Verse 1: UHiramu inkosi yaseTire wathuma izithunywa kuDavide, nemisedari, nabakhi, nababazi ukuba bamakhele indlu.
Verse 2: UDavide waqonda ukuthi uJehova wayemmisile impela ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli, ngokuba umbuso wakhe waphakanyiselwa phezulu ngenxa yabantu bakhe u-Israyeli.
Verse 3: UDavide wathatha abanye abafazi eJerusalema, uDavide wazala amanye amadodana namadodakazi.
Verse 4: Nanka amagama abantwana ayenabo eJerusalema: oShamuvwa, noShobabi, noNathani, noSolomoni,
Verse 5: noJibari, no-Elishuwa, no-Elipheleti,
Verse 6: noNoga, noNefegi, noJafiya,
Verse 7: no-Elishama, noBeyeliyada, no-Elifeleti.
Verse 8: AmaFilisti esezwile ukuthi uDavide ugcotshiwe ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli wonke, onke amaFilisti enyuka ukumfuna uDavide; uDavide wakuzwa, waphuma ukuwahlasela.
Verse 9: AmaFilisti esefikile ukungenela isiGodi samaRefa,
Verse 10: uDavide wabuza kuNkulunkulu, wathi: “Ngenyukele ukuhlasela amaFilisti na? Uyakuwanikela esandleni sami na?” UJehova wathi kuye: “Yenyuka, ngokuba ngiyakuwanikela esandleni sakho.”
Verse 11: Base benyukela eBali Pherasimi, uDavide wawachitha; uDavide wathi: “UNkulunkulu ufohlele izitha zami ngesandla sami njengokufohla kwamanzi.” Ngalokho baqamba igama laleyo ndawo ngokuthi iBali Pherasimi.
Verse 12: Ashiya khona onkulunkulu bawo; uDavide wathi mabashiswe ngomlilo.
Verse 13: AmaFilisti abuye angenela isigodi.
Verse 14: UDavide waphinda wabuza kuNkulunkulu; uNkulunkulu wathi kuye: “Ungenyuki emva kwawo; wagwegwesele, uwafikele malungana namajikijolo.
Verse 15: Kuyakuthi lapho usuzwa umsindo wokuhamba ezihlokweni zamajikijolo, uphume impi, ngokuba uNkulunkulu uphumile ngaphambi kwakho ukuchitha impi yamaFilisti.”
Verse 16: UDavide wenza njengokumyala kukaNkulunkulu, bachitha impi yamaFilisti kusukela eGibeyoni kuze kube seGezeri.
Verse 17: Igama likaDavide laphumela emazweni onke; uJehova wehlisela izizwe zonke ingebhe ngaye.