Joel - Chapter 2

Verse 1: Bethani icilongo eSiyoni, nihlabe umkhosi entabeni yami engcwele; mabathuthumele bonke abakhe ezweni, ngokuba luyeza usuku lukaJehova, ngokuba lusondele;

Verse 2: usuku lobumnyama nolwesigayegaye, usuku lwamafu nolobumnyama obukhulu, njengokusa kwenekwe ezintabeni, abantu abaningi abanamandla abangazange babe ngabanjalo kwasendulo, nabangasoze baba ngabanjalo emva kwabo kuze kube naseminyakeni yezizukulwane ngezizukulwane.

Verse 3: Phambi kwabo kuyadla umlilo, nasemva kwabo kushisa ilangabi; izwe liphambi kwabo njengensimu yase-Edene, nangasemva kwabo kuyihlane lencithakalo, akukho okubabalekelayo.

Verse 4: Isimo sabo sinjengesimo samahhashi, bagijima njengabamahhashi.

Verse 5: Bangqabashiya ngomsindo wezinqola eziqongweni zezintaba, njengokuchochoza kwelangabi lomlilo elidla amabibi nanjengabantu abanamandla, abahlelelwe ukulwa.

Verse 6: Phambi kwabo abantu bayathuthumela, bonke ubuso buyaphaphatheka.

Verse 7: Bagijima njengamaqhawe, bakhwela ezingangeni njengamadoda empi; bahamba, kube yilowo nalowo ngendlela yakhe, abaphambanisi izindlela zabo.

Verse 8: Abahlohlolozani omunye nomunye; bahamba, kube yilowo nalowo ngendlela yakhe; baziphonsa phakathi kwezikhali, abakhawuli.

Verse 9: Batheleka emzini, bagijima ogangeni; bakhuphukela ezindlini, bangena ngamafasitele njengesela.

Verse 10: Umhlaba uyazamazama phambi kwabo, amazulu ayathuthumela; ilanga nenyanga kuphenduka ubumnyama, nezinkanyezi zisusa ukukhanya kwazo.

Verse 11: UJehova uzwakalisa izwi lakhe phambi kwempi yakhe, ngokuba ibandla lakhe likhulu kakhulu, nowenza izwi lakhe unamandla; yebo, usuku lukaJehova lukhulu, luyesabeka kakhulu; ngubani ongaluthwala na?

Verse 12: “Kepha manje,” usho uJehova, “phendukelani kimi ngenhliziyo yenu yonke, nangokuzila ukudla, nangokukhala, nangokulila.”

Verse 13: Niklebhule inhliziyo yenu, hhayi izingubo zenu, niphendukele kuJehova uNkulunkulu wenu, ngokuba yena unomusa, unobumnene, wephuza ukuthukuthela, unesihe esikhulu, uhawukela nomubi.

Verse 14: Ngubani owaziyo uma engayikubuya, ahawukele, ashiye isibusiso emva kwakhe, kube ngumnikelo wempuphu nomnikelo wokuphuzwa kuJehova uNkulunkulu wenu, na?

Verse 15: Bethani icilongo eSiyoni, ningcwelise ukuzila ukudla, nibize umhlangano;

Verse 16: buthani abantu, ningcwelise ibandla, niqoqe abadala, nibuthe izingane nabancelayo; umyeni makaphume ekamelweni lakhe, nomakoti emgonqweni wakhe.

Verse 17: Abapristi, izikhonzi zikaJehova, mabakhale phakathi kompheme ne-altare, bathi: “Hawukela abantu bakho, Jehova, unganikeli isabelo sakho sibe yinhlamba, ukuze abezizwe bababhinqe; yini ukuba basho phakathi kwabantu, bathi: ‘Uphi uNkulunkulu wabo na?’ ”

Verse 18: UJehova wayesehawukela izwe lakhe, wabahawukela abantu bakhe.

Verse 19: UJehova waphendula, wathi kubantu bakhe: “Bhekani, ngiyakunithumela amabele, newayini, namafutha, nisuthe ngakho, ngingabe ngisanenza inhlamba phakathi kwabezizwe.

Verse 20: “Ngiyakudedisela kude nani owasenyakatho, ngimxoshele ezweni elomileyo nelichithakeleyo, ubuso bakhe bube ngaselwandle lwasempumalanga, umuva wakhe ube ngaselwandle lwasentshonalanga, kukhuphuke ukunuka kwakhe, kwenyuke iphunga lakhe elibi;” ngokuba wenzile izinto ezinkulu.

Verse 21: Ungesabi, lizwe; jabula, uthokoze, ngokuba uJehova wenzile izinto ezinkulu.

Verse 22: Ningesabi, zilwane zasendle, ngokuba amadlelo asehlane ayahluma, nemithi ithela izithelo, umkhiwane nomvini kuveza amandla akho.

Verse 23: Jabulani, bantwana baseSiyoni, nithokoze kuJehova uNkulunkulu wenu, ngokuba uninika imvula yokuqala ngokulunga, unehlisela imvula, eyokuqala neyamuva, njengasekuqaleni.

Verse 24: Izibuya ziyakugcwala amabele, nezikhongozelo ziyakuchichima iwayini namafutha.

Verse 25: “Ngiyakubuyisela kini iminyaka eyadliwa yisikhonyane, nezinkumbi, nenkasa, nesibotho, impi yami enkulu engayithuma phakathi kwenu.

Verse 26: Niyakudla nokudla, nisuthe, nilidumise igama likaJehova uNkulunkulu wenu oniphathe ngokumangalisayo; abantu bami abayikujabha kuze kube phakade.

Verse 27: Niyakwazi ukuthi ngiphakathi kuka-Israyeli nokuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu, akakho omunye; abantu bami abayikujabha kuze kube phakade.

Verse 28: “Kuyakuthi ngasemuva ngithulule uMoya wami phezu kwayo yonke inyama; amadodana enu namadodakazi enu ayakuprofetha, abadala benu baphuphe amaphupho, izinsizwa zenu zibone imibono;

Verse 29: naphezu kwezinceku nezincekukazi ngalezo zinsuku ngiyakuthulula uMoya wami.

Verse 30: Ngiyakuveza izimangaliso ezulwini nasemhlabeni, igazi, nomlilo, nezinsika zomusi.

Verse 31: Ilanga liyakuphenduka ubumnyama, inyanga ibe yigazi, lungakafiki usuku olukhulu nolwesabekayo lukaJehova.

Verse 32: Kuyakuthi bonke ababiza igama likaJehova bakhululwe, ngokuba entabeni yaseSiyoni naseJerusalema kuyakuba ngabasindileyo, njengalokho eshilo uJehova, naphakathi kwabaseleyo kube ngababizwa nguJehova.

Select Chapter
1 2 3
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories