Verse 1: Ngokuba ngiyathanda ukuba nazi ukuthi kukhulu kangakanani ukulwa enginakho ngenxa yenu nabaseLawodikeya nabo bonke abangabonanga ubuso bami ngamehlo,
Verse 2: ukuze izinhliziyo zabo ziduduzwe, behlanganisiwe othandweni babe nengcebo yonke yokwazi okuphelele, bazisise imfihlakalo kaNkulunkulu enguKristu,
Verse 3: okufihlwe kuye amagugu onke okuhlakanipha nowokwazi.
Verse 4: Ngikusho lokhu, ukuze kungabikho muntu onikhohlisa ngamazwi okuyenga.
Verse 5: Ngokuba noma ngingekho ngomzimba, nokho ngikhona kini ngomoya ngithokoza, ngibona inhlelo yenu nokuqina kokukholwa kwenu kuKristu.
Verse 6: Ngakho-ke njengalokho nimamukele uKristu Jesu iNkosi, hambani nikuye,
Verse 7: nigxilile, nakhiwe kuye, niqinisiwe ekukholweni, njengalokho nifundisiwe, nivame ukubonga.
Verse 8: Xwayani funa kube khona onithumbayo ngokuhlakanipha nangenkohliso eyize njengokwemvelo yabantu, njengezifundiso zokucathula kwezwe, kungenjengokukaKristu.
Verse 9: Ngokuba kuhlala kuye ngokomzimba ukugcwala konke kobuNkulunkulu;
Verse 10: nigcwalisiwe kuye, yena oyinhloko yemibuso yonke namandla,
Verse 11: enasokela kuye futhi ngokusoka okungenziwanga ngezandla ngokukhumula umzimba wenyama, ngokusoka kukaKristu;
Verse 12: nimbelwe kanye naye ngombhapathizo, okungawo futhi navuswa kanye naye ngokukholwa ngamandla kaNkulunkulu owamvusa kwabafileyo.
Verse 13: Nani-ke ebenifile ngeziphambeko nangokungasoki kwenyama yenu wanenza nibe ngabaphilayo kanye naye esithethelela zonke izono zethu;
Verse 14: esehlangule incwadi yecala lethu, emelana nathi ngemiyalo yayo, wayeyisusa ngokuyibethela esiphambanweni;
Verse 15: ebaphucile ababusi nabanamandla izikhali wabathela ngehlazo obala, ebanqoba ngaso.
Verse 16: Ngakho makungabikho muntu onilahla ngokudla nesiphuzo, noma ngemikhosi, noma ukwethwasa kwenyanga, noma amasabatha,
Verse 17: okuyisithunzi nje salokhu obekuzakuza; kepha umzimba ngokaKristu.
Verse 18: Makungabikho muntu onamuka umvuzo wenu, othanda ukuzenza othobile ekhonza izingelosi, ephike ngemibono yakhe, ezikhukhumeza ngeze ngengqondo yakhe yenyama,
Verse 19: engabambeleli kuye oyinhloko, okungaye umzimba wonke usizwa, uhlanganiswa ngamalungu nemisipha, ukhula ngokukhula kukaNkulunkulu.
Verse 20: Uma nifile kanye noKristu nakhululwa ezifundisweni zokucathula kwezwe, yini ukuba okungathi nisaphila ngokwezwe nithobele izifundiso zokuthi:
Verse 21: “Ungaphathi, ungezwa ngolimi, ungathinti,”
Verse 22: okuphela konke ngokudliwa ngokweziyalezo nezifundiso zabantu
Verse 23: ezinegama lokuhlakanipha kambe ngokuzikhethela inkonzo, nangokuzithoba, nangokuhlupha umzimba; akusizi lutho maqondana nokuzithiba kwenyama.