Verse 1: Amadodana kaLevi: ngoGereshoni, noKohati, noMerari.
Verse 2: Amadodana kaKohati: ngo-Amramu, noJisihari, noHebroni, no-Uziyeli.
Verse 3: Abantwana bakwa-Amramu: ngo-Aroni, noMose, noMiriyamu. Amadodana ka-Aroni: ngoNadabi, no-Abihu, no-Eleyazare, no-Itamari.
Verse 4: U-Eleyazare wazala uFinehasi; uFinehasi wazala u-Abishuwa;
Verse 5: u-Abishuwa wazala uBuki; uBuki wazala u-Uzi;
Verse 6: u-Uzi wazala uZeraya; uZeraya wazala uMerayoti;
Verse 7: uMerayoti wazala u-Amariya; u-Amariya wazala u-Ahithubi;
Verse 8: u-Ahithubi wazala uSadoki; uSadoki wazala u-Ahimahasi;
Verse 9: u-Ahimahasi wazala u-Azariya; u-Azariya wazala uJohanani;
Verse 10: uJohanani wazala u-Azariya; nguye owayengumpristi ethempelini elakhiwa nguSolomoni eJerusalema;
Verse 11: u-Azariya wazala u-Amariya; u-Amariya wazala u-Ahithubi;
Verse 12: u-Ahithubi wazala uSadoki; uSadoki wazala uShalumi;
Verse 13: uShalumi wazala uHilikiya; uHilikiya wazala u-Azariya;
Verse 14: u-Azariya wazala uSeraya; uSeraya wazala uJehosadaki;
Verse 15: kepha uJehosadaki wamuka lapho uJehova ethumba uJuda neJerusalema ngesandla sikaNebukadinesari.
Verse 16: Amadodana kaLevi: ngoGereshomu, noKohati, noMerari.
Verse 17: Nanka amagama amadodana kaGereshomu: oLibini noShimeyi.
Verse 18: Amadodana kaKohati: ngo-Amramu, noJisihari, noHebroni, no-Uziyeli.
Verse 19: Amadodana kaMerari: ngoMaheli noMushi. Nansi imindeni yamaLevi njengezindlu zawoyise:
Verse 20: abakwaGereshomu: nguLibini indodana yakhe, noJahati indodana yakhe, noZima indodana yakhe,
Verse 21: noJowa indodana yakhe, no-Ido indodana yakhe, noZera indodana yakhe, noJewatherayi indodana yakhe.
Verse 22: Amadodana kaKohati: ngu-Amindaba indodana yakhe, noKora indodana yakhe, no-Asiri indodana yakhe,
Verse 23: no-Elkana indodana yakhe, no-Ebiyasafa indodana yakhe, no-Asiri indodana yakhe,
Verse 24: noTathi indodana yakhe, no-Uriyeli indodana yakhe, no-Uziya indodana yakhe, noShawule indodana yakhe.
Verse 25: Amadodana ka-Elkana: ngo-Amasayi no-Ahimoti.
Verse 26: U-Elkana-ke, amadodana ka-Elkana: nguSofayi indodana yakhe, noNahati indodana yakhe,
Verse 27: no-Eliyabe indodana yakhe, noJerohamu indodana yakhe, no-Elkana indodana yakhe.
Verse 28: Amadodana kaSamuweli: izibulo nguJoweli, nowesibili ngu-Abiya.
Verse 29: Amadodana kaMerari: ngoMaheli, noLibini indodana yakhe, noShimeyi indodana yakhe, no-Uza indodana yakhe,
Verse 30: noShimeya indodana yakhe, noHagiya indodana yakhe, no-Asaya indodana yakhe.
Verse 31: Nampa uDavide abamisela ukuhola ukuhlabelela endlini kaJehova, umphongolo usubekiwe khona.
Verse 32: Bakhonza ngokuhlabelela phambi kwetabernakele letende lokuhlangana, uSolomoni waze wakha indlu kaJehova eJerusalema. Bema emsebenzini wabo njengomthetho wabo.
Verse 33: Yilaba ababemi namadodana abo: kumadodana amaKohati: nguHemani, umhlabeleli, kaJoweli kaSamuweli
Verse 34: ka-Elkana kaJerohamu ka-Eliyeli kaThowa
Verse 35: kaSufi ka-Elkana kaMahati ka-Amasayi
Verse 36: ka-Elkana kaJoweli ka-Azariya kaZefaniya
Verse 37: kaThati ka-Asiri ka-Ebiyasafa kaKora
Verse 38: kaJisihari kaKohati kaLevi ka-Israyeli;
Verse 39: futhi umfowabo u-Asafa owayemi ngakwesokunene sakhe, u-Asafa kaBerekiya kaShimeya
Verse 40: kaMikayeli kaBahaseya kaNalikhiya
Verse 41: ka-Ethini kaZera ka-Adaya
Verse 42: ka-Ethani kaZima kaShimeyi
Verse 43: kaJahati kaGereshomu kaLevi.
Verse 44: Amadodana kaMerari abafowabo ayengakwesokunene: ngu-Ethani kaKishi ka-Abidi kaMaluki
Verse 45: kaHashabiya ka-Amasiya kaHilikiya
Verse 46: ka-Amisi kaBani kaShemeri
Verse 47: kaMaheli kaMushi kaMerari kaLevi.
Verse 48: Abafowabo amaLevi banikelelwa yonke inkonzo yetabernakele lendlu kaNkulunkulu.
Verse 49: Kepha u-Aroni namadodana akhe bashiya iminikelo e-altare leminikelo yokushiswa nase-altare lempepho, benza nawo wonke umsebenzi wendawo engcwelengcwele, benzela u-Israyeli ukubuyisana njengakho konke ayale ngakho uMose inceku kaNkulunkulu.
Verse 50: Nanka amadodana ka-Aroni: u-Eleyazare indodana yakhe, noFinehasi indodana yakhe, no-Abishuwa indodana yakhe,
Verse 51: noBuki indodana yakhe, no-Uzi indodana yakhe, noZeraya indodana yakhe,
Verse 52: noMerayoti indodana yakhe, no-Amariya indodana yakhe, no-Ahithubi indodana yakhe,
Verse 53: noSadoki indodana yakhe, no-Ahimahasi indodana yakhe.
Verse 54: Lezi ziyizindawo zawo zokuhlala njengamakamu awo emikhawulweni yawo: amadodana ka-Aroni emindeni yamaKohati ngokuba yiwona adliwa yinkatho yokuqala
Verse 55: wona bawanika iHebroni ezweni lakwaJuda namadlelo alizungezayo.
Verse 56: Kodwa amasimu omuzi nemizana yawo bakunika uKalebi, indodana kaJefune.
Verse 57: Banika amadodana ka-Aroni imizi yokuphephela, iHebroni neLibina namadlelo awo, neJatiri, ne-Eshitemowa namadlelo awo,
Verse 58: neHileni namadlelo alo, neDebiri namadlelo alo,
Verse 59: ne-Ashani namadlelo alo, neBetiShemeshi namadlelo alo,
Verse 60: nasesizweni sakwaBenjamini, iGeba namadlelo alo, ne-Alemeti namadlelo alo, ne-Anathoti namadlelo alo. Yonke imizi yawo ngemindeni yawo yayiyimizi eyishumi nantathu.
Verse 61: Amadodana aseleyo kaKohati anikwa ngenkatho emndenini wesizwe, enxenyeni yesizwe, inxenye kaManase, imizi eyishumi,
Verse 62: namadodana kaGereshomu ngemindeni yawo esizweni sakwa-Isakare, nasesizweni sakwa-Asheri, nasesizweni sakwaNafetali, nasesizweni sakwaManase, eBashani, imizi eyishumi nantathu,
Verse 63: namadodana kaMerari ngenkatho ngemindeni yawo esizweni sakwaRubeni, nasesizweni sakwaGadi, nasesizweni sakwaZebuloni imizi eyishumi nambili.
Verse 64: Abantwana bakwa-Israyeli banika amaLevi leyo mizi namadlelo ayo.
Verse 65: Banika ngenkatho leyo mizi ebizwe ngamagama esizweni sabantwana bakwaJuda, nasesizweni sabantwana bakwaSimeyoni, nasesizweni sabantwana bakwaBenjamini.
Verse 66: Eminye imindeni yamadodana kaKohati yayinemizi yemikhawulo yayo esizweni sakwa-Efrayimi.
Verse 67: Bayinika imizi yokuphephela: iShekemi ezintabeni zakwa-Efrayimi namadlelo alo, neGezeri namadlelo alo,
Verse 68: neJokimeyamu namadlelo alo, neBeti Horoni namadlelo alo,
Verse 69: ne-Ajaloni namadlelo alo, neGati Rimoni namadlelo alo,
Verse 70: nasenxenyeni yesizwe sakwaManase i-Anere namadlelo alo, neBileyamu namadlelo alo, ibe ngeyomndeni oseleyo wamadodana kaKohati.
Verse 71: Amadodana kaGereshomu anikwa emndenini wenxenye yesizwe sakwaManase iGolanu, eBashani, namadlelo alo ne-Ashitaroti namadlelo alo;
Verse 72: nasesizweni sakwa-Isakare iKedeshi namadlelo alo, neDaberati namadlelo alo,
Verse 73: neRamoti namadlelo alo, ne-Anemi namadlelo alo;
Verse 74: nasesizweni sakwa-Asheri iMashali namadlelo alo, ne-Abidoni namadlelo alo,
Verse 75: neHukoki namadlelo alo, neRehobe namadlelo alo;
Verse 76: nasesizweni sakwaNafetali iKedeshi eGalile namadlelo alo, neHamoni namadlelo alo, neKiriyatayimi namadlelo alo.
Verse 77: Aseleyo, amadodana kaMerari, anikwa esizweni sakwaZebuloni iRimono namadlelo alo neGhabori namadlelo alo,
Verse 78: naphesheya kweJordani ngaseJeriko ngasempumalanga kwaseJordani esizweni sakwaRubeni iBeseri ehlane namadlelo alo, neJahasa namadlelo alo,
Verse 79: neKedemoti namadlelo alo, neMefahati namadlelo alo;
Verse 80: nasesizweni sakwaGadi iRamoti kwaGileyadi namadlelo alo, neMahanayimi namadlelo alo,
Verse 81: neHeshiboni namadlelo alo, neJazeri namadlelo alo.