1 Chronicles - Chapter 4

Verse 1: Amadodana kaJuda: ngoPheresi, noHesironi, noKarmi, noHure, noShobali.

Verse 2: URewaya indodana kaShobali wazala uJahati; uJahati wazala o-Ahumayi noLahadi. Leyo yayiyimindeni yamaSorati.

Verse 3: Yilaba abangabakayise ka-Etamu: oJizreyeli, no-Ishima, no-Idibashi, igama likadadewabo lalinguHaseleliponi

Verse 4: noPhenuweli, uyise kaGedori, no-Ezeri, uyise kaHusha. Yilabo ababe ngamadodana kaHure izibulo lika-Efratha, uyise kaBetlehema.

Verse 5: U-Ashuri uyise kaThekhowa wayenabafazi ababili, oHela noNahara.

Verse 6: UNahara wamzalela o-Ahuzamu, noHeferi, noThemeni, noHawahashitari. Yilabo ababe ngamadodana kaNahara.

Verse 7: Amadodana kaHela: ngoSereti, noJisihari, no-Ethinani.

Verse 8: UKhosi wazala o-Anubi, noSobeba, nemindeni ka-Ahariheli indodana kaHarumu.

Verse 9: UJabesi wayetuseka kunabafowabo; unina wamqamba igama lokuthi uJabesi, ethi: “Ngokuba ngamzala ngibuhlungu.”

Verse 10: UJabesi wabiza uNkulunkulu ka-Israyeli, wathi: “Sengathi ungangibusisa nokungibusisa, wandise umkhawulo wami, isandla sakho sibe nami, ungivikele ebubini, ngingehlelwa ngubuhlungu.” UNkulunkulu wamnika akucelayo.

Verse 11: UKelubi umfowabo kaShuba wazala uMehiri owayenguyise ka-Eshitoni.

Verse 12: U-Eshitoni wazala uBeti Rafa, noPhaseya, noThehina uyise ka-Iri Nahashi. Yilabo ababe ngamadodana kaRekha.

Verse 13: Amadodana kaKenazi: ngo-Otheniyeli noSeraya; amadodana ka-Otheniyeli: nguHathati.

Verse 14: UMehonothayi wazala u-Ofira; uSeraya wazala uJowabe uyise wesigodi sabakhandi, ngokuba babe ngabakhandi.

Verse 15: Amadodana kaKalebi indodana kaJefune: ngo-Iru, no-Ela, noNahamu, namadodana ka-Ela, noKenazi.

Verse 16: Amadodana kaJehaleli: ngoZifi, noZifa, noThiriya, no-Asareli.

Verse 17: Amadodana ka-Ezra: ngoJetheri, noMeredi, no-Eferi, noJaloni; wazala oMiriyamu, noShamayi, no-Ishiba uyise ka-Eshitemowa.

Verse 18: Umkakhe umJudakazi wazala uJeredi uyise kaGedori, noHebere uyise kaSoko, noJekuthiyeli uyise kaZanowa. Kepha abanye babe ngamadodana kaBithiya indodakazi kaFaro eyathathwa nguMeredi.

Verse 19: Amadodana omkaHodiya udadewabo kaNahamu ayenguyise kaKeyila umGarimi no-Eshitemowa umMahakha.

Verse 20: Amadodana kaShimoni: ngo-Amnoni, noRina, noBeni Hanani, noThiloni. Amadodana ka-Ishi: ngoZoheti noBeni Zoheti.

Verse 21: Amadodana kaShela indodana kaJuda: ngu-Eri, uyise kaLekha, noLahada uyise kaMaresha, nemindeni yendlu yabaluka ilineni elicolekileyo bendlu ka-Ashibeya,

Verse 22: noJokimi, nabantu baseKhozeba, noJowashi, noSarafi ababebusa kwaMowabi, noJashubi Lehemi. Ngezasendulo kodwa lezi zindaba.

Verse 23: Labo babe ngababumbi nabakhileyo eNethayimi naseGedera; bahlala khona nenkosi ngomsebenzi wayo.

Verse 24: Amadodana kaSimeyoni: ngoNemuweli, noJamini, noJaribi, noZera, noShawule,

Verse 25: noShalumi indodana yakhe, noMibisamu indodana yakhe, noMishima indodana yakhe.

Verse 26: Amadodana kaMishima: ngoHamuweli indodana yakhe, noZakuri indodana yakhe, noShimeyi indodana yakhe.

Verse 27: UShimeyi wayenamadodana ayishumi nesithupha namadodakazi ayisithupha; kepha abafowabo babengenabantwana abaningi, nomndeni wabo awandanga njengabantwana bakwaJuda.

Verse 28: Bahlala eBeri Sheba, naseMolada, naseHasari Shuwali,

Verse 29: naseBiliha, nase-Esemi, naseTholadi,

Verse 30: naseBetuweli, naseHorma, naseSikilagi,

Verse 31: naseBeti Marikaboti, naseHasari Susimi, naseBeti Biri, naseShaharayimi. Yileyo eyayiyimizi yabo kwaze kwabusa uDavide.

Verse 32: Imizana yabo yayiyi-Etamu, ne-Ayini, neRimoni, neThokheni, ne-Ashani, imizi eyisihlanu,

Verse 33: kanye nayo yonke imizana eyayiyizungeza le mizi kwaze kwaba seBali. Lezo zaziyizindawo zabo, bebhalwe ngezizukulwane zabo.

Verse 34: Futhi oMeshobabi, noJamileki, noJosha indodana ka-Amasiya,

Verse 35: noJoweli, noJehu kaJoshibiya kaSeraya ka-Asiyeli,

Verse 36: no-Eliyohenayi, noJahakhoba, noJeshohaya, no-Asaya, no-Adiyeli, noJesimiyeli, noBenaya,

Verse 37: noZiza kaShifi ka-Aloni kaJedaya kaShimri kaShemaya.

Verse 38: Labo ababizwe ngamagama babeyizikhulu emindenini yabo; izindlu zawoyise zanda kakhulu.

Verse 39: Baya ngasekungeneni eGedori ngasohlangothini lwasempumalanga kwesigodi ukufunela izimvu zabo idlelo.

Verse 40: Bafumana idlelo elivundileyo nelihle; izwe lalibanzi nxazombili, lizolile, linokuthula, ngokuba ababehlala khona kuqala babe ngabakwaHamu.

Verse 41: Labo abalotshwe ngamagama bafika ezinsukwini zikaHezekiya inkosi yakwaJuda, bachitha amatende abo namaMehuni afunyanwa khona, bawaqothula kuze kube namuhla, bahlala esikhundleni sabo, ngokuba kwakukhona idlelo lezimvu zabo lapho.

Verse 42: Abanye babo, amadodana kaSimeyoni, abantu abangamakhulu ayisihlanu, baya entabeni yaseSeyiri benezinduna zabo oPhelathiya, noNehariya, noRefaya, no-Uziyeli, amadodana ka-Ishi.

Verse 43: Bachitha insali yama-Amaleki ephunyukileyo, bahlala khona kuze kube namuhla.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories