Verse 1: “Wena ndodana yomuntu, profetha ngoGogi, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngimelene nawe Gogi, isikhulu sakwaRoshe noMesheke noThubali.
Verse 2: Ngiyakukuguqula, ngikuhole, ngikwenyuse ekugcineni komhlaba, ngikuyise ezintabeni zakwa-Israyeli,
Verse 3: ngishaye phansi umnsalo esandleni sakho sokhohlo, ngiwise imicibisholo yakho esandleni sakho sokunene.
Verse 4: Uyakuwa ezintabeni zakwa-Israyeli, wena namaviyo akho onke, nabantu abanawe, ngikunikele ezinyonini eziyoculayo zezinhlobo zonke nasezilwaneni zasendle ukuba udliwe.
Verse 5: Uyakuwa ebusweni bomhlaba, ngokuba mina ngikhulumile, isho iNkosi uJehova.
Verse 6: Ngiyakuthuma umlilo kuMagogi nakwabahlala belondekile eziqhingini, bazi ukuthi nginguJehova.
Verse 7: “ ‘Ngiyakwenza ukuba laziwe igama lami elingcwele phakathi kwabantu bami u-Israyeli, ngingabe ngisavuma ukuba igama lami elingcwele lingcoliswe, izizwe zazi ukuthi nginguJehova, oNgcwele wakwa-Israyeli.
Verse 8: Bheka, kuyeza, kuyakwenzeka, isho iNkosi uJehova; yilolo suku engikhulume ngalo.
Verse 9: “ ‘Abahlala emizini yakwa-Israyeli bayakuphuma, baphembe umlilo ngezikhali, bazishise, izihlangu namahawu, iminsalo nemicibisholo, nezinduku, nemikhonto, benze umlilo ngakho iminyaka eyisikhombisa.
Verse 10: Abayikuthatha muthi endle, bangagawuli emahlathini, ngokuba bayakuphemba umlilo ngezikhali, baphange ababaphangayo, bamuke ababamukileyo, isho iNkosi uJehova.
Verse 11: “ ‘Kuyakuthi ngalolo suku ngimnike uGogi lapho indawo yethuna, kwa-Israyeli, isiGodi Sabadlulayo ngasempumalanga kolwandle, ivimbe abadlulayo, bembele khona uGogi naso sonke isixuku sakhe, bayibize ngokuthi isiGodi saseHamoni Gogi.
Verse 12: “ ‘Indlu yakwa-Israyeli iyakubembela izinyanga eziyisikhombisa, ukuze ihlambulule izwe.
Verse 13: Bonke abantu bezwe bayakubembela, kube ludumo lwabo ngosuku engiyakukhazimuliswa ngalo, isho iNkosi uJehova.
Verse 14: “ ‘Bayakwahlukanisa njalo abantu abayakudabula izwe, bembele ababedabula besasele ebusweni bomhlaba, baze balihlambulule; bayakucinga ngasekugcineni kwezinyanga eziyisikhombisa.
Verse 15: Lapho abadlula ezweni bedlula babone ithambo lomuntu, bayakumisa isiboniso eceleni kwalo, abembelayo baze balimbele esiGodini saseHamoni Gogi.
Verse 16: Kuyakuba khona futhi nomuzi ogama lawo liyakuba yiHamoni. Bayakuhlambulula kanjalo izwe.’
Verse 17: “Wena ndodana yomuntu, isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Yisho ezinyonini zezinhlobo zonke nasezilwaneni zasendle, uthi: ‘Buthani, nifike, nihlanganyele umhlatshelo wami nxazonke engiwuhlaba ngenxa yenu, umhlatshelo omkhulu ezintabeni zakwa-Israyeli, ukuba nidle inyama, niphuze igazi.
Verse 18: Niyakudla inyama yamaqhawe, niphuze igazi lezikhulu zomhlaba, elezinqama, nelamawundlu, nelezimbuzi, nelezinkunzi, ezikhulupheleyo zaseBashani zonke.
Verse 19: Niyakudla amanoni nize nisuthe, niphuze igazi nize nidakwe emhlatshelweni wami engiwuhlaba ngenxa yenu.
Verse 20: Niyakusutha etafuleni lami ngamahhashi, nangezinqola, nangamaqhawe, nangawo onke amadoda empi,’ isho iNkosi uJehova.
Verse 21: “Ngiyakubeka inkazimulo yami phakathi kwezizwe, zonke izizwe zibone isahlulelo sami engisenzileyo, nesandla sami engisibeke kuzo.
Verse 22: Isiyakwazi indlu yakwa-Israyeli ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wabo, kusukela kulolo suku kuya phambili.
Verse 23: Izizwe ziyakwazi ukuthi indlu yakwa-Israyeli yathunjwa ngenxa yobubi bayo, ngokuba baphambuka kimi, ngasitheza ubuso bami kubo; ngabanikela esandleni sezitha zabo, bawa bonke ngenkemba.
Verse 24: Ngenza kubo njengokungcola kwabo nanjengezeqo zabo, ngasitheza ubuso bami kubo.
Verse 25: “Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngiyakubuyisa ukuthunjwa kukaJakobe, ngihawukele yonke indlu yakwa-Israyeli, ngibe nomhawu ngegama lami elingcwele.
Verse 26: Bayakuthwala ihlazo labo nazo zonke izeqo zabo abeqe ngazo kimi, lapho beyakuhlala belondekile ezweni lakubo, kungabikho obesabisayo,
Verse 27: lapho ngibabuyisile kubantu, ngibabuthile emazweni ezitha zabo, ngingcwelisiwe emehlweni ezizwe eziningi.
Verse 28: Bayakwazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wabo ngokubathumba kwami phakathi kwezizwe, nangokuba ngababutha ezweni lakubo; angisayikushiya muntu wabo khona;
Verse 29: angisayikusitheza ubuso bami kubo, ngokuba ngiyakuthulula uMoya wami phezu kwendlu yakwa-Israyeli, isho iNkosi uJehova.”