Verse 1: Nanka amadodana ka-Israyeli: oRubeni, noSimeyoni, noLevi, noJuda, no-Isakare, noZebuloni,
Verse 2: noDani, noJosefa, noBenjamini, noNafetali, noGadi, no-Asheri.
Verse 3: Amadodana kaJuda: ngo-Eri, no-Onani, noShela; labo abathathu bazalwa nguye kuBati Shuwa, umKhananikazi. Kepha u-Eri, izibulo likaJuda, wayemubi emehlweni kaJehova; wambulala.
Verse 4: UTamari umalokazana wakhe wamzalela oPheresi noZera. Onke amadodana kaJuda ayeyisihlanu.
Verse 5: Amadodana kaPheresi: ngoHesironi noHamule.
Verse 6: Amadodana kaZera: ngoZimri, no-Ethani, noHemani, noKalikoli, noDara, eyisihlanu onke.
Verse 7: Amadodana kaKarmi: ngo-Akari, umhluphi ka-Israyeli, owenza isiphambeko ngokuqalekisiweyo.
Verse 8: Amadodana ka-Ethani: ngu-Azariya.
Verse 9: Amadodana kaHesironi awazalelwayo: ngoJerameli, noRamu, noKelubayi.
Verse 10: URamu wazala u-Aminadaba; u-Aminadaba wazala uNaheshoni, isikhulu sabantwana bakwaJuda;
Verse 11: uNaheshoni wazala uSalima; uSalima wazala uBowazi;
Verse 12: uBowazi wazala u-Obede; u-Obede wazala uJese.
Verse 13: UJese wazala izibulo lakhe u-Eliyabi, no-Abinadaba owesibili, noShimeya owesithathu,
Verse 14: noNethaneli owesine, noRadayi owesihlanu,
Verse 15: no-Osemi owesithupha, noDavide owesikhombisa;
Verse 16: odadewabo: ngoSeruya no-Abigayili. Amadodana kaSeruya: ngo-Abishayi, noJowabe, no-Asaheli, emathathu.
Verse 17: U-Abigayili wazala u-Amasa; uyise ka-Amasa wayenguJetheri umIshmayeli.
Verse 18: UKalebi indodana kaHesironi wazala ku-Azuba umkakhe nakuJeriyoti; amadodana akhe: ngoJesheri, noShobabi, no-Aridoni.
Verse 19: Wafa u-Azuba; uKalebi wathatha u-Efrati, owamzalela uHure.
Verse 20: UHure wazala u-Uri; u-Uri wazala uBesaleli.
Verse 21: Ngasemuva uHesironi wangena kuyo indodakazi kaMakiri uyise kaGileyadi; wamthatha eseneminyaka engamashumi ayisithupha; wamzalela uSegubi.
Verse 22: USegubi wazala uJayire, owayenemizi engamashumi amabili nantathu ezweni lakwaGileyadi.
Verse 23: OGeshuri no-Aramu babaphuca imizi kaJayirem, kanye neKhenati nemizi yalo, imizi engamashumi ayisithupha. Bonke labo babe ngamadodana kaMakiri uyise kaGileyadi.
Verse 24: Emva kokuba esefile uHesironi eKalebi Efratha, u-Abiya, umkaHesironi, wamzalela u-Ashuri uyise kaThekhowa.
Verse 25: Amadodana kaJerameli, izibulo likaHesironi, ayenguRamu izibulo, noBuna, no-Oreni, no-Osemi, no-Ahiya.
Verse 26: UJerameli wayenomunye umfazi ogama lakhe lalingu-Athara; wayengunina ka-Onamu.
Verse 27: Amadodana kaRamu, izibulo likaJerameli, ayengoMahasi, noJamini, no-Ekheri.
Verse 28: Amadodana ka-Onamu ayengoShamayi noJada; amadodana kaShamayi: ngoNadabi no-Abishuri.
Verse 29: Igama lomka-Abishuri lalingu-Abihayili; wamzalela o-Ahibani noMolidi.
Verse 30: Amadodana kaNadabi: ngoSeledi no-Aphayimi; kepha uSeledi wafa engenabantwana.
Verse 31: Amadodana ka-Aphayimi: ngu-Ishi; amadodana ka-Ishi: nguSheshani; amadodana kaSheshani: ngu-Ahilayi.
Verse 32: Amadodana kaJada umfowabo kaShamayi: ngoJetheri noJonathani; uJetheri wafa engenabantwana.
Verse 33: Amadodana kaJonathani: ngoPheleti noZaza. Labo babe ngamadodana kaJerameli.
Verse 34: Kepha uSheshani wayengenamadodana, enamadodakazi odwa. USheshani wayenenceku, eyaseGibithe, egama layo lalinguJariha.
Verse 35: USheshani wanika uJariha inceku yakhe indodakazi yakhe ibe ngumkakhe; wamzalela u-Athayi.
Verse 36: U-Athayi wazala uNathani; uNathani wazala uZabadi;
Verse 37: uZabadi wazala u-Efilali; u-Efilali wazala u-Obede;
Verse 38: u-Obede wazala uJehu; uJehu wazala u-Azariya;
Verse 39: u-Azariya wazala uHelesi; uHelesi wazala u-Eleyasa;
Verse 40: u-Eleyasa wazala uSisamayi; uSisamayi wazala uShalumi;
Verse 41: uShalumi wazala uJekamiya; uJekamiya wazala u-Elishama.
Verse 42: Amadodana kaKalebi umfowabo kaJerameli: nguMesha izibulo lakhe, owayenguyise kaZifi, namadodana kaMaresha, uyise kaHebroni.
Verse 43: Amadodana kaHebroni: ngoKora, noTaphuwa, noRekemi, noShema.
Verse 44: UShema wazala uRahamu uyise kaJorikeyamu; uRekemi wazala uShamayi.
Verse 45: Indodana kaShamayi: nguMahoni; uMahoni wayenguyise kaBeti Suri.
Verse 46: U-Efa, isancinza sikaKalebi, wazala oHarana, noMosa, noGazezi; uHarana wazala uGazezi.
Verse 47: Amadodana kaJadayi: ngoRegemi, noJothamu, noGeshani, noPheleti, no-Efa, noShahafi.
Verse 48: UMahakha, isancinza sikaKalebi, wazala oSheberi noThirihana.
Verse 49: Wazala noShahafi uyise kaMadimana, noSheva uyise kaMakibena, noyise kaGibeya; indodakazi kaKalebi yayingu-Akisa.
Verse 50: Laba babe ngamadodana kaKalebi: amadodana kaHure izibulo lika-Efratha: nguShobali uyise kaKiriyati Jeharimi,
Verse 51: noSalima uyise kaBetlehema, noHarefi uyise kaBeti Gaderi.
Verse 52: NoShobali uyise kaKiriyati Jeharimi wayenamadodana: nguHarowe nenxenye kaMenuhoti.
Verse 53: Imindeni kaKiriyati Jeharimi yayingamaJetheri, namaPhuthi, namaShumati, namaMishirayiti; kubona kwavela amaSorati nama-Eshitawoli.
Verse 54: Amadodana kaSalima: nguBetlehema, namaNethofa, no-Atharoti BetiJowabe, nenxenye yamaManahati, amaSori.
Verse 55: Imindeni yababhali ababehlala eJabesi: ngamaThirati, namaShimeyati, namaSukati. Labo babe ngamaKheni avela kuHamati uyise wendlu kaRekabi.