Verse 1: wakhuluma kuMose, wathi:
Verse 2: “Thuma wena abantu ukuba bahlole izwe laseKhanani engibanika lona abantwana bakwa-Israyeli; uthume umuntu waleso naleso sizwe sawoyise, kube yilowo nalowo abe yinduna phakathi kwabo.”
Verse 3: UMose wabathuma-ke besuka ehlane lasePharanu ngesiyalezo sikaJehova; bonke babo babe ngabantu abayizinhloko zabantwana bakwa-Israyeli.
Verse 4: Lawa angamagama abo: Owesizwe sakwaRubeni: uShamuwa indodana kaZakuri.
Verse 5: Owesizwe sakwaSimeyoni: uShafati indodana kaHori.
Verse 6: Owesizwe sakwaJuda: uKalebi indodana kaJefune.
Verse 7: Owesizwe sakwa-Isakare: u-Igali indodana kaJosefa.
Verse 8: Owesizwe sakwa-Efrayimi: uHosheya indodana kaNuni.
Verse 9: Owesizwe sakwaBenjamini: uPaliti indodana kaRafu.
Verse 10: Owesizwe sakwaZebuloni: uGadiyeli indodana kaSodi.
Verse 11: Owesizwe sakwaJosefa, owesizwe sakwaManase: uGadi indodana kaSusi.
Verse 12: Owesizwe sakwaDani: u-Amiyeli indodana kaGemali.
Verse 13: Owesizwe sakwa-Asheri: uSethuru indodana kaMikayeli.
Verse 14: Owesizwe sakwaNafetali: uNabi indodana kaVofisi.
Verse 15: Owesizwe sakwaGadi: uGewuweli indodana kaMaki.
Verse 16: Yilawo amagama amadoda athunywa nguMose ukuhlola izwe. UMose wambiza uHosheya indodana kaNuni ngokuthi uJoshuwa.
Verse 17: UMose wabathuma ukuhlola izwe laseKhanani, wathi kubo: “Yenyukani ngalapha, niye ngaseningizimu, nikhuphukele ezintabeni,
Verse 18: nibone izwe ukuthi linjani, nabantu abakhe kulo ukuthi banamandla noma babuthakathaka, bayingcosana noma baningi yini,
Verse 19: nokuthi izwe abakhe kulo linjani, noma lihle noma libi, nokuthi imizi abahlala kuyo injani, noma ngamakamu noma yizinqaba,
Verse 20: nokuthi izwe linjani, noma livundile noma limpofu, noma linezinkuni noma qha. Yibani nesibindi, nibuye nezithelo zezwe.” Kwase kuyisikhathi sezithelo zokuqala zomvini.
Verse 21: Base behamba-ke, bahlola izwe kusukela ehlane laseSini kuze kube seRehobe ekuyeni ngaseHamati.
Verse 22: Benyukela ngaseningizimu, bafika eHebroni; o-Ahimani, noSheshayi, noTalimayi, abantwana bakwa-Anaki, babelapho. IHebroni lakhiwa iminyaka eyisikhombisa lingakakhiwa iSowani laseGibithe.
Verse 23: Bafika esiGodini sase-Eshikoli, banquma khona igatsha elinehlukuzo lezithelo zomvini, balithwala ngothi phakathi kwababili, kanye namapomegranati namakhiwane.
Verse 24: Leyo ndawo yathiwa isiGodi sase-Eshikoli ngenxa yehlukuzo abantwana bakwa-Israyeli abalinquma khona.
Verse 25: Base bebuya ekuhloleni izwe ngasekupheleni kwezinsuku ezingamashumi amane.
Verse 26: Baya bafika kuMose naku-Aroni nakuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ehlane lasePharanu eKadeshi, babuyisela izwi kubo nakuyo yonke inhlangano, bababonisa izithelo zezwe.
Verse 27: Bamtshela bathi: “Safika-ke ezweni owasithuma kulo; ngempela livame ubisi nezinyosi; lokhu kuyizithelo zalo.
Verse 28: Nokho abantu abakhe ezweni banamandla, imizi ibiyelwe, mikhulu kakhulu; futhi sabona abantwana bakwa-Anaki khona.
Verse 29: U-Amaleki wakhile ezweni laseningizimu; amaHeti, namaJebusi, nama-Amori ahlala ezintabeni; amaKhanani akhile ngaselwandle naseceleni kweJordani.”
Verse 30: UKalebi wathulisa abantu phambi kukaMose, wathi: “Masenyuke khona manje, silidle, ngokuba sinamandla okulinqoba.”
Verse 31: Kepha amadoda ayenyuke naye athi: “Asinakwenyuka, sihlasele labo bantu, ngokuba banamandla kunathi.”
Verse 32: Base belandisa abantwana bakwa-Israyeli umbiko omubi ngezwe ababelihlolile, bathi: “Izwe esilidabulile ukulihlola liyizwe elidla abakhileyo kulo; bonke abantu esababona kulo bangabantu abajaheleyo.
Verse 33: Sabona khona iziqhwaga, amadodana ka-Anaki ayela eziqhwageni; emehlweni ethu saba njengezintethe, saba njalo nasemehlweni abo.”