Verse 1: UJehova wakhuluma kuMose naku-Aroni, wathi:
Verse 2: “Bala umumo wamadodana kaKohati phakathi kwamadodana kaLevi ngemindeni yawo nangezindlu zawoyise,
Verse 3: kusukela kwabaneminyaka engamashumi amathathu kuya phezulu kuze kufike kwabaneminyaka engamashumi ayisihlanu, bonke abangena enkonzweni ukwenza umsebenzi etendeni lokuhlangana.
Verse 4: “Nanku umsebenzi wamadodana kaKohati etendeni lokuhlangana: izinto ezingcwelengcwele.
Verse 5: Nxa ikamu lisuka, u-Aroni uyakungena kanye namadodana akhe, behlise iveli lesihenqo, basibekele umphongolo wobufakazi ngalo,
Verse 6: bawembese isikhumba samatahasi, bendlale phezu kwawo indwangu eluhlaza yonke, bafake izinti zawo.
Verse 7: “Etafuleni lezinkwa zokubukwa bayakwendlala indwangu eluhlaza, babeke kuyo izingqwembe, nezinkezo, nezinkamba, nezindebe zokuthela; nesinkwa esinganqamukiyo siyakuba phezu kwalo.
Verse 8: Bayakwendlala phezu kwazo indwangu ebomvu, bayisibekele ngesikhumba samatahasi, bafake izinti zalo.
Verse 9: “Bayakuthabatha indwangu eluhlaza, balusibekele uthi lwezibani, nezibani zalo, nezizenze zalo, nezitsha zalo zomlotha, nezitsha zonke zalo zamafutha abakhonza ngazo kulo;
Verse 10: bayakulufaka kanye nezinto zalo zonke esikhumbeni samatahasi, babeke konke ohlakeni.
Verse 11: “E-altare legolide bayakwendlala indwangu eluhlaza, bayisibekele ngesikhumba samatahasi, bafake izinti zalo.
Verse 12: “Bayakuthabatha zonke izitsha zokukhonza abakhonza ngazo endlini engcwele, bazifake endwangwini eluhlaza, bazisibekele ngesikhumba samatahasi, bazibeke ohlakeni.
Verse 13: “Bayakususa umlotha e-altare, bendlale kulo indwangu ebubende,
Verse 14: babeke kuyo zonke izinto zalo abakhonza ngazo kulo, imicengezi yempepho, nezimfoloko, namafosholo, nezitsha, nezinto zonke ze-altare, bendlale phezu kwazo isimbozo sesikhumba samatahasi, bafake izinti zalo.
Verse 15: “Nxa u-Aroni namadodana akhe sebeqedile ukusibekela indlu engcwele nempahla yonke yendlu engcwele, lapho ikamu liyakusuka, emva kwalokho amadodana kaKohati ayakufika ukukuthwala, kepha awayikuthinta okungcwele, funa afe. Lezo zinto zingumthwalo wamadodana kaKohati etendeni lokuhlangana.
Verse 16: “Imfanelo ka-Eleyazare indodana ka-Aroni umpristi iyakuba ngamafutha okukhanyisa nempepho ethaphukayo, nomnikelo wempuphu wemihla yonke, namafutha okugcoba; imfanelo yakhe iyitabernakele lonke nakho konke okukulo, indlu engcwele nezinto zayo.”
Verse 17: UJehova wakhuluma kuMose naku-Aroni, wathi:
Verse 18: “Ninganqumi isizwe semindeni yamaKohati kumaLevi,
Verse 19: kepha ukuba baphile, bangafi, lapho besondela ezintweni ezingcwelengcwele, nenze kanje kubo: u-Aroni namadodana akhe bayakungena, babamise, kube yilowo nalowo emsebenzini wakhe nasemthwalweni wakhe;
Verse 20: kepha abayikungena ukubona okungcwele nangesikhashana nje, funa bafe.”
Verse 21: UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
Verse 22: “Bala umumo wamadodana kaGereshoni nawo ngezindlu zawoyise nangemindeni yawo
Verse 23: kusukela kwabaneminyaka engamashumi amathathu kuya phezulu kuze kube kwabaneminyaka engamashumi ayisihlanu, bonke abangena enkonzweni ukwenza umsebenzi etendeni lokuhlangana.
Verse 24: “Nanku umsebenzi wemindeni yamaGereshoni ngokukhonza nangokuthwala:
Verse 25: bayakuthwala izilenge zetabernakele, netende lokuhlangana, nesimbozo salo, nesimbozo sesikhumba samatahasi esiphezu kwalo, neveli lomnyango wetende lokuhlangana,
Verse 26: nezilenge zegceke, neveli lomnyango wesango legceke elingasetabernakele nangase-altare nxazonke, nezintambo zakho, nezinto zonke zokukhonza kwabo; nakho konke okwenzelwa zona bayakukwenza.
Verse 27: Ngesiyalezo sika-Aroni nangesamadodana akhe uyakwenziwa wonke umsebenzi wamadodana amaGereshoni emithwalweni yawo yonke nasemisebenzini yawo yonke; niwamisele yonke imithwalo yawo ezakugcinwa yiwo.
Verse 28: Lowo ungumsebenzi wemindeni yamadodana amaGereshoni etendeni lokuhlangana; okugcinwa yiwo kube phansi kwesandla sika-Itamari indodana ka-Aroni umpristi.
Verse 29: “Amadodana kaMerari uwabale ngemindeni yawo nangezindlu zawoyise;
Verse 30: kusukela kwabaneminyaka engamashumi amathathu kuya phezulu kuze kube kwabaneminyaka engamashumi ayisihlanu wobabala bonke abangena emsebenzini ukwenza umsebenzi wetende lokuhlangana.
Verse 31: Nakhu okuzakugcinwa yibo ukuba bakuthwale ngokomsebenzi wabo wonke etendeni lokuhlangana: amapulangwe etabernakele, nemishayo yalo, nezinsika zalo, nezinyawo zalo,
Verse 32: nezinsika zegceke nxazonke, nezinyawo zazo, nezikhonkwane zazo, nezintambo zazo, nempahla yonke yazo, nenkonzo yonke yazo, nibamisele ngamagama impahla abafanele ukuyithwala.
Verse 33: Lowo ungumsebenzi wemindeni yamadodana kaMerari ngokomsebenzi wabo wonke etendeni lokuhlangana phansi kwesandla sika-Itamari indodana ka-Aroni umpristi.”
Verse 34: OMose no-Aroni nezikhulu zenhlangano babala amadodana amaKohati ngemindeni yawo nangezindlu zawoyise,
Verse 35: kusukela kwabaneminyaka engamashumi amathathu kuya phezulu kuze kube kwabeneminyaka engamashumi ayisihlanu, bonke abangena emsebenzini ukukhonza etendeni lokuhlangana;
Verse 36: labo ababalwayo kubo ngemindeni yabo babe yizinkulungwane ezimbili namakhulu ayisikhombisa namashumi ayisihlanu.
Verse 37: Yilabo ababalwayo bemindeni yamaKohati, bonke abakhonza etendeni lokuhlangana, ababalwa nguMose nangu-Aroni njengesiyalezo sikaJehova ngesandla sikaMose.
Verse 38: Labo ababalwayo bamadodana kaGereshoni ngemindeni yawo nangezindlu zawoyise,
Verse 39: kusukela kwabaneminyaka engamashumi amathathu kuya phezulu kuze kube kwabaneminyaka engamashumi ayisihlanu, bonke abangena emsebenzini ukukhonza etendeni lokuhlangana,
Verse 40: labo ababalwayo kubo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise babe yizinkulungwane ezimbili namakhulu ayisithupha namashumi amathathu.
Verse 41: Yilabo ababalwayo bemindeni yamadodana kaGereshoni, bonke abakhonza etendeni lokuhlangana, ababalwa nguMose nangu-Aroni njengesiyalezo sikaJehova.
Verse 42: Labo ababalwayo bemindeni yamadodana kaMerari ngemindeni yawo nangezindlu zawoyise,
Verse 43: kusukela kwabaneminyaka engamashumi amathathu kuya phezulu kuze kube kwabaneminyaka engamashumi ayisihlanu, bonke abangena emsebenzini ukukhonza etendeni lokuhlangana,
Verse 44: labo ababalwayo kubo ngemindeni yabo babe yizinkulungwane ezintathu namakhulu amabili.
Verse 45: Yilabo ababalwayo bemindeni yamadodana kaMerari ababalwa nguMose nangu-Aroni njengesiyalezo sikaJehova ngesandla sikaMose.
Verse 46: Bonke ababalwayo bamaLevi ababalwa nguMose nangu-Aroni nayizikhulu zakwa-Israyeli ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise,
Verse 47: kusukela kwabaneminyaka engamashumi amathathu kuya phezulu kuze kube kwabaneminyaka engamashumi ayisihlanu, bonke abangena ukwenza umsebenzi wenkonzo nomsebenzi wokuthwala etendeni lokuhlangana,
Verse 48: labo ababalwayo kubo babe yizinkulungwane eziyisishiyagalombili namakhulu ayisihlanu namashumi ayisishiyagalombili.
Verse 49: Njengesiyalezo sikaJehova babalwa ngesandla sikaMose, yilowo nalowo ngokomsebenzi wakhe nangokomthwalo wakhe. Base bebalwa-ke, njengalokho uJehova emyalile uMose.