Verse 1: Izigaba zabalindisango zaziyilezi: kumaKorahi: nguMeshelemiya indodana kaKore emadodaneni ka-Asafa.
Verse 2: UMeshelemiya wayenamadodana: nguZakariya izibulo, noJediyayeli owesibili, noZebadiya owesithathu, noJatiniyeli owesine,
Verse 3: no-Elamu owesihlanu, noJehohanani owesithupha, no-Eliyohenayi owesikhombisa.
Verse 4: U-Obede Edomi wayenamadodana: nguShemaya izibulo, noJehozabadi owesibili, noJowa owesithathu, noSakari, owesine, noNethaneli owesihlanu,
Verse 5: no-Amiyeli owesithupha, no-Isakare owesikhombisa, noPhewuletayi owesishiyagalombili, ngokuba uNkulunkulu wambusisa.
Verse 6: Naye uShemaya indodana yakhe wazalelwa amadodana ayebusa indlu kayise, ngokuba ayengamaqhawe anamandla.
Verse 7: Amadodana kaShemaya: ngo-Othini, noRefayeli, no-Obede, no-Elizabadi, nabafowabo ababe ngamadoda anamandla, o-Elihu noSemakiya.
Verse 8: Bonke labo babe ngamadodana ka-Obede Edomi, bona namadodana abo nabafowabo, amadoda aqinileyo anamandla enkonzweni, engamashumi ayisithupha nambili ka-Obede Edomi.
Verse 9: UMeshelemiya wayenamadodana nabafowabo, amadoda anamandla, eyishumi nesishiyagalombili.
Verse 10: Naye uHosa wabantwana bakwaMerari wayenamadodana: nguShimri inhloko noma wayengesilo izibulo, uyise wambeka waba yinhloko
Verse 11: noHilikiya owesibili, noThebaliya owesithathu, noZakariya owesine; onke amadodana nabafowabo bakaHosa babe yishumi nantathu.
Verse 12: Lezo zigaba zabalindisango, izinhloko zabantu, zaba nemfanelo yazo njengabafowabo ukukhonza endlini kaJehova.
Verse 13: Benza inkatho yesango ngesango, omncane njengomkhulu, ngezindlu zawoyise.
Verse 14: Inkatho yasempumalanga yadla uShelemiya. Base benza inkatho ngoZakariya indodana yakhe, umluleki ohlakaniphileyo; wadliwa yinkatho yasenyakatho.
Verse 15: Eyaseningizimu yadla u-Obede Edomi namadodana akhe ukulinda inqolobane,
Verse 16: eyasentshonalanga oShuphimi noHosa ngasesangweni laseShaleketi, ngasemendweni owenyukayo, abalindi ngabalindi.
Verse 17: Ngasempumalanga ayekhona amaLevi ayisithupha, ngasenyakatho emane ngosuku, ngaseningizimu emane ngosuku, nasenqolobaneni emabili ngamabili.
Verse 18: EParibari ngasentshonalanga ayemane emendweni, naseParibari uqobo ayemabili.
Verse 19: Yilezo ezaziyizigaba zabalindisango emadodaneni amaKorahi nasemadodaneni kaMerari.
Verse 20: KumaLevi u-Ahiya wayephethe ingcebo yendlu kaNkulunkulu nengcebo yezinto ezingcwele.
Verse 21: Amadodana kaLadani, amadodana kaGereshoni akwaLadani, izinhloko zawoyise zakwaLadani umGereshoni, amaJehiyeli,
Verse 22: amadodana amaJehiyeli, oZethamu noJoweli umfowabo, ayephethe ingcebo endlini kaJehova.
Verse 23: Kuma-Amramu, nakumaJisihari, nakumaHebroni, nakuma-Uziyeli,
Verse 24: uShebuweli indodana kaGereshomu kaMose wayengumphathisikhwama.
Verse 25: Abafowabo: ku-Eliyezeri: nguRehabiya indodana yakhe, noJeshaya indodana yakhe, noJoramu indodana yakhe, noZikiri indodana yakhe, noShelomoti indodana yakhe.
Verse 26: Yena uShelomoti nabafowabo babephethe yonke ingcebo yezinto ezingcwele ezangcweliswa nguDavide inkosi, nezinhloko zawoyise, nezinduna zezinkulungwane nezamakhulu, nezinduna zempi.
Verse 27: Empini nasempangweni bakungcwelisela ukulungisa indlu kaJehova,
Verse 28: kanye nakho konke uSamuweli umboni, noSawule indodana kaKishi, no-Abineri indodana kaNeri, noJowabe indodana kaSeruya ababekungcwelisile; yilowo nalowo owayengcwelisile okuthile, kwaba phansi kwesandla sikaShelomoti nabafowabo.
Verse 29: KumaJisihari uKhenaniya namadodana akhe babephethe umsebenzi ongaphandle kwa-Israyeli, beyizinduna nabahluleli.
Verse 30: KumaHebroni uHashabiya nabafowabo, amaqhawe anamandla, beyinkulungwane namakhulu ayisikhombisa, babe ngababonisi kwa-Israyeli phesheya kweJordani ngasentshonalanga emsebenzini wonke kaJehova nasenkonzweni yenkosi.
Verse 31: KumaHebroni uJeriya wayeyinhloko, kumaHebroni njengezizukulwane zawo ngezindlu zawoyise. Ngomnyaka wamashumi amane wokubusa kukaDavide kwafunwa, kwafunyanwa phakathi kwawo amaqhawe anamandla eJazeri kwaGileyadi.
Verse 32: Abafowabo, amaqhawe anamandla, babe yizinkulungwane ezimbili namakhulu ayisikhombisa, izinhloko zawoyise, ezenziwa ababonisi phezu kwabakwaRubeni nabakwaGadi nenxenye yesizwe sabakwaManase ezindabeni zonke zikaNkulunkulu nasezindabeni zenkosi.