Verse 1: Buthanani, yebo, buthana, sizwe esingenamahloni,
Verse 2: isimiso singakazali lolo suku ludlula njengamakhoba lungakanehleli ulaka oluvuthayo lukaJehova, lungakafiki phezu kwenu usuku lolaka lukaJehova.
Verse 3: Funani uJehova nina nonke bathobekileyo bomhlaba enisebenzile ukwahlulela kwakhe; funani ukulunga; funani ukuthobeka; mhlawumbe niyakusitshekelwa ngosuku lolaka lukaJehova.
Verse 4: Ngokuba iGaza liyakushiywa, i-Ashikeloni libe yincithakalo; bayakulixosha i-Ashidodi emini, i-Ekroni lisishulwe.
Verse 5: Wo kwabakhileyo ngasogwini lolwandle, isizwe samaKhereti! Izwi likaJehova liphezu kwakho, Khanani, lizwe lamaFilisiti. “Ngiyakukuchitha ukuze kungabikho ohlala khona.”
Verse 6: Ugu lolwandle luyakuba ngamadlelo, lube nemigodi yabelusi nezibaya zezimvu.
Verse 7: Ugu luyakuba ngolwensali yendlu yakwaJuda, yaluse kulo; ezindlini zase-Ashikeloni bayakubuthisa kusihlwa, ngokuba uJehova uNkulunkulu wabo uyakubahambela, abuyise ukuthunjwa kwabo.
Verse 8: “Ngiyizwile inhlamba yakwaMowabi nezithuko zabantwana bakwa-Amoni abathuke ngazo abantu bami, bazikhulisela imikhawulo yabo.
Verse 9: Ngalokho, kuphila kwami,” usho uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Impela uMowabi uyakuba njengeSodoma, nabantwana bakwa-Amoni njengeGomora, izwe lezimbabazane nelemigodi kasawoti nencithakalo yaphakade; insali yabantu bami iyakubaphanga, nabaseleyo besizwe sami bayakudla ifa labo.”
Verse 10: Lokhu kuyakuba sesikhundleni sokuziphakamisa kwabo, ngokuba bathukile, bazikhulisela abantu bakaJehova Sebawoti.
Verse 11: UJehova uyakwesabeka phezu kwabo, ngokuba uyakuzacisa bonke onkulunkulu bomhlaba, bakhuleke kuye, kube yilowo nalowo endaweni yakhe, zonke iziqhingi zezizwe.
Verse 12: “Nani maKushe niyakubulawa ngenkemba yami.”
Verse 13: Uyakwelulela isandla sakhe ngasenyakatho, achithe i-Asiriya, alenze iNineve libe yincithakalo, lome njengehlane.
Verse 14: Imihlambi iyakubuthisa phakathi kwalo, zonke izilwane zesizwe, ivuba nonondwebu kuhlale ebusuku ezihlokweni zezinsika zalo, isikhova sikhale emafasiteleni, kube khona incithakalo emigulugulwini, ngokuba wambulile okwemisedari.
Verse 15: Yiwo umuzi owajabula wahlala ulondekile, owathi enhliziyweni yawo: Mina ngikhona, akakho omunye; yeka ukuphenduka kwawo incithakalo nendawo yokubuthisa kwezilwane! Bonke abadlula kuwo bayakuncimfa, banikine isandla sabo.