Verse 1: Nampa abantwana bakwa-Israyeli ngomumo wabo, izinhloko zawoyise, nezinduna zezinkulungwane nezamakhulu, nezinduna zabo ezazikhonza inkosi kukho konke okwezigaba, ezazingena, ziphuma inyanga ngenyanga ezinyangeni zonke zomnyaka; kuleso naleso sigaba zazikhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.
Verse 2: Phezu kwesigaba sokuqala ngenyanga yokuqala kwakunguJashobehamu indodana kaZabidiyeli; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.
Verse 3: Wayengowabantwana bakwaPheresi, inhloko yazo zonke izinduna zempi ngenyanga yokuqala.
Verse 4: Phezu kwesigaba senyanga yesibili kwakunguDodayi umAhohi nesigaba sakhe; kwakukhona nombusi uMikiloti; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.
Verse 5: Induna yesithathu yempi ngenyanga yesithathu kwakunguBenaya indodana kaJehoyada umpristi, inhloko; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.
Verse 6: Nguye lowo Benaya owayeyiqhawe labangamashumi amathathu nowayephezu kwamashumi amathathu; owesigaba sakhe kwakungu-Amizabadi indodana yakhe.
Verse 7: Eyesine ngenyanga yesine kwakungu-Asaheli umfowabo kaJowabe noZebadiya indodana yakhe emva kwakhe; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.
Verse 8: Eyesihlanu ngenyanga yesihlanu kwakunguShamhuti umJizirahi; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.
Verse 9: Eyesithupha ngenyanga yesithupha kwakungu-Ira indodana ka-Ikheshi waseThekhowa; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.
Verse 10: Eyesikhombisa ngenyanga yesikhombisa kwakunguHelesi umPheloni wabantwana bakwa-Efrayimi; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.
Verse 11: Eyesishiyagalombili ngenyanga yesishiyagalombili kwakunguSibekayi umHushati kumaZera; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.
Verse 12: Eyesishiyagalolunye ngenyanga yesishiyagalolunye kwakungu-Abiyezeri umAnathoti wabakwaBenjamini; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.
Verse 13: Eyeshumi ngenyanga yeshumi kwakunguMaharayi waseNethofa kumaZera; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.
Verse 14: Eyeshumi nanye ngenyanga yeshumi nanye kwakunguBenaya umPirathoni wabantwana bakwa-Efrayimi; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.
Verse 15: Eyeshumi nambili ngenyanga yeshumi nambili kwakunguHelidayi waseNethofa ka-Otheniyeli; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.
Verse 16: Phezu kwezizwe zakwa-Israyeli kwakuyilaba: kwabakwaRubeni u-Eliyazeri indodana kaZikiri wayengumbusi; kwabakwaSimeyoni nguShefathiya indodana kaMahakha;
Verse 17: kuLevi nguHashabiya indodana kaKemuweli; ku-Aroni nguSadoki;
Verse 18: kuJuda ngu-Elihu wabafowabo bakaDavide; ku-Isakare ngu-Omri indodana kaMikayeli;
Verse 19: kuZebuloni ngu-Ishmaya indodana ka-Obadiya; kuNafetali nguJeremoti indodana ka-Aziriyeli;
Verse 20: kubantwana bakwa-Efrayimi nguHosheya indodana ka-Azaziya; enxenyeni yesizwe sakwaManase nguJoweli indodana kaPhedaya;
Verse 21: enxenyeni kaManase wakwaGileyadi ngu-Ido indodana kaZakariya; kuBenjamini nguJahasiyeli indodana ka-Abineri;
Verse 22: kuDani ngu-Azareli indodana kaJerohamu. Yilabo ababe yizinduna zezizwe zakwa-Israyeli.
Verse 23: Kepha uDavide akabalanga umumo waba neminyaka engamashumi amabili nabangaphansi, ngokuba uJehova wayeshilo ukuthi uyakwandisa u-Israyeli ukuba abe ngangezinkanyezi zezulu.
Verse 24: UJowabe indodana kaSeruya waqala ukubala, kepha akaqedanga; kwaba khona ulaka ngalokho phezu kuka-Israyeli, nomumo awufakwanga encwadini yezindaba zemihla ngemihla yenkosi uDavide.
Verse 25: U-Azimaveti indodana ka-Adiyeli wayephethe ingcebo yenkosi; uJonathani indodana ka-Uziya wayephethe izinto emasimini, nasemizini, nasemizaneni, nasezinqabeni;
Verse 26: u-Eziri indodana kaKelubi wayephethe abenza umsebenzi wasendle wokulima umhlabathi;
Verse 27: uShimeyi waseRama wayephethe izivini; uZabidi waseShefamu wayephethe iwayini elibekelelweyo lithathwe ezivinini;
Verse 28: uBali Hanani umGederi wayephethe iminqumo nemikhiwane eyayisehlanzeni; uJowashi wayephethe imigodi yamafutha;
Verse 29: imihlambi eyayiklaba eSharoni yayiphethwe nguShitirayi umSharoni, nemihlambi eyayisezigodini yayiphethwe nguShafati indodana ka-Adilayi;
Verse 30: u-Obili wakwa-Ishmayeli wayephethe amakamela; uJehedeya umMeronoti wayephethe izimbongolo;
Verse 31: uJazizi umHagiri wayephethe izimvu. Bonke labo babe yizinduna zemfuyo yenkosi uDavide.
Verse 32: UJonathani, uyisekazi kaDavide, wayengumluleki, wayengumuntu ohlakaniphileyo nombhali; uJehiyeli indodana kaHakimoni wayenamadodana enkosi;
Verse 33: u-Ahithofeli wayengumluleki wenkosi; uHushayi umArki wayengumngane wenkosi;
Verse 34: emva kuka-Ahithofeli kwakunguJehoyada indodana kaBenaya no-Abiyathara; uJowabe wayeyinduna yempi yenkosi.