1 Chronicles - Chapter 16

Verse 1: Bawungenisa umphongolo kaNkulunkulu, bawubeka phakathi netende uDavide ayelimisele wona; banikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula phambi kukaNkulunkulu.

Verse 2: UDavide eseqedile ukunikela ngomnikelo wokushiswa nangeminikelo yokuthula wababusisa abantu egameni likaJehova.

Verse 3: Wabela bonke abantu bakwa-Israyeli, abesilisa nabesifazane, isinkwa saba sinye, nesicubu senyama, nesigaxa sezithelo zomvini ezomileyo.

Verse 4: Wabela amaLevi athile ukukhonza phambi komphongolo kaJehova ukuba amkhumbule, ambonge, amdumise uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli:

Verse 5: ngu-Asafa inhloko nabesigaba sakhe sesibili, oZakariya, noJehiyeli, noShemiramoti, noJehiyeli, noMatithiya, no-Eliyabe, noBenaya, no-Obede Edomi, noJehiyeli, benezingubhu namahabhu, kanye no-Asafa ephethe amasimbali, ewabetha,

Verse 6: noBenaya noJahaziyeli abapristi, benamacilongo njalo phambi komphongolo wesivumelwano sikaNkulunkulu.

Verse 7: Ngalolo suku uDavide wayeseqala ukuhlela ukuba uJehova abongwe ngesandla sika-Asafa nabafowabo.

Verse 8: Bongani uJehova, nibize igama lakhe, nizazise phakathi kwabantu izenzo zakhe.

Verse 9: Hlabelelani kuye, nimhubele, nikhulume ngezimangaliso zakhe zonke.

Verse 10: Zibongeni egameni lakhe elingcwele; mazithokoze izinhliziyo zabamfuna uJehova.

Verse 11: Funani uJehova namandla akhe, nifunisise ubuso bakhe njalo.

Verse 12: Khumbulani izimangaliso zakhe azenzileyo, nezibonakaliso zakhe, nezahlulelo zomlomo wakhe,

Verse 13: nina nzalo ka-Israyeli, inceku yakhe, nina bantwana bakaJakobe, abakhethiweyo bakhe.

Verse 14: Yena unguJehova uNkulunkulu wethu; izahlulelo zakhe zisemhlabeni wonke.

Verse 15: Khumbulani isivumelwano sakhe kuze kube phakade, izwi ayala ngalo izizukulwane eziyinkulungwane,

Verse 16: avumelana kuso no-Abrahama, nesifungo sakhe ku-Isaka;

Verse 17: wasiqinisa kuJakobe, saba ngumthetho, naku-Israyeli, saba yisivumelwano esiphakade,

Verse 18: ethi: “Ngizakukunika izwe laseKhanani libe yisabelo sefa lakho,

Verse 19: lapho naniyingcosana ngomumo, yebo, lapho naniyingcosana, futhi naniyizihambi kulo.”

Verse 20: Bazulazula ezizweni ngezizwe, besuka kulo mbuso, beya kwabanye abantu.

Verse 21: Akavumelanga muntu ukubahlupha, wajezisa amakhosi ngenxa yabo,

Verse 22: ethi: “Ningathinti abagcotshiweyo bami, ningoni abaprofethi bami.”

Verse 23: Hlabelelani kuJehova, mhlaba wonke, nimemeze insindiso yakhe imihla ngemihla.

Verse 24: Landani inkazimulo yakhe phakathi kwabezizwe, izimangaliso zakhe phakathi kwabantu bonke.

Verse 25: Ngokuba mkhulu uJehova, udumisekile kakhulu; uyesabeka phezu kwabo bonke onkulunkulu.

Verse 26: Ngokuba bonke onkulunkulu babezizwe bayizithombe, kepha uJehova walenza izulu.

Verse 27: Udumo nobukhosi kusebusweni bakhe; amandla nokuthokoza kusendaweni yakhe.

Verse 28: Mnikeni uJehova nina mindeni yabantu, mnikeni uJehova inkazimulo namandla.

Verse 29: Mnikeni uJehova inkazimulo yegama lakhe, nilethe umnikelo, nize phambi kwakhe, nikhuleke kuJehova ngobuhle bobungcwele.

Verse 30: Thuthumelani ebusweni bakhe, mhlaba wonke; izwe lihlala liqinile, alinakushukunyiswa.

Verse 31: Malijabule izulu, umhlaba uthokoze; makuthiwe ezizweni: UJehova uyinkosi.

Verse 32: Maluhlokome ulwandle nokugcwala kwalo, amasimu ename nakho konke okukuwo.

Verse 33: Khona imithi yehlathi iyakuhuba ngokujabula ebusweni bukaJehova, ngokuba uyeza ukwahlulela umhlaba.

Verse 34: Bongani uJehova, ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade.

Verse 35: Thanini: “Sisindise, Nkulunkulu wokusindiswa kwethu, usibuthe, usophule kwabezizwe ukuba sidumise igama lakho elingcwele, sethabe ekukudumiseni.”

Verse 36: Makabongwe uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, kusukela phakade kuze kube phakade. Bonke abantu bathi: “Amen,” bamdumisa uJehova.

Verse 37: Wayeseshiya khona ngaphambi komphongolo wesivumelwano sikaJehova u-Asafa nabafowabo ukuba bakhonze phambi komphongolo njalo ngokomsebenzi wemihla ngemihla,

Verse 38: kanye no-Obede Edomi nabafowabo abangamashumi ayisithupha nesishiyagalombili u-Obede Edomi indodana kaJeduthuni noHosa babe ngabalindisango

Verse 39: noSadoki umpristi nabafowabo abapristi ngaphambi kwetabernakele likaJehova endaweni ephakemeyo eyayiseGibeyoni

Verse 40: ukuba banikele njalo ngeminikelo yokushiswa phezu kwe-altare lomnikelo wokushiswa ekuseni nakusihlwa njengakho konke okulotshiweyo emthethweni kaJehova ayala ngawo u-Israyeli,

Verse 41: bekanye nabo oHemani noJeduthuni nensali yabakhethiweyo abakhonjwa ngamagama ukuba bambonge uJehova, ngokuba umusa wakhe umi phakade;

Verse 42: kwakukhona kubo, oHemani noJeduthuni, amacilongo namasimbali alabo abayakuwakhalisa, nezinto zokubethwa kuNkulunkulu; amadodana kaJeduthuni ayengasesangweni.

Verse 43: Base behamba baya, kwaba yilowo nalowo endlini yakhe; uDavide wabuya ukubusisa indlu yakhe.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories