Verse 1: OMiriyamu no-Aroni bakhuluma bemelene noMose ngenxa yowesifazane wakwaKushe amthathile; ngokube wayethathile owesifazane wakwaKushe.
Verse 2: Bathi: “Imbala uJehova ukhulumile kuMose kuphela na? Akakhulumanga nakithi na?” UJehova wakuzwa.
Verse 3: Kodwa lowo muntu uMose wayemnene kunabo bonke abantu ababesebusweni bomhlaba.
Verse 4: UJehova wayesekhuluma ngokuzumayo kuMose naku-Aroni nakuMiriyamu, wathi: “Wozani nina nobathathu etendeni lokuhlangana.” Baphuma bobathathu.
Verse 5: UJehova wehla esensikeni yefu, wema ngasemnyango wetende, wabiza o-Aroni noMiriyamu; baphuma bobabili.
Verse 6: Wayesethi: “Yizwani manje amazwi ami: uma kukhona umprofethi phakathi kwenu, mina Jehova ngiyakuzibonakalisa kuye ngombono, ngikhulume kuye ngephupho.
Verse 7: Inceku yami uMose akanjalo; uthembekile endlini yami yonke;
Verse 8: ngiyakukhuluma naye umlomo nomlomo ngokusobala, kungabi ngamazwi ayimfumbe; isimo sikaJehova uyakusibona; anesabanga ngani ukukhuluma ngenceku yami uMose na?”
Verse 9: Intukuthelo kaJehova yabavuthela; wayesemuka.
Verse 10: Ifu lasuka phezu kwetende; bheka, uMiriyamu wayesenochoko, enjengeqhwa; u-Aroni wambheka uMiriyamu; bheka, wayenochoko.
Verse 11: U-Aroni wathi kuMose: “O nkosi, ake ungabeki isono phezu kwethu ngalokho esikwenzile ngobuwula, nangalokho esone ngakho.
Verse 12: Ake angabi njengofileyo, onyama yakhe idliwe inxenye, nxa ephuma esizalweni sikanina.”
Verse 13: UMose wakhala kuJehova, wathi: “O Nkulunkulu, mawumphulukise, ngiyakuncenga.”
Verse 14: UJehova wathi kuMose: “Uma uyise ebemkhafulele ebusweni, ubengebe namahloni izinsuku eziyisikhombisa na? Makavalelwe ngaphandle kwekamu izinsuku eziyisikhombisa; ngasemva kwalokho uyakubuye angeniswe.”
Verse 15: UMiriyamu wavalelwa ngaphandle kwekamu izinsuku eziyisikhombisa; abantu abahambanga, waze wabuyiswa uMiriyamu.
Verse 16: Ngasemuva abantu basuka eHaseroti, bamisa ehlane lasePharanu.