Verse 1: UDavide welulekana nezinduna zezinkulungwane nezamakhulu, nabaholi bonke.
Verse 2: UDavide wathi kulo lonke ibandla lakwa-Israyeli: “Uma kukuhle kini, uma kuvela kuJehova uNkulunkulu wethu, masihlakazeke sithumele kubafowethu abasele ezweni lonke lakwa-Israyeli kanye nabapristi namaLevi emizini yabo enamadlelo ukuba babuthane kithi,
Verse 3: sibuyisele kithi umphongolo kaNkulunkulu wethu, ngokuba asiwufunanga ezinsukwini zikaSawule.”
Verse 4: Lonke ibandla lathi liyakwenze njalo, ngokuba leyo nto yayilungile emehlweni abo bonke abantu.
Verse 5: UDavide wayesebutha wonke u-Israyeli kusukela eSihori laseGibithe kuze kube sekuyeni eHamati ukususa umphongolo kaNkulunkulu eKiriyati Jeharimi.
Verse 6: UDavide wenyukela kanye naye wonke u-Israyeli eBahala, okungukuthi iKiriyati Jeharimi elalingelakwaJuda, ukukhuphula khona umphongolo kaNkulunkulu uJehova ohlezi phezu kwamakherubi, owawubizwa ngegama lakhe.
Verse 7: Bawuhambisa umphongolo kaNkulunkulu ngengqukumbane entsha, bewukhipha endlini ka-Abinadaba; o-Uza no-Ahiyo bashayela ingqukumbane.
Verse 8: UDavide naye wonke u-Israyeli bathokoza ebusweni bukaNkulunkulu ngamandla onke ngamahubo, nangamahabhu, nangezingubhu, nangezigubhu, nangamasimbali, nangamacilongo.
Verse 9: Ekufikeni kwabo esibuyeni sikaKidoni u-Uza welula isandla sakhe ukubamba umphongolo, ngokuba izinkabi zashelela.
Verse 10: Intukuthelo kaJehova yamvuthela u-Uza, wamshaya, ngokuba welulela isandla emphongolweni; wafela khona lapho phambi kukaNkulunkulu.
Verse 11: UDavide wadabuka ngokuba uJehova emhlasele u-Uza, wayibiza leyo ndawo ngokuthi iPheresi-Uza kuze kube namuhla.
Verse 12: UDavide wamesaba uNkulunkulu ngalolo suku; wathi: “Ngizakuletha kanjani umphongolo kaNkulunkulu kimi na?”
Verse 13: UDavide akawuyisanga umphongolo kuye emzini kaDavide, kepha wawubuyisela eceleni endlini ka-Obede Edomi umGiti.
Verse 14: Umphongolo kaNkulunkulu wahlala nabendlu ka-Obede Edomi endlini yakhe izinyanga ezintathu; uJehova wayibusisa indlu ka-Obede Edomi nakho konke anakho.