Verse 1: UJehova wakhuluma kuMose naku-Aroni, wathi:
Verse 2: “Lokhu kuyisimiso somthetho uJehova ayalile ngaso ukuthi: ‘Yisho kubantwana bakwa-Israyeli ukuba balethe kuwe isithole esibomvu esingenasici, singenansolo, okungazange kubekwe ijoka phezu kwaso,
Verse 3: nisinike u-Eleyazare umpristi, yena asikhiphele ngaphandle kwekamu, sihlatshwe phambi kwakhe;
Verse 4: u-Eleyazare umpristi uyakuthabatha igazi laso ngomunwe wakhe, afafaze kasikhombisa ngaphambi kwetende lokuhlangana ngegazi laso,
Verse 5: isithole sishiswe phambi kwakhe, isikhumba saso, nenyama yaso, negazi laso, kanye nomswani waso kushiswe;
Verse 6: umpristi uyakuthabatha umsedari, nehisopi, nendwangu ebomvu, akuphonse phakathi kokushayo kwesithole.
Verse 7: Umpristi useyakuhlanza izingubo zakhe, ageze umzimba wakhe ngamanzi, andukuba angene ekamu, umpristi abe ngongcolile kuze kuhlwe.
Verse 8: Osishisayo uyakuhlanza izingubo zakhe ngamanzi, ageze umzimba wakhe ngamanzi, abe ngongcolile kuze kuhlwe.
Verse 9: “ ‘Umuntu ohlambulukileyo uyakubutha umlotha wesithole, awubekele ngaphandle kwekamu endaweni ehlambulukileyo, ugcinelwe inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli kube ngamanzi okuphothula; kungumnikelo wesono.
Verse 10: Obutha umlotha wesithole uyakuhlanza izingubo zakhe, abe ngongcolile kuze kuhlwe; kuyakuba yisimiso esiphakade kubantwana bakwa-Israyeli nakumfokazi ogogobeleyo phakathi kwabo.
Verse 11: “ ‘Othinta isidumbu somuntu uyakuba ngongcolile izinsuku eziyisikhombisa.
Verse 12: Uyakuziphothula ngawo ngosuku lwesithathu, nangosuku lwesikhombisa uyakuhlambuluka; kepha uma engaziphothuli ngosuku lwesithathu, akayikuhlambuluka ngosuku lwesikhombisa.
Verse 13: Yilowo nalowo othinta isidumbu somuntu ofileyo, angaziphothuli, uyangcolisa itabernakele likaJehova; lowo muntu uyakunqunywa ku-Israyeli, ngokuba amanzi okuphothula akafafazwanga ngawo; uyakuba ngongcolile; ukungcola kwakhe kuse kuye.
Verse 14: “ ‘Nanku umthetho, uma umuntu efela etendeni: yilowo nalowo ongena etendeni nalowo osetendeni uyakuba ngongcolile izinsuku eziyisikhombisa.
Verse 15: Nazo zonke izitsha ezivulekileyo ezingenaso isisibekelo esiboshwe kuzo zingcolile.
Verse 16: “ ‘Yilowo nalowo othinta endle obulewe ngenkemba, noma isidumbu, noma ithambo lomuntu, noma ithuna, uyakuba ngongcolile izinsuku eziyisikhombisa.
Verse 17: “ ‘Abangcolileyo bayakuthatha umlotha wokushayo komnikelo wesono, namanzi agobhozayo ayakuthelwa kanye nawo esitsheni,
Verse 18: umuntu ohlambulukileyo athabathe ihisopi, aligcobhoze emanzini, afafaze ngawo itende, nezitsha zonke, nabantu ababelapho, nowathinta ithambo, noma ababuleweyo, noma abafileyo, noma ithuna,
Verse 19: umuntu ohlambulukileyo amfafaze ongcolileyo ngosuku lwesithathu nangosuku lwesikhombisa, amphothule ngosuku lwesikhombisa, ahlanze izingubo zakhe, ageze ngamanzi, ahlambuluke ngakusihlwa.
Verse 20: Kepha umuntu ongcolayo engaziphothuli, lowo muntu uyakunqunywa phakathi kwebandla, ngokuba ungcolisile indlu engcwele kaJehova; amanzi okuphothula akafafazwanga ngawo; ungcolile.
Verse 21: Kuyakuba yisimiso esiphakade kubo; ofafaza amanzi okuphothula uyakuhlanza izingubo zakhe, nothinta amanzi okuphothula uyakuba ngongcolile kuze kuhlwe.
Verse 22: Lokhu umuntu ongcolileyo akuthintayo kuyakuba ngokungcolile; umuntu okuthintayo uyakuba ngongcolile kuze kuhlwe.’ ”