Verse 1: Ngakho uma navuswa kanye noKristu, funani okwaphezulu, lapho ekhona uKristu, ehlezi ngakwesokunene sikaNkulunkulu;
Verse 2: nakani okwaphezulu, ninganaki okusemhlabeni.
Verse 3: Ngokuba nafa, ukuphila kwenu kufihliwe noKristu kuNkulunkulu;
Verse 4: nxa ebonakaliswa uKristu ongukuphila kwethu, khona-ke nani niyakubonakaliswa kanye naye ekukhazimuleni.
Verse 5: Ngakho-ke bulalani amalungu enu asemhlabeni, ubufebe, nokungcola, nokuhuheka, nokukhanuka, nesangabe, okungukukhonza izithombe,
Verse 6: okuza ngakho ulaka lukaNkulunkulu,
Verse 7: ekade nihamba kukho nani, lapho nisahlezi kukho;
Verse 8: kepha kalokhu nani manilahle konke lokho, ulaka, nokuthukuthela, nobubi, nokuhlambalaza, nokukhuluma amahlazo aphuma emlonyeni wenu;
Verse 9: ningaqambelani amanga, lokhu nikhumule umuntu omdala kanye nezenzo zakhe,
Verse 10: nembethe omusha, owenziwa musha abe nokwazi ngokomfanekiso walowo owamdalayo,
Verse 11: lapho kungekho mGreki namJuda, ukusoka nokungasoki, owezizwe noma umSkithe, isigqila noma okhululekileyo, kepha uKristu uyikho konke, ukubo bonke.
Verse 12: Ngakho-ke njengabakhethiweyo bakaNkulunkulu, abangcwele nabathandekayo, yembathani ububele benhliziyo, nesisa, nokuzithoba, nobumnene, nokubheka kade,
Verse 13: nibekezelelane, nithethelelane, uma umuntu enensolo komunye; njengokuba neNkosi yanithethelela, yenzani njalo nani.
Verse 14: Kepha phezu kwakho konke lokho yembathani uthando oluyisibopho sokuphelela.
Verse 15: Ukuthula kukaKristu makubuse ezinhliziyweni zenu, enabizelwa futhi kukho emzimbeni munye; futhi yibani ngababongayo.
Verse 16: Izwi likaKristu alihlale phakathi kwenu, livame, nifundisane ngokuhlakanipha konke, niyalane ngamahubo, nangezihlabelelo, nangamaculo okomoya, nimhubele uNkulunkulu ezinhliziyweni zenu ngokubonga.
Verse 17: Konke enikwenzayo, noma kungezwi noma kungomsebenzi, kwenzeni konke egameni leNkosi uJesu, nimbonge uNkulunkulu uYise ngaye.
Verse 18: Bafazi, thobelani amadoda enu njengokufanele eNkosini.
Verse 19: Madoda, thandani omkenu, ningabacasukeli.
Verse 20: Bantwana, lalelani abazali benu ezintweni zonke, ngokuba lokho kuyathandeka eNkosini.
Verse 21: Boyise, ningabathukuthelisi abantwana benu ukuba bangadangali.
Verse 22: Zinceku, lalelani ezintweni zonke labo abangamakhosi enu ngokwenyama, kungengokuthenga amehlo njengabathokozisa abantu kodwa ngobuqotho benhliziyo, niyesabe iNkosi.
Verse 23: Konke enikwenzayo kwenzeni ngenhliziyo, kungathi kwenzelwa iNkosi, qha abantu,
Verse 24: nazi ukuthi niyakwamukela umvuzo wefa eNkosini. Khonzani iNkosi uKristu.
Verse 25: Ngokuba lowo owenza ukungalungi uyakwamukeliswa ukungalungi akwenzileyo; akukho ukukhetha umuntu.