Verse 1: UDavide nezinduna zempi base bahlukanisela inkonzo amanye amadodana ka-Asafa, nakaHemani, nakaJeduthuni, ayeyakuprofetha ngamahabhu, nangezingubhu, nangamasimbali; umumo wabantu balo msebenzi wenkonzo wawunje:
Verse 2: emadodaneni ka-Asafa: ngoZakuri, noJosefa, noNethaniya, no-Asharela, amadodana ka-Asafa, phansi kwezandla zika-Asafa owaprofetha ngezandla zenkosi.
Verse 3: KuJeduthuni: amadodana kaJeduthuni: ngoGedaliya, noSeri, noJeshaya, noShimeyi, noHashabiya, noMatithiya, bebayisithupha, phansi kwezandla zikayise uJeduthuni owaprofetha ngehabhu ngokubonga nangokudumisa uJehova.
Verse 4: KuHemani: amadodana kaHemani: ngoBukiya, noMathaniya, no-Uziyeli, noShebuweli, noJerimoti, noHananiya, noHanani, no-Eliyatha, noGidaliti, noRomamiti Ezeri, noJoshibekasha, noMaloti, noHothiri, noMahaziyoti;
Verse 5: bonke labo babe ngamadodana kaHemani umboni wenkosi ngamazwi kaNkulunkulu okuphakamisa uphondo lwakhe; uNkulunkulu wamnika uHemani amadodana ayishumi nane namadodakazi amathathu.
Verse 6: Onke lawo ayephansi kwezandla zikayise ekuhlabeleleni endlini kaJehova ngamasimbali, nangezingubhu, nangamahabu enkonzweni yasendlini kaNkulunkulu, o-Asafa noJeduthuni noHemani bephansi kwezandla zenkosi.
Verse 7: Umumo wabo kanye nabafowabo ababefundisiwe ukuhlabelela kuJehova nabayizazi wawungamakhulu amabili namashumi ayisishiyagalombili nesishiyagalombili.
Verse 8: Benza inkatho ngenkonzo, omunye ngomunye, omncane njengomkhulu, isazi nomfundi.
Verse 9: Inkatho yokuqala yadla uJosefa ka-Asafa, neyesibili uGedaliya; yena nabafowabo namadodana akhe babe yishumi nambili;
Verse 10: eyesithathu uZakuri, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
Verse 11: eyesine uJisiri, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
Verse 12: eyesihlanu uNethaniya, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
Verse 13: eyesithupha uBukiya, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
Verse 14: eyesikhombisa uJesharela, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
Verse 15: eyesishiyagalombili uJeshaya, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
Verse 16: eyesishiyagalolunye uMathaniya, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
Verse 17: eyeshumi uShimeyi, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
Verse 18: eyeshumi nanye u-Azareli, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
Verse 19: eyeshumi nambili uHashabiya, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
Verse 20: eyeshumi nantathu uShubayeli, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
Verse 21: eyeshumi nane uMatithiya, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
Verse 22: eyeshumi nanhlanu uJeremoti, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
Verse 23: eyeshumi nesithupha uHananiya, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
Verse 24: eyeshumi nesikhombisa uJoshibekasha, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
Verse 25: eyeshumi nesishiyagalombili uHanani, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
Verse 26: eyeshumi nesishiyagalolunye uMaloti, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
Verse 27: eyamashumi amabili u-Eliyatha, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
Verse 28: eyamashumi amabili nanye uHothiri, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
Verse 29: eyamashumi amabili nambili uGidaliti, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
Verse 30: eyamashumi amabili nantathu uMahaziyoti, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
Verse 31: eyamashumi amabili nane uRomamiti Ezeri, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili.