Numbers - Chapter 30

Verse 1: UMose wayesekhuluma kuzo izinhloko zezizwe zabantwana bakwa-Israyeli, ethi: “Yilokhu uJehova ayale ngakho ukuthi:

Verse 2: ‘Nxa umuntu enza isithembiso kuJehova, noma efunga isifungo ukubopha umphefumulo wakhe ngesibopho esithile, akayikwaphula izwi lakhe; uyakwenza njengakho konke okuphuma emlonyeni wakhe.

Verse 3: “ ‘Uma owesifazane enza isithembiso kuJehova, azibophe ngesibopho esithile esendlini kayise, esemusha,

Verse 4: uyise esizwa isithembiso sakhe nesibopho sakhe abophe ngaso umphefumulo wakhe, engasho lutho kuye, izithembiso zakhe zonke ziyakuma, nazo zonke izibopho abophe ngazo umphefumulo wakhe ziyakuma;

Verse 5: kepha uma uyise emalela ngosuku akuzwa ngalo, akuyikuma nesisodwa sezithembiso zakhe nesezibopho zakhe abophe ngazo umphefumulo wakhe; uJehova uyakumthethelela, ngokuba uyise umalele.

Verse 6: “ ‘Uma engowendoda, izithembiso zakhe zisephezu kwakhe noma okuphahlukiwe ngumlomo wakhe abophe ngakho umphefumulo wakhe,

Verse 7: indoda yakhe bese ikuzwa, ingasho lutho kuye ngosuku ekuzwa ngalo, izithembiso zakhe ziyakuma, nezibopho zakhe abophe ngazo umphefumulo wakhe ziyakuma;

Verse 8: kepha uma indoda yakhe imalela ngosuku ekuzwa ngalo, iyakwenza ize isithembiso sakhe esiphezu kwakhe nokuphahlukiwe ngumlomo wakhe abophe ngakho umphefumulo wakhe, uJehova amthethelele.

Verse 9: “ ‘Kepha isithembiso somfelokazi noma esolahliweyo, konke abophe ngakho umphefumulo wakhe kuyakuma kuye.

Verse 10: “ ‘Uma enzile isithembiso endlini yendoda yakhe, noma ebophe ngesibopho umphefumulo wakhe ngesifungo,

Verse 11: indoda yakhe bese ikuzwa, ingasho lutho kuye, ingamalelanga, zonke izithembiso zakhe ziyakuma, nazo zonke izibopho abophe ngazo umphefumulo wakhe ziyakuma;

Verse 12: kepha uma indoda yakhe izenza ize ngosuku ezizwa ngalo, konke okuphuma emlonyeni wakhe mayelana nezithembiso zakhe namayelana nesibopho somphefumulo wakhe akuyikuma; indoda yakhe ikwenzile ize; uJehova uyakumthethelela.

Verse 13: Zonke izithembiso nazo zonke izifungo ezibophayo zokuthobisa umphefumulo, indoda yakhe ingaziqinisa, noma indoda yakhe izenze ize.

Verse 14: Kepha uma indoda yakhe ithula nokuthula kuye izinsuku ngezinsuku, iyaqinisa zonke izithembiso zakhe nazo zonke izibopho zakhe eziphezu kwakhe; iziqinisile, ngokuba ithulile kuye ngosuku eyazizwa ngalo;

Verse 15: kepha uma izenza ize lapho isizizwile, iyakuthwala ububi bakhe.’ ”

Verse 16: Yilezo izimiso uJehova ayala ngazo uMose phakathi kwendoda nomkayo, naphakathi kukayise nendodakazi yakhe isentsha endlini kayise.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories