Verse 1: Lezi ziyizizukulwane zika-Aroni nezikaMose ngalolo suku uJehova akhuluma ngalo kuMose entabeni yaseSinayi.
Verse 2: Lawa angamagama amadodana ka-Aroni: uNadabi izibulo, no-Abihu, no-Eleyazare, no-Itamari.
Verse 3: Yilawo angamagama amadodana ka-Aroni, abapristi abagcotshiweyo, abahlukaniselwa ukukhonza esikhundleni sobupristi.
Verse 4: ONadabi no-Abihu bafa phambi kukaJehova, benikela ngomlilo ongafanele ebusweni bukaJehova ehlane laseSinayi; babengenabantwana. Kwase kukhonza o-Eleyazare no-Itamari esikhundleni sobupristi ebusweni buka-Aroni uyise.
Verse 5: UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
Verse 6: “Sondeza isizwe sakwaLevi, usimise phambi kuka-Aroni, umpristi, ukuba simkhonze.
Verse 7: Bayakugcina izimfanelo zakho nezimfanelo zenhlangano yonke phambi kwetende lokuhlangana ukwenza inkonzo yetabernakele.
Verse 8: Bayakugcina yonke impahla yetende lokuhlangana nezimfanelo zabantwana bakwa-Israyeli ukwenza inkonzo yetabernakele.
Verse 9: Uyakunikela amaLevi ku-Aroni nakumadodana akhe; ayanikelwa ngempela kuye, evela kubantwana bakwa-Israyeli.
Verse 10: Uyakumisa u-Aroni namadodana akhe, bagcine ubupristi babo; umfokazi osondelayo uyakubulawa.”
Verse 11: UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
Verse 12: “Mina ngikhiphile amaLevi phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli esikhundleni samazibulo onke avula isizalo phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli; amaLevi ayakuba ngawami.
Verse 13: Ngokuba onke amazibulo angawami; ngalolo suku engabulala ngalo onke amazibulo ezweni laseGibithe ngazingcwelisela amazibulo onke kwa-Israyeli, awabantu nawezilwane; ayakuba ngawami; nginguJehova.”
Verse 14: UJehova wakhuluma kuMose ehlane laseSinayi, wathi:
Verse 15: “Bala abantwana bakwaLevi ngezindlu zawoyise nangemindeni yabo; uyakubala bonke abesilisa kusukela kwabanenyanga kuya phezulu.”
Verse 16: UMose wababala njengezwi likaJehova, njengalokho wayalwa.
Verse 17: Lawa angamadodana kaLevi ngamagama awo: oGereshoni, noKohati, noMerari.
Verse 18: Lawa angamagama amadodana kaGereshoni ngemindeni yawo: oLibini noShimeyi.
Verse 19: Namadodana kaKohati ngemindeni yawo: o-Amramu, noJisihari, noHebroni, no-Uziyeli.
Verse 20: Namadodana kaMerari ngemindeni yawo: oMaheli noMushi. Leyo iyimindeni yamaLevi ngezindlu zawoyise.
Verse 21: KwaGereshoni kwavela umndeni wamaLibini nomndeni wamaShimeyi; yileyo eyimindeni yamaGereshoni.
Verse 22: Labo ababalwayo kubo njengokomumo wabesilisa bonke kusukela kwabanenyanga kuya phezulu, ababalwayo kubo babe yizinkulungwane eziyisikhombisa namakhulu ayisihlanu.
Verse 23: Imindeni yamaGereshoni iyakumisa emva kwetabernakele ngasentshonalanga.
Verse 24: Isikhulu sendlu kayise wamaGereshoni siyakuba ngu-Eliyasafa indodana kaLayeli.
Verse 25: Imfanelo yamadodana kaGereshoni etendeni lokuhlangana iyakuba yitabernakele, netende, nesimbozo salo, neveli lomnyango wetende lokuhlangana,
Verse 26: nezilenge zegceke, neveli lomnyango wegceke elingasetabernakele nangase-altare nxazonke, nezintambo zalo, nayo yonke inkonzo yalokho.
Verse 27: KwaKohati kwavela umndeni wama-Amramu, nomndeni wamaJisihari, nomndeni wamaHebroni, nomndeni wama-Uziyeli; yileyo eyimindeni yamaKohati.
Verse 28: Njengokomumo wabo bonke abesilisa kusukela kwabanenyanga kuya phezulu babe yizinkulungwane eziyisishiyagalombili namakhulu ayisithupha, begcina inkonzo yendlu engcwele.
Verse 29: Imindeni yamadodana kaKohati iyakumisa eceleni kwetabernakele ngaseningizimu.
Verse 30: Isikhulu sendlu kayise wemindeni yamaKohati siyakuba ngu-Elisafani indodana ka-Uziyeli.
Verse 31: Okugcinwa yibo kuyakuba ngumphongolo, netafula, nothi lwezibani, nama-altare, nezimpahla zendlu engcwele abakhonza ngazo, neveli, nayo yonke inkonzo yalokho.
Verse 32: U-Eleyazare indodana ka-Aroni umpristi uyakuba yisikhulu sezikhulu zamaLevi, abonise abagcina inkonzo yendlu engcwele.
Verse 33: KwaMerari kwavela umndeni wamaMaheli nomndeni wamaMushi; yileyo eyimindeni yamaMerari.
Verse 34: Labo ababalwayo kubo njengokomumo wabesilisa bonke kusukela kwabanenyanga kuya phezulu babe yizinkulungwane eziyisithupha namakhulu amabili.
Verse 35: Isikhulu sendlu kayise wemindeni yamaMerari sasinguSuriyeli indodana ka-Abihayili; bayakumisa eceleni kwetabernakele ngasenyakatho.
Verse 36: Imfanelo emiselwe amadodana kaMerari iyakuba ngamapulangwe etabernakele, nemishayo yalo, nezinsika zalo, nezinyawo zalo, nezinto zonke zalo, nenkonzo yonke yalokho,
Verse 37: nezinsika zegceke nxazonke, nezinyawo zazo, nezikhonkwane zazo, nezintambo zazo.
Verse 38: Labo abamisa phambi kwetabernakele ngasempumalanga, ngaphambi kwetende lokuhlangana ngasekuphumeni kwelanga, bayakuba ngoMose no-Aroni namadodana akhe, begcina inkonzo yendlu engcwele, begcina imfanelo yabantwana bakwa-Israyeli; umfokazi osondelayo uyakubulawa.
Verse 39: Bonke ababalwayo bamaLevi ababalwa nguMose nangu-Aroni ngesiyalezo sikaJehova ngemindeni yabo, bonke abesilisa kusukela kwabanenyanga kuya phezulu, babe yizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili.
Verse 40: UJehova wathi kuMose: “Bala onke amazibulo esilisa abantwana bakwa-Israyeli kusukela kwabanenyanga kuya phezulu, ubale umumo wamagama abo.
Verse 41: Uyakungithabathela amaLevi nginguJehova esikhundleni samazibulo onke abantwana bakwa-Israyeli, nezinkomo zamaLevi esikhundleni samazibulo onke ezinkomo zabantwana bakwa-Israyeli.”
Verse 42: UMose wabala, njengalokho uJehova emyalile, onke amazibulo phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli.
Verse 43: Onke amazibulo esilisa njengokomumo wamagama kusukela kwabanenyanga kuya phezulu alabo ababalwayo kubo ayeyizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili namakhulu amabili namashumi ayisikhombisa nantathu.
Verse 44: UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
Verse 45: “Thabatha amaLevi esikhundleni samazibulo onke phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli nezinkomo zamaLevi esikhundleni sezinkomo zabo, amaLevi abe ngawami; nginguJehova.
Verse 46: Ukuba kuhlengwe labo abangamakhulu amabili namashumi ayisikhombisa nantathu bamazibulo abantwana bakwa-Israyeli abadlula amaLevi,
Verse 47: uyakuthabatha amashekeli ayisihlanu ngamunye ngenhloko; ngokweshekeli lendlu engcwele uyakuwathabatha ishekeli lingamagera angamashumi amabili;
Verse 48: umnike u-Aroni namadodana akhe imali umumo wabo odlulelayo ohlengwa ngayo.”
Verse 49: UMose wayesethatha imali yokuhlenga kulabo abadlula abahlengiwe ngamaLevi;
Verse 50: kuwo amazibulo abantwana bakwa-Israyeli wayithatha imali, amashekeli ayinkulungwane namakhulu amathathu namashumi ayisithupha nanhlanu ngokweshekeli lendlu engcwele.
Verse 51: UMose wamnika u-Aroni namadodana akhe imali yokuhlenga njengezwi likaJehova, njengalokho uJehova emyalile uMose.