Verse 1: Laba babe ngamadodana kaDavide azalelwa wona eHebroni: izibulo ngu-Amnoni ku-Ahinohama umHizreyelikazi; owesibili nguDaniyeli ku-Abigayili umKarmelikazi;
Verse 2: owesithathu ngu-Abisalomu indodana kaMahakha indodakazi kaTalimayi inkosi yaseGeshuri; owesine ngu-Adoniya indodana kaHagiti;
Verse 3: owesihlanu nguShefathiya ku-Abithali; owesithupha ngu-Itereyamu ku-Egila umkakhe.
Verse 4: Wazalelwa ayisithupha eHebroni; wabusa khona iminyaka eyisikhombisa nezinyanga eziyisithupha; eJerusalema wabusa iminyaka engamashumi amathathu nantathu.
Verse 5: Yilaba azalelwa bona eJerusalema: ngoShimeya, noShobabi, noNathani, noSolomoni, bebane, kuBati Shuwa indodakazi ka-Amiyeli,
Verse 6: noJibari, no-Elishama, no-Elifeleti,
Verse 7: noNoga, noNefegi, noJafiya,
Verse 8: no-Elishama, no-Eliyada, no-Elifeleti, beyisishiyagalolunye.
Verse 9: Bonke labo babe ngamadodana kaDavide ngaphandle kwamadodana ezancinza; uTamari wayengudadewabo.
Verse 10: Indodana kaSolomoni yayinguRehobowamu; ngu-Abiya indodana yakhe; ngu-Asa indodana yakhe; nguJehoshafati indodana yakhe;
Verse 11: nguJoramu indodana yakhe; ngu-Ahaziya indodana yakhe; nguJowashi indodana yakhe;
Verse 12: ngu-Amasiya indodana yakhe; ngu-Azariya indodana yakhe; nguJothamu indodana yakhe;
Verse 13: ngu-Ahazi indodana yakhe; nguHezekiya indodana yakhe; nguManase indodana yakhe;
Verse 14: ngu-Amoni indodana yakhe; nguJosiya indodana yakhe.
Verse 15: Amadodana kaJosiya: izibulo nguJohanani; owesibili nguJehoyakimi; owesithathu nguSedekiya; owesine nguShalumi.
Verse 16: Amadodana kaJehoyakimi: nguJekoniya indodana yakhe noSedekiya indodana yakhe.
Verse 17: Amadodana kaJekoniya umthunjwa: ngoSheyalitiyeli indodana yakhe,
Verse 18: noMalikiramu, noPhedaya, noShenasari, noJekamiya, noHoshama, noNedabiya.
Verse 19: Amadodana kaPhedaya: ngoZerubabele noShimeyi; amadodana kaZerubabele: ngoMeshulamu noHananiya uShelomiti wayengudadewabo
Verse 20: noHashuba, no-Oheli, noBerekiya, noHasadiya, noJushabi Hesedi, beyisihlanu.
Verse 21: Amadodana kaHananiya: ngoPhelathiya, noJeshaya, namadodana kaRefaya, namadodana ka-Arinani, namadodana ka-Obadiya, namadodana kaShekaniya.
Verse 22: Amadodana kaShekaniya: nguShemaya; amadodana kaShemaya: ngoHathushi, no-Igali, noBariya, noNehariya, noShafati, beyisithupha.
Verse 23: Amadodana kaNehariya: ngo-Eliyohenayi, noHezekiya, no-Azirikamu, bebathathu.
Verse 24: Amadodana ka-Eliyohenayi: ngoHodaviya, no-Eliyashibi, noPhelaya, no-Akubi, noJohanani, noDelaya, no-Anani, beyisikhombisa.