Verse 1: Nazi izigaba zamadodana ka-Aroni: amadodana ka-Aroni: ngoNadabi, no-Abihu, no-Eleyazare, no-Itamari.
Verse 2: Kepha oNadabi no-Abihu bandulela uyise ukufa, bengenabantwana; ngalokho o-Eleyazare no-Itamari kuphela babe ngabapristi.
Verse 3: ODavide, noSadoki wamadodana ka-Eleyazare, no-Ahimeleki wamadodana ka-Itamari babahlukanisa ngezigaba zabo njengenkonzo yabo.
Verse 4: Kwafunyaniswa emadodaneni ka-Eleyazare amadoda amaningi ayizinhloko kunasemadodaneni ka-Itamari; bahlukaniswa kanje: emadodaneni ka-Eleyazare kwakukhona abayishumi nesithupha abayizinhloko zezindlu zawoyise, nasemadodaneni ka-Itamari babe yisishiyagalombili njengezindlu zawoyise.
Verse 5: Bahlukaniswa ngenkatho, laba nalaba, ngokuba kwakukhona izikhulu zendlu engcwele nezikhulu zikaNkulunkulu emadodaneni ka-Eleyazare nasemadodaneni ka-Itamari.
Verse 6: UShemaya, indodana kaNethaneli, umbhali ongowamaLevi, wabaloba phambi kwenkosi, nezikhulu, noSadoki, nezikhulu, noSadoki umpristi, no-Ahimeleki indodana ka-Abiyathara, nezinhloko zawoyise babapristi namaLevi; enye indlu yawoyise yakhishelwa u-Eleyazare, nenye yakhishelwa u-Itamari.
Verse 7: Inkatho yokuqala yadla uJehoyaribi, neyesibili uJedaya,
Verse 8: neyesithathu uHarimi, neyesine uSehorimi,
Verse 9: neyesihlanu uMalikhiya, neyesithupha uMijamini,
Verse 10: neyesikhombisa uHakhosi, neyesishiyagalombili u-Abiya,
Verse 11: neyesishiyagalolunye uJeshuwa, neyeshumi uShekaniya,
Verse 12: neyeshumi nanye u-Eliyashibi, neyeshumi nambili uJakimi,
Verse 13: neyeshumi nantathu uHupha, neyeshumi nane uJeshebeyabe,
Verse 14: neyeshumi nanhlanu uBiliga, neyeshumi nesithupha u-Imeri,
Verse 15: neyeshumi nesikhombisa uHeziri, neyeshumi nesishiyagalombili uHaphisesi,
Verse 16: neyeshumi nesishiyagalolunye uPhethahiya, neyamashumi amabili uJehezekeli,
Verse 17: neyamashumi amabili nanye uJakini, neyamashumi amabili nambili uGamuli,
Verse 18: neyamashumi amabili nantathu uDelaya, neyamashumi amabili nane uMahaziya.
Verse 19: Lezo zaziyizigaba zabo njengenkonzo yabo ukuba bangene endlini kaJehova njengomthetho ababewunikwe ngesandla sika-Aroni uyise, njengalokho uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ebemyalile.
Verse 20: Abaseleyo emadodaneni kaLevi babe yilaba: emadodaneni ka-Amramu nguShubayeli; emadodaneni kaShubayeli nguJehedeya.
Verse 21: KuRehabiya: emadodaneni kaRehabiya: nguJishiya inhloko.
Verse 22: KumaJisihari: nguShelomoti; emadodaneni kaShelomoti: nguJahati.
Verse 23: Amadodana kaHebroni: nguJeriya inhloko, no-Amariya owesibili, noJahaziyeli owesithathu, noJekameyamu owesine.
Verse 24: Amadodana ka-Uziyeli: nguMika; emadodaneni kaMika: nguShamiri.
Verse 25: Umfowabo kaMika: nguJishiya; emadodaneni kaJishiya: nguZakariya.
Verse 26: Amadodana kaMerari: ngoMaheli noMushi; amadodana kaJahaziya: nguBeno.
Verse 27: Amadodana kaMerari: ngoJahaziya, noBeno, noShohamu, noZakuri, no-Ibiri.
Verse 28: KuMaheli: ngu-Eleyazare, owayengenabantwana.
Verse 29: KuKishi, kungamadodana kaKishi: nguJerameli.
Verse 30: Amadodana kaMushi: ngoMaheli, no-Edere, noJerimoti. Yilabo ababe ngamadodana amaLevi ngezindlu zawoyise.
Verse 31: Nalabo benza inkatho njengabafowabo, amadodana ka-Aroni, ebusweni bukaDavide inkosi, noSadoki, no-Ahimeleki, nezinhloko zawoyise babapristi namaLevi, inhloko yawoyise njengomfowabo omncane.