Verse 1: Kwase kusondela amadodakazi kaSelofehadi kaHeferi kaGileyadi kaMakiri kaManase, awemindeni kaManase indodana kaJosefa; lawa angamagama amadodakazi akhe: oMahela, noNowa, noHogila, noMilka, noTirisa.
Verse 2: Ema phambi kukaMose naphambi kuka-Eleyazare umpristi, naphambi kwezikhulu, naphambi kwayo yonke inhlangano ngasemnyango wetende lokuhlangana, athi:
Verse 3: “Ubaba wafela ehlane; wayengekho phakathi kweviyo labahlanganyela uJehova kulo iviyo likaKora; kepha wafa ngesakhe isono engenamadodana.
Verse 4: Igama likababa liyakusulelwani emndenini wakhe, lokhu engenandodana na? Siphe ifa phakathi kwabafowabo bakababa.”
Verse 5: UMose wayiletha indaba yawo phambi kukaJehova.
Verse 6: UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
Verse 7: “Amadodakazi kaSelofehadi akhulume kahle; uyakuwanika nokuwanika izwe eliyifa phakathi kwabafowabo bakayise ngokulidlulisela kuwo ifa likayise.
Verse 8: “Wokhuluma kubantwana bakwa-Israyeli ngokuthi: ‘Uma umuntu efa engenandodana, wolidlulisela ifa lakhe kuyo indodakazi yakhe.
Verse 9: Uma engenandodakazi, niyakunika abafowabo ifa lakhe.
Verse 10: Uma engenabafowabo, niyakunika abafowabo bakayise ifa lakhe.
Verse 11: Uma uyise engenabafowabo, niyakunika isihlobo sakhe esiseduze naye emndenini wabo ifa lakhe, alidle. Lokhu kuyakuba yisimiso sesahlulelo kubantwana bakwa-Israyeli, njengalokho uJehova emyalile uMose.’ ”
Verse 12: UJehova wathi kuMose: “Khuphukela entabeni yase-Abarimi, ubheke izwe engibanikile lona abantwana bakwa-Israyeli.
Verse 13: Lapho ulibonile, nawe uyakubuthelwa kubantu bakini, njengalokho wabuthwa u-Aroni,
Verse 14: ngokuba ehlane laseSini ekulweni kwenhlangano nahlubuka ezwini lami lokungingcwelisa ngasemanzini phambi kwamehlo abo.” Lawa angamanzi aseMeriba laseKadeshi ehlane laseSini.
Verse 15: UMose wayesekhuluma kuJehova, wathi:
Verse 16: “UJehova uNkulunkulu wemimoya yenyama yonke makamise umuntu phezu kwenhlangano,
Verse 17: ongaphuma phambi kwabo, angene phambi kwabo, abakhiphe, abangenise, ukuze inhlangano kaJehova ingabi njengezimvu ezingenamalusi.”
Verse 18: UJehova wathi kuMose: “Zithabathele uJoshuwa indodana kaNuni, umuntu onomoya, ubeke isandla sakho phezu kwakhe,
Verse 19: ummise ngaphambi kuka-Eleyazare umpristi naphambi kwayo yonke inhlangano, umnike isikhundla emehlweni abo.
Verse 20: Uyakubeka udumo lwakho phezu kwakhe ukuba yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ilalele.
Verse 21: Uyakuma phambi kuka-Eleyazare umpristi oyakumbuzela ngokunquma kwe-Urimi phambi kukaJehova; ngezwi lakhe bayakuphuma nangezwi lakhe bayakungena, yena nabo bonke abantwana bakwa-Israyeli kanye naye, yebo, yonke inhlangano.”
Verse 22: UMose wenza-ke njengalokho uJehova emyalile; wamthatha uJoshuwa, wambeka phambi kuka-Eleyazare umpristi naphambi kwenhlangano yonke,
Verse 23: wabeka izandla zakhe phezu kwakhe, wamnika isikhundla, njengalokho uJehova ekhulumile ngesandla sikaMose.