Verse 1: Nampa abafika kuDavide eSikilagi esagogobele ebusweni bukaSawule indodana kaKishi; babe phakathi kwamaqhawe, abasizi bakhe empini.
Verse 2: Babehlomile iminsalo, besebenzisa isandla sokunene nesokhohlo ekuphonseni amatshe nasekucibisheleni imicibisholo ngomnsalo; ababe kubafowabo bakaSawule kwaBenjamini kwakuyilaba:
Verse 3: inhloko u-Ahiyezeri noJowashi amadodana kaShemaha waseGibeya, noJeziyeli noPheleti amadodana ka-Azimaveti, noBerakha, noJehu wase-Anathoti,
Verse 4: no-Ishmaya waseGibeyoni, iqhawe phakathi kwabangamashumi amathathu, ebaphethe abangamashumi amathathu, noJeremiya, noJahaziyeli, noJohanani, noJozabadi waseGedera,
Verse 5: no-Eluzayi, noJerimoti, noBehaliya, noShemariya, noShefathiya umHarufi,
Verse 6: no-Elkana, noJishiya, no-Azareli, noJohezeri, noJashobehamu, amaKora,
Verse 7: noJowela noZebadiya, amadodana kaJerohamu waseGedori.
Verse 8: KwabakwaGadi abanye bazahlukanisa baya kuDavide enqabeni ehlane, amaqhawe anamandla, abantu abazilungiselele ukulwa, abakwazi ukuphatha isihlangu nomkhonto, ababuso babo bafana nobuso bezingonyama, abanejubane njengezinsephe ezintabeni:
Verse 9: ngu-Ezeri inhloko, no-Obadiya owesibili, no-Eliyabe owesithathu,
Verse 10: noMishimana owesine, noJeremiya owesihlanu,
Verse 11: no-Athayi owesithupha, no-Eliyeli owesikhombisa,
Verse 12: noJohanani owesishiyagalombili, no-Elizabadi owesishiyagalolunye,
Verse 13: noJeremiya oweshumi, noMakibanayi oweshumi nanye.
Verse 14: Lawo madodana kaGadi ayeyizinhloko zempi; encinyane kuwo yayilingana nekhulu, yalingana nenkulungwane.
Verse 15: Yilabo ababewela iJordani ngenyanga yokuqala, ligcwele liphuphuma zonke izingu zalo; baxosha bonke abasezigodini ngasempumalanga nangasentshonalanga.
Verse 16: Kwafika nabantwana bakwaBenjamini noJuda enqabeni kuDavide.
Verse 17: UDavide waphuma ukubahlangabeza, wathatha, wathi kubo: �Uma nize nokuthula kimi ukungisiza, inhliziyo yami iyakuba nye nani, kepha uma kungukungikhohlisa ezitheni zami, lokhu kungekho okubi ezandleni zami, uNkulunkulu wawobaba makakubheke, akujezise.�
Verse 18: Kwase kwehla umoya phezu kuka-Amasayi owayeyinhloko yabangamashumi amathathu, wathi: �Singabakho thina, Davide, sinawe, wena ndodana kaJese; ukuthula, ukuthula makube nawe, ukuthula makube nabakusizayo, ngokuba uNkulunkulu wakho uyakusiza.� Wayesebamukela uDavide, wabenza izinhloko zeviyo.
Verse 19: Kwafika abanye kwabakwaManase kuDavide, lapho efika namaFilisti ukulwa noSawule, kepha abawasizanga, ngokuba izinduna zamaFilisti sezilulekene zammukisa, zathi: �Uyakuhlubukela enkosini yakhe uSawule, amakhanda ethu abe sengozini.�
Verse 20: Ekuyeni kwakhe eSikilagi kwahlubukela kuye kwabakwaManase o-Adina, noJozabadi, noJediyayeli, noMikayeli, noJozabadi, no-Elihu, noSilethayi, izinhloko zezinkulungwane zabakwaManase.
Verse 21: Bamsiza uDavide eviyweni, ngokuba babe ngamaqhawe anamandla bonke, beyizinduna zempi.
Verse 22: Ngokuba imihla ngemihla bafika kuDavide ukumsiza, kwaze kwaba yimpi enkulu njengempi kaNkulunkulu.
Verse 23: Nazi izibalo zezinhloko zababehlomele ukulwa abeza kuDavide eHebroni ukuba baguqulele umbuso kaSawule kuye njengezwi likaJehova.
Verse 24: Abantwana bakwaJuda ababephethe izihlangu nemikhonto babeyizinkulungwane eziyisithupha namakhulu ayisishiyagalombili, behlomele ukulwa.
Verse 25: Kubantwana bakwaSimeyoni amaqhawe anamandla okulwa yizinkulungwane eziyisikhombisa nekhulu.
Verse 26: Kubantwana bakwaLevi yizinkulungwane ezine namakhulu ayisithupha.
Verse 27: UJehoyada wayengumholi wakwa-Aroni, enezinkulungwane ezintathu namakhulu ayisikhombisa,
Verse 28: noSadoki insizwa eyiqhawe elinamandla, nasendlini kayise izinduna ezingamashumi amabili nambili.
Verse 29: Kubantwana bakwaBenjamini, abafowabo bakaSawule, yizinkulungwane ezintathu, ngokuba kuze kube manje imvama yabo yayithembekile endlini kaSawule.
Verse 30: Kubantwana bakwa-Efrayimi yizinkulungwane ezingamashumi amabili namakhulu ayisishiyagalombili, amaqhawe anamandla, abantu abanegama ezindlini zawoyise.
Verse 31: Kuyo inxenye yesizwe sakwaManase yizinkulungwane eziyishumi nesishiyagalombili, ezabizwa ngamagama ukuba zize zimbeke uDavide inkosi.
Verse 32: Kubantwana bakwa-Isakare ngabazi ukuqonda izikhathi ukuba bazi okufanele ukwenziwa ngu-Israyeli; izinhloko zabo zazingamakhulu amabili; bonke abafowabo balalela izwi labo.
Verse 33: KuZebuloni abangaphuma impi, bayihlele impi benezikhali zonke zokulwa, yizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu, bezihlela nganhliziyonye.
Verse 34: KuNafetali yizinduna eziyinkulungwane, zinezinkulungwane ezingamashumi amathathu nesikhombisa eziphethe isihlangu nomkhonto.
Verse 35: KwabakwaDani abangahlela impi yizinkulungwane ezingamashumi amabili nesishiyagalombili namakhulu ayisithupha.
Verse 36: Ku-Asheri abangaphuma impi, bayihlele impi, yizinkulungwane ezingamashumi amane.
Verse 37: Ngaphesheya kweJordani kwabakwaGadi nasenxenyeni yesizwe sakwaManase, benezikhali zonke zempi zokulwa, yizinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili.
Verse 38: Onke lawo madoda empi, angahlela impi, afika eHebroni ngezinhliziyo ezipheleleyo ukubeka uDavide inkosi kwa-Israyeli; nabo bonke abaseleyo bakwa-Israyeli babenhliziyonye ukumbeka uDavide inkosi.
Verse 39: Babe lapho noDavide izinsuku ezintathu, bedla, bephuza, ngokuba abafowabo babebalungisele.
Verse 40: Ababe seduze nabo kuze kube kwa-Isakare, nakwaZebuloni, nakwaNafetali baletha isinkwa ngezimbongolo, nangamakamela, nangeminyuzi, nangezinkabi, nokudla kwempuphu, nezigaxa zamakhiwane, nezigaxa zezithelo zomvini ezomileyo, newayini, namafutha, nezinkabi, nezimvu eziningi, ngokuba kwakukhona ukuthokoza kwa-Israyeli.