Verse 1: UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
Verse 2: “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Nxa nifika ezweni eniyakwakha kulo, engininika lona,
Verse 3: nenze umnikelo womlilo kuJehova, umnikelo wokushiswa, noma umhlatshelo wokugcwalisa isithembiso, noma umnikelo wesihle, noma owemikhosi yenu emisiweyo, ukwenza iphunga elimnandi kuJehova, owezinkomo noma owezimvu,
Verse 4: khona-ke onikela ngomnikelo wakhe woletha kuJehova umnikelo wempuphu wokweshumi kwempuphu ecolekileyo exovwe nokwesine kwehini lamafutha;
Verse 5: newayini libe ngumnikelo wokuphuzwa, okwesine kwehini ngemvana inye, wolilungisela umnikelo wokushiswa noma umhlatshelo.
Verse 6: “ ‘Kepha inqama uyakuyilungisela okweshumi okubili kwempuphu ecolekileyo exovwe nokwesithathu kwehini lamafutha, kube ngumnikelo wempuphu;
Verse 7: uyakunikela okwesithathu kwehini lewayini libe ngumnikelo wokuphuzwa nephunga elimnandi kuJehova.
Verse 8: “ ‘Nxa ulungisa iduna libe ngumnikelo wokushiswa, noma umhlatshelo wokugcwalisa isithembiso, noma kube yiminikelo yokuthula kuJehova,
Verse 9: uyakunikela ngomnikelo wempuphu wokweshumi okuthathu kwempuphu ecolekileyo exovwe nenxenye yehini lamafutha kanye neduna.
Verse 10: Uyakunikela ngenxenye yehini lewayini libe ngumnikelo wokuphuzwa, kube ngumnikelo womlilo wephunga elimnandi kuJehova.
Verse 11: Kuyakwenziwa kanjalo ngaleyo naleyo nkunzi, noma ngaleyo naleyo nqama, noma ngaleyo naleyo mvana yeduna, noma ngamazinyane ezimbuzi.
Verse 12: Njengokomumo eniwulungisayo niyakwenze njalo kuleyo naleyo njengokomumo wazo.
Verse 13: “ ‘Bonke abokuzalwa ekhaya bayakwenza lezo zinto ngaleyo ndlela, benikela ngomnikelo womlilo wephunga elimnandi kuJehova.
Verse 14: Uma umfokazi egogobele kuwe, noma ubani ophakathi kwenu ezizukulwaneni zenu eyakunikela ngomnikelo womlilo wephunga elimnandi kuJehova, uyakwenza njengalokhu nenza nina.
Verse 15: Ebandleni kuyakuba yisimiso sinye kini nakumfokazi ogogobeleyo kini, isimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu; njengani uyakuba njalo umfokazi phambi kukaJehova.
Verse 16: Kuyakuba ngumthetho munye nesimiso sinye kinina nakumfokazi ogogobeleyo kini.’ ”
Verse 17: UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
Verse 18: “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Nxa nifika ezweni enginiyisa kulo,
Verse 19: kuyakuthi, lapho nidla isinkwa sezwe, ninikele ngomnikelo wokuphakanyiswa kuJehova.
Verse 20: Ngolibo lomgqakazo wenu niyakunikela ngeqebelengwane libe ngumnikelo wokuphakanyiswa; njengalokhu nenza umnikelo wokuphakanyiswa wesibuya, niyakuwenza kanjalo.
Verse 21: Ngolibo lomgqakazo wenu niyakunika uJehova umnikelo wokuphakanyiswa ezizukulwaneni zenu.
Verse 22: “ ‘Nxa niduka ningagcini yonke le miyalo uJehova ayikhulumile kuMose,
Verse 23: konke uJehova aniyalile ngesandla sikaMose, kusukela osukwini uJehova ayala ngalo nangasemuva ezizukulwaneni zenu,
Verse 24: kuyakuthi uma kwenziwe kungengamabomu, futhi kungesemehlweni enhlangano, inhlangano yonke inikele ngeduna libe ngumnikelo wokushiswa wephunga elimnandi kuJehova kanye nomnikelo wayo wempuphu, nomnikelo wayo wokuphuzwa ngokomthetho, nempongo ibe nye, ibe ngumnikelo wesono.
Verse 25: Umpristi uyakuyenzela yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ukubuyisana, baze bathethelelwe, ngokuba kwakungengamabomu, futhi balethile umnikelo wabo, umnikelo womlilo kuJehova, nomnikelo wabo wesono phambi kukaJehova ngesiphosiso sabo;
Verse 26: yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli iyakuthethelelwa kanye nomfokazi ogogobeleyo kubo, ngokuba kubo bonke abantu kwakungesiphosiso.
Verse 27: “ ‘Uma umuntu ona kungengamabomu, uyakunikela ngembuzikazi enomnyaka munye, ibe ngumnikelo wesono.
Verse 28: Umpristi uyakwenzela umuntu ophosisayo ukubuyisana, nxa ona kungengamabomu phambi kukaJehova ukumenzela ukubuyisana, athethelelwe.
Verse 29: Niyakuba nomthetho munye kowenza kungengamabomu, nakowokuzalwa ekhaya phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli nakumfokazi ogogobeleyo phakathi kwabo.
Verse 30: “ ‘Kepha okwenza ngesandla esiphakemeyo, noma engowokuzalwa ekhaya noma engumfokazi, uyamhlambalaza uJehova; lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo.
Verse 31: Ngokuba udelele izwi likaJehova, nomyalo wakhe uwaphulile; lowo muntu uyakunqunywa impela, ububi bakhe bube phezu kwakhe.’ ”
Verse 32: Abantwana bakwa-Israyeli besesehlane bafumana umuntu otheza izinkuni ngosuku lwesabatha.
Verse 33: Abamfumana etheza izinkuni bamyisa kuMose naku-Aroni nakuyo yonke inhlangano.
Verse 34: Bambeka ukuba alindwe, ngokuba kwakungakanqunywa ukuthi kuyakwenziwani kuye.
Verse 35: UJehova wathi kuMose: “Lowo muntu wobulawa nokubulawa; yonke inhlangano iyakumkhanda ngamatshe ngaphandle kwekamu.”
Verse 36: Yonke inhlangano yamkhiphela ngaphandle kwekamu, yamkhanda ngamatshe, wafa, njengalokho uJehova emyalile uMose.
Verse 37: UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
Verse 38: “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, usho kubo ukuba bazenzele insephe emiphethweni yezingubo zabo ezizukulwaneni zabo, futhi ukuba babeke igoda eliluhlaza ensepheni yemiphetho yonke;
Verse 39: lokhu kuyakuba kini insephe ukuba niyibheke, nikhumbule yonke imiyalo kaJehova, niyenze, ningahambi ngeyenu inhliziyo nangawenu amehlo enanivama ukukulandela ngokuphinga,
Verse 40: ukuba nikhumbule, niyenze yonke imiyalo yami, nibe ngcwele kuNkulunkulu wenu.
Verse 41: NginguJehova uNkulunkulu wenu owanikhipha ezweni laseGibithe, ngibe nguNkulunkulu wenu; nginguJehova uNkulunkulu wenu.”