1 Chronicles - Chapter 20

Verse 1: Emva komnyaka ngesikhathi sokuhlasela kwamakhosi, uJowabe wahola amaqhawe empi, wachitha izwe labantwana bakwa-Amoni, weza wavimbezela iRaba; kepha uDavide wahlala eJerusalema. UJowabe walinqoba iRaba, walidiliza.

Verse 2: UDavide wathatha umqhele wenkosi yabo ekhanda layo, wafumana isisindo sawo ukuthi sasiyitalenta legolide, itshe eliyigugu likuwo; wabekwa ekhanda likaDavide; wakhipha emzini impango eningi kakhulu.

Verse 3: Wakhipha nabantu ababe phakathi kwawo, wabanquma ngamasaha, nangezibhuqo zensimbi, nangamazembe; wenze njalo uDavide kuyo yonke imizi yabantwana bakwa-Amoni. UDavide nabo bonke abantu babuyela eJerusalema.

Verse 4: Emva kwalokho kwavuka impi namaFilisti eGezeri; khona uSibekayi, umHushati, wabulala uSiphayi wamadodana amaRefa; anqotshwa.

Verse 5: Kwabuye kwaba khona impi namaFilisti; u-Elihanani, indodana kaJayire, wabulala uLahimi umfowabo kaGoliyati, umGiti, oluthi lomkhonto wakhe lwalunjengogongolo lomaluki.

Verse 6: Kwabuye kwaba khona impi eGati, lapho kwakukhona umuntu omude; iminwe yakhe nezinzwani zakhe kwakungamashumi amabili nane, isithupha esandleni sisinye, nesithupha onyaweni lulunye; naye wazalwa yiRefa.

Verse 7: Wameyisa u-Israyeli; ngalokho uJonathani indodana kaShimeya umfowabo kaDavide wambulala.

Verse 8: Labo bazalwa ngamaRefa eGati, bawa ngesandla sikaDavide nangesandla sezinceku zakhe.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories