Ezekiel - Chapter 41

Verse 1: Wayesengingenisa ethempelini, walinganisa izinsika, ububanzi buyizingalo eziyisithupha ngalapha, ububanzi buyizingalo eziyisithupha nangalapha, ububanzi betabernakele.

Verse 2: Ububanzi bomnyango babuyizingalo eziyishumi; amacele omnyango ayeyizingalo eziyisihlanu ngalapha nezingalo eziyisihlanu ngalapha; walinganisa ubude balo: yizingalo ezingamashumi amane; nobubanzi balo: yizingalo ezingamashumi amabili.

Verse 3: Wayesengena phakathi, walinganisa izinsika zomnyango: yizingalo ezimbili; nomnyango: yizingalo eziyisithupha; nobubanzi bomnyango: yizingalo eziyisikhombisa.

Verse 4: Walinganisa ubude bokuphakathi: yizingalo ezingamashumi amabili; nobubanzi: yizingalo ezingamashumi amabili phambi kwethempeli; wathi kimi: “Lokhu kuyindawo engcwele kakhulu.”

Verse 5: Wayeselinganisa udonga lwendlu: yizingalo eziyisithupha; nobubanzi bamakamelo ezinhlangothi: yizingalo ezine nxazonke zendlu emaceleni onke.

Verse 6: Amakamelo ezinhlangothi ayemathathu elakanyene elinye phezu kwelinye, engamashumi amathathu ngomumo. Angena odongeni olwalungolwendlu lwamakamelo ezinhlangothi nxazonke ukuba abambelele kulo, angabambeleli odongeni lwendlu.

Verse 7: Amakamelo ezinhlangothi aba banzi ekukhuphukeni njalo nxazonke, ngokuba okuzungeza indlu kwakhuphuka njalo nxazonke zendlu; ngalokho indlu yaba banzi ekukhuphukeni njalo; kwakhushukwa ekamelweni eliphansi kwaze kwaba kweliphezulu ngeliphakathi.

Verse 8: Ngabona ukuthi indlu yayinendunduma nxazonke; izisekelo zamakamelo ezinhlangothi zaziluhlanga olupheleleyo lwezingalo eziyisithupha kuze kube sekuhlanganisweni phezulu.

Verse 9: Uhlonze lodonga olwalungolwamakamelo ezinhlangothi ngaphandle lwaluyizingalo eziyisihlanu; indawo eseleyo yayingeyamakamelo ezinhlangothi endlu.

Verse 10: Phakathi kwamakamelo kwakukhona ububanzi obuyizingalo ezingamashumi amabili nxazonke zendlu emaceleni onke.

Verse 11: Iminyango yamakamelo ezinhlangothi yayibheke endaweni eseleyo, omunye umnyango ngasenyakatho nomunye umnyango ngaseningizimu; ububanzi bendawo eseleyo babuyizingalo eziyisihlanu nxazonke.

Verse 12: Isakhiwo esasiphambi kwendawo eyahlukanisiweyo ngasentshonalanga, ububanzi baso babuyizingalo ezingamashumi ayisikhombisa; uhlonze lodonga lwendlu lwaluyizingalo eziyisihlanu nxazonke, nobude balo buyizingalo ezingamashumi ayisishiyagalolunye.

Verse 13: Wayeselinganisa indlu, ubude bayo buyizingalo eziyikhulu; indawo eyahlukanisiweyo nesakhiwo kanye nezindonga zaso, ubude bakho babuyizingalo eziyikhulu,

Verse 14: nobubanzi bobuso bendlu kanye nendawo eyahlukanisiweyo ngasempumalanga: yizingalo eziyikhulu.

Verse 15: Wayeselinganisa ubude besakhiwo phambi kwendawo eyahlukanisiweyo eyayisemva kwaso nemipheme yayo ngalapha nangalapha: yizingalo eziyikhulu, nethempeli elingaphakathi, nemipheme yegceke,

Verse 16: imibundu, namafasitele avaliweyo, nemipheme nxazonke eyelakanyene kathathu malungana nombundu, kwembeswe umuthi nxazonke, kusukela phansi kuze kube semafasiteleni; amafasitele ayemboziwe;

Verse 17: kuze kube phezu komnyango nasendlini engaphakathi, nangaphandle, nakulo lonke udonga nxazonke ngaphakathi nangaphandle kwakulinganisiwe,

Verse 18: kwenziwe ngamakherubi nangamasundu; isundu laliphakathi kwekherubi nekherubi, ikherubi lilinye linobuso obubili;

Verse 19: kwakungubuso bomuntu bubheke isundu ngalapha, nobuso bebhongo lengonyama bubheke isundu ngalapha; kwakwenziwe kanjalo kuyo yonke indlu nxazonke.

Verse 20: Kusukela phansi kuze kube phezu komnyango kwakwenziwe amakherubi namasundu, kanjalo nasodongeni lwethempeli.

Verse 21: Ithempeli-ke, izinsika zomnyango zazinezinhlangothi ezine, nobuso bendawo engcwelengcwele, isimo sabo sasinjengesimo sethempeli.

Verse 22: I-altare lalingumuthi, ukuphakama kwalo kuyizingalo ezintathu, nobude balo buyizingalo ezimbili; lalinamagumbi; ubude balo nezindonga zalo kwakungumuthi; wathi kimi: “Lokhu kuyitafula eliyakuba ngaphambi kukaJehova.”

Verse 23: Ithempeli nendawo engcwelengcwele kwakunezivalo ezimbili.

Verse 24: Izivalo zazinezicabha ezimbili, izicabha ezimbili eziphendukayo, ezimbili ngezesinye isivalo, nezicabha ezimbili ngezesinye.

Verse 25: Kwakwenziwe kuzo, ezivalweni zethempeli, amakherubi namasundu njengokwenziwe ezindongeni; kwakukhona isivikelo somuthi phezu kompheme ngaphandle.

Verse 26: Kwakukhona amafasitele avaliweyo namasundu ngalapha nangalapha emaceleni ompheme, nasemakamelweni ezinhlangothi zendlu, nasesivikelweni.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories