalanga amakhulu amabili namashumi ayisihlanu.
Verse 18: Okusele ebudeni maqondana nomnikelo ongcwele kuyakuba yizinkulungwane eziyishumi ngasempumalanga, nezinkulungwane eziyishumi ngasentshonalanga, kuqondane nomnikelo ongcwele, izithelo zawo zibe ngukudla kwabasebenza emzini.
Verse 19: Abasebenza emzini bayakuwulima, bevela ezizweni zonke zakwa-Israyeli.
Verse 20: Wonke umnikelo uyakuba yizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu nezinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu, ninikele ngomnikelo ongcwele, unezinhlangothi ezine kanye nefa lomuzi.
Verse 21: “Okuseleyo kuyakuba ngokwesikhulu ngalapha nangalapha komnikelo ongcwele nefa lomuzi maqondana nezinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu zomnikelo ngasemkhawulweni wasempumalanga, nasentshonalanga maqondana nezinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu ngasemkhawulweni wasentshonalanga, kuqondane nezabelo, kube ngokwesikhulu; umnikelo ongcwele nendlu engcwele kube phakathi nakho.
Verse 22: Okusukela efeni lamaLevi nasefeni lomuzi kuyakuba phakathi kokwesikhulu, okwesikhulu kube phakathi komkhawulo wakwaJuda nomkhawulo wakwaBenjamini.
Verse 23: “Izizwe eziseleyo-ke: kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga uBenjamini uyakuba nesabelo.
Verse 24: “Ngasemkhawulweni wakwaBenjamini, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga, uSimeyoni uyakuba nesabelo.
Verse 25: “Ngasemkhawulweni wakwaSimeyoni, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga, u-Isakare uyakuba nesabelo.
Verse 26: “Ngasemkhawulweni wakwa-Isakare, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga, uZebuloni uyakuba nesabelo.
Verse 27: “Ngasemkhawulweni wakwaZebuloni, kusukela ohlangothi lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga uGadi uyakuba nesabelo.
Verse 28: “Ngasemkhawulweni wakwaGadi, ohlangothini lwaseningizimu ngaseningizimu, umkhawulo uyakusuka eTamari kuze kube semanzini aseMeribati Kadeshi nasemfudlaneni, ngaseLwandle Olukhulu.
Verse 29: “Yilo leli zwe eniyakulahlukanisa ngenkatho, libe yifa lezizwe zakwa-Israyeli; yilezi izabelo zazo, isho iNkosi uJehova.
Verse 30: “Nanka amacele omuzi: kusukela ohlangothini lwasenyakatho yizingalo eziyizinkulungwane ezine namakhulu ayisihlanu ngokulinganisa.
Verse 31: Amasango omuzi ayakubizwa ngamagama ezizwe zakwa-Israyeli, amasango amathathu abe ngasenyakatho: elinye yisango lakwaRubeni, elinye yisango lakwaJuda, elinye yisango lakwaLevi.
Verse 32: “Nasohlangothini lwasempumalanga yizingalo eziyizinkulungwane ezine namakhulu ayisihlanu, namasango amathathu: elinye yisango lakwaJosefa, elinye yisango lakwaBenjamini, elinye yisango lakwaDani.
Verse 33: “Nasohlangothini lwaseningizimu yizingalo eziyizinkulungwane ezine namakhulu ayisihlanu ngokulinganisa, namasango, amathathu: elinye yisango lakwaSimeyoni, elinye yisango lakwa-Isakare, elinye yisango lakwaZebuloni.
Verse 34: “Ohlangothini lwasentshonalanga yizingalo eziyizinkulungwane ezine namakhulu ayisihlanu, namasango azo amathathu: elinye yisango lakwaGadi, elinye yisango lakwa-Asheri, elinye yisango lakwaNafetali.
Verse 35: “Nxazonke kuyakuba yizingalo eziyizinkulungwane eziyishumi nesishiyagalombili. “Igama lomuzi kusukela kulolu suku liyakuthiwa UJEHOVA ULAPHA.”