Verse 1: Amadodana ka-Isakare: ngoThola, noPhuwa, noJashubi, noShimroni, bebane.
Verse 2: Amadodana kaThola: ngo-Uzi, noRefaya, noJeriyeli, noJahemayi, no-Ibisamu, noShemuweli, izinhloko zezindlu zawoyise, abakwaThola, amaqhawe anamandla ngezizukulwane zawo; umumo wawo ngezinsuku zikaDavide wawuyizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili namakhulu ayisithupha.
Verse 3: Amadodana ka-Uzi: nguJizirahiya; amadodana kaJizirahiya: ngoMikayeli, no-Obadiya, noJoweli, noJishiya, beyisihlanu, beyizinhloko bonke.
Verse 4: Kanye nawo kwakukhona ngezizukulwane zawo ngezindlu zawoyise amaviyo empi yokulwa, abayizinkulungwane ezingamashumi amathathu nesithupha, ngokuba babe nabafazi abaningi namadodana amaningi.
Verse 5: Abafowabo kuyo yonke imindeni ka-Isakare, amaqhawe anamandla, babe yizinkulungwane ezingamashumi ayisishiyagalombili nesikhombisa, bebhalwe bonke ngezizukulwane zabo.
Verse 6: Amadodana kaBenjamini: ngoBela, noBekeri, noJediyayeli, bebathathu.
Verse 7: Amadodana kaBela: ngo-Esiboni, no-Uzi, no-Uziyeli, noJerimoti, no-Iri, beyisihlanu, izinhloko zezindlu zawoyise, amaqhawe anamandla, beyizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili namashumi amathathu nane, bebhalwe ngezizukulwane zabo.
Verse 8: Amadodana kaBekeri: ngoZemira, noJowashi, no-Eliyezeri, no-Eliyohenayi, no-Omri, noJeremoti, no-Abiya, no-Anathoti, no-Alemeti. Bonke labo babe ngamadodana kaBekeri.
Verse 9: Babhalwa ngezizukulwane zabo, beyizinhloko zezindlu zawoyise, amaqhawe anamandla, beyizinkulungwane ezingamashumi amabili namakhulu amabili.
Verse 10: Amadodana kaJediyayeli: nguBilihani; amadodana kaBilihani: ngoJewushe, noBenjamini, no-Ehudi, noKhenahana, noZethani, noTharishishi, no-Ahishahari.
Verse 11: Bonke labo babe ngamadodana kaJediyayeli ngezinhloko zezindlu zawoyise, amaqhawe anamandla, beyizinkulungwane eziyishumi nesikhombisa namakhulu amabili abangaphuma impi ukuyokulwa.
Verse 12: OShuphimi noHuphimi babe ngamadodana ka-Iri; uHushimi wayeyindodana ka-Aheri.
Verse 13: Amadodana kaNafetali: ngoJasiyeli, noGuni, noJeseri, noShalumi, amadodana kaBiliha.
Verse 14: Amadodana kaManase: ngu-Asiriyeli owamzalelayo umkakhe; isancinza sakhe umAramukazi sazala uMakiri uyise kaGileyadi.
Verse 15: UMakiri wathathela oHuphimi noShuphimi abafazi; igama likadadewabo lalinguMahakha. Igama lowesibili lalinguSelofehadi; uSelofehadi wayenamadodakazi.
Verse 16: UMahakha umkaMakiri wazala indodana, waqamba igama layo ngokuthi uPhereshi; igama lomfowabo lalinguShereshi; amadodana akhe ayengo-Ulamu noRakemi.
Verse 17: Amadodana ka-Ulamu: nguBedani. Labo babe ngamadodana kaGileyadi kaMakiri kaManase.
Verse 18: Udadewabo uHamoleketi wazala o-Ishihodi, no-Abiyezeri, noMahela.
Verse 19: Amadodana kaShemida ayengo-Ahiyani, noShekemi, noLikihi, no-Aniyamu.
Verse 20: Amadodana ka-Efrayimi: ngoShuthela, noBeredi indodana yakhe, noTahati indodana yakhe, no-Eleyada indodana yakhe, noTahati indodana yakhe,
Verse 21: noZabadi indodana yakhe, noShuthela indodana yakhe, no-Ezeri no-Eleyadi ababulawa ngabantu baseGati ababezelwe kulelo zwe, ngokuba behla ukuthatha izinkomo zabo.
Verse 22: U-Efrayimi uyise walila izinsuku eziningi; abafowabo beza ukumduduza.
Verse 23: Wangena kumkakhe; wamitha, wazala indodana, waqamba igama layo ngokuthi uBeriya, ngokuba indlu yakhe yayisengozini.
Verse 24: Indodakazi yakhe yayinguSheyera owakha iBeti Horoni laseNzansi nelaseNhla, ne-Uzeni Sheyera.
Verse 25: URefa wayeyindodana yakhe, noReshefi, noThela indodana yakhe, noThahani indodana yakhe,
Verse 26: noLadani indodana yakhe, no-Amihudi indodana yakhe, no-Elishama indodana yakhe,
Verse 27: noNuni indodana yakhe, noJoshuwa indodana yakhe.
Verse 28: Ifa labo nezindawo zabo zokuhlala kwakuyiBethele nemizana yalo, nangasempumalanga iNaharani, nangasentshonalanga iGezeri nemizana yalo, neShekemi nemizana yalo, kwaze kwaba se-Aya nemizana yalo;
Verse 29: nangasemikhawulweni yabantwana bakwaManase iBeti Sheyani nemizana yalo, neThahanaki nemizana yalo, neMegido nemizana yalo, neDori nemizana yalo. Kuleyo kwahlala abantwana bakaJosefa indodana ka-Israyeli.
Verse 30: Amadodana ka-Asheri: ngoJimna, no-Ishiva, no-Ishivi, noBeriya, kanye noSera udadewabo.
Verse 31: Amadodana kaBeriya: ngoHebere noMalikiyeli owayenguyise kaBirizayiti.
Verse 32: UHebere wazala oJafeleti, noShomeri, noHothamu, noShuwa udadewabo.
Verse 33: Amadodana kaJafeleti: ngoPhasaki, noBimihali, no-Ashivati. Labo babe ngabantwana bakaJafeleti.
Verse 34: Amadodana kaShemeri: ngo-Ahi, noRohiga, noJehuba, no-Aramu.
Verse 35: Amadodana kaHelemi umfowabo: ngoSofa, noJimna, noSheleshi, no-Amali.
Verse 36: Amadodana kaSofa: ngoShuwa, noHarineferi, noShuhali, noBeri, no-Imra,
Verse 37: noBeseri, noHodi, noShama, noShilisha, noJitrani, noBeyera.
Verse 38: Amadodana kaJetheri: ngoJefune, noPhisipha, no-Ara.
Verse 39: Amadodana ka-Ula: ngo-Ara, noHaniyeli, noRisiya.
Verse 40: Bonke labo babe ngabantwana baka-Asheri, izinhloko zezindlu zawoyise, amaqhawe akhethekileyo anamandla, izinhloko zezikhulu. Umumo wabo ubhalwe ngezizukulwane zabo ukuba balwe empini wawungabantu abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nesithupha.