Verse 1: UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
Verse 2: “Baphindisele abantwana bakwa-Israyeli kwabakwaMidiyani, andukuba ubuthelwe kubantu bakini.”
Verse 3: UMose wayesekhuluma kubantu, wathi: “Hlomiselani impi amadoda phakathi kwenu ukuba ahlasele abakwaMidiyani, aphindisele uJehova kwabakwaMidiyani;
Verse 4: kuleso naleso sizwe njalo anoyithuma empini inkulungwane ezizweni zonke zakwa-Israyeli.”
Verse 5: Kwase kunikelwa ezinkulungwaneni zakwa-Israyeli inkulungwane kuleso naleso sizwe, izinkulungwane eziyishumi nambili, zihlonyiselwe impi.
Verse 6: UMose wabathuma empini, kwaba yinkulungwane kuleso naleso sizwe, bona noFinehasi indodana ka-Eleyazare umpristi, baye naye empini ephethe impahla yendlu engcwele namacilongo okuhlaba umkhosi esandleni sakhe.
Verse 7: Balwa noMidiyani, njengalokho uJehova emyalile uMose, babulala abesilisa bonke.
Verse 8: Babulala amakhosi akwaMidiyani kanye nabanye ababulawayo: o-Evi, noRekemi, noSuri, noHure, noReba, amakhosi ayisihlanu akwaMidiyani; noBileyamu indodana kaBeyori bambulala ngemkemba.
Verse 9: Abantwana bakwa-Israyeli bathumba abesifazane bakwaMidiyani nabancane babo; nazo zonke izinkomo zabo, nazo zonke izimvu zabo, nayo yonke impahla yabo bakuthatha kwaba yimpango yabo.
Verse 10: Yonke imizi yabo yasezindaweni, lapho bebehlala khona, nawo onke amakamu abo bakushisa ngomlilo.
Verse 11: Bathatha yonke impango nayo yonke impahla edliweyo, abantu nezilwane.
Verse 12: Baletha abathunjwa, nempango, nempahla edliweyo kuMose naku-Eleyazare umpristi, nakuyo inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ekamu emathafeni akwaMowabi angaseJordani ngaseJeriko.
Verse 13: OMose, no-Eleyazare umpristi, nazo zonke izikhulu zenhlangano baphuma ukubahlangabeza ngaphandle kwekamu.
Verse 14: UMose wazithukuthelela iziphathimandla zebandla, izinduna zezinkulungwane nezinduna zamakhulu ezazibuya empini.
Verse 15: UMose wathi kuzo: “Nisindisile bonke abesifazane na?
Verse 16: Bhekani, laba benza ukuba abantwana bakwa-Israyeli ngesiluleko sikaBileyamu baphambeke kuJehova ngendaba yasePeyori, kwaba khona isifo phakathi kwenhlangano kaJehova.
Verse 17: Ngalokho bulalani manje bonke abesilisa phakathi kwabantwana, nibulale nabo bonke abesifazane abayazi indoda ngokulala nayo.
Verse 18: Kepha onke amantombazana angazanga ndoda ngokulala nayo, nizisindisele wona.
Verse 19: “Misani ngaphandle kwekamu izinsuku eziyisikhombisa; yilowo nalowo obulele umuntu, nalowo othintile obuleweyo, makaziphothule ngosuku lwesithathu nangosuku lwesikhombisa, nina nabathunjwa benu.
Verse 20: Nazo zonke izingubo, nakho konke okwenziwe ngesikhumba, nayo yonke imisebenzi yoboya bezimbuzi, nazo zonke izinto ezenziwe ngomuthi, niyakuziphothula mayelana nakho.”
Verse 21: Umpristi u-Eleyazare wathi kumadoda empi ayeyile ekulweni: “Lokhu kuyisimiso somthetho uJehova ayale ngaso uMose:
Verse 22: kuphela igolide, nesiliva, nethusi, nensimbi, nethini, nomthofu,
Verse 23: konke okungahlala emlilweni, niyakukudabulisa emlilweni, kuhlambuluke; kodwa kuyakuhlanjululwa ngamanzi okuphothula, kepha konke okungenakuhlala emlilweni niyakukudabulisa emanzini.
Verse 24: Niyakuhlanza izingubo zenu ngosuku lwesikhombisa, nihlambuluke, andukuba ningene ekamu.”
Verse 25: UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
Verse 26: “Balani impango yonke ethathiweyo, abantu nezilwane, wena no-Eleyazare umpristi, nezinhloko zezindlu zawoyise benhlangano,
Verse 27: wena wahlukanisele impango kabili phakathi kwamadoda empi aya ekulweni nenhlangano yonke,
Verse 28: uthelisele uJehova amadoda empi aya ekulweni, kube kunye emakhulwini ayisihlanu, awabantu, nawezinkomo, nawezimbongolo, nawezimvu,
Verse 29: nikuthathe enxenyeni yabo, nikunike u-Eleyazare umpristi, kube ngumnikelo wokuphakanyiswa kaJehova.
Verse 30: Enxenyeni yabantwana bakwa-Israyeli wothabatha kube kunye emashumini ayisihlanu, awabantu, nawezinkomo, nawezimbongolo, nawezimvu, yebo, awezilwane zonke, ukunike amaLevi agcina inkonzo yetabernakele likaJehova.”
Verse 31: OMose no-Eleyazare umpristi benza njengalokho uJehova emyalile uMose.
Verse 32: Impango-ke eyayisele kwethathiwe ngamadoda empi yayiyizimvu eziyizinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha namashumi ayisikhombisa nanhlanu,
Verse 33: nezinkomo eziyizinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa nambili,
Verse 34: nezimbongolo eziyizinkulungwane ezingamashumi ayisithupha nanye,
Verse 35: nabantu, abesifazane abangazangandoda ngokulala nayo, abayizinkulungwane ezingamashumi amathathu nambili, bebonke.
Verse 36: Nenxenye eyayiyisabelo sabaphuma impi umumo wayo wawuyizimvu eziyizinkulungwane ezingamakhulu amathathu namashumi amathathu nesikhombisa namakhulu ayisihlanu,
Verse 37: nentela kaJehova yezimvu yayingamakhulu ayisithupha namashumi ayisikhombisa nanhlanu.
Verse 38: Izinkomo zaziyizinkulungwane ezingamashumi amathathu nesithupha, intela kaJehova kuzo ingamashumi ayisikhombisa nambili.
Verse 39: Izimbongolo zaziyizinkulungwane ezingamashumi amathathu namakhulu ayisihlanu, intela kaJehova kuzo ingamashumi ayisithupha nanye.
Verse 40: Abantu babe yizinkulungwane eziyishumi nesithupha, intela kaJehova kubo ingamashumi amathathu nambili.
Verse 41: UMose wamnika u-Eleyazare umpristi intela eyayingumnikelo wokuphakanyiswa kaJehova, njengalokho uJehova emyalile uMose.
Verse 42: Enxenyeni yabantwana bakwa-Israyeli uMose ayahlukanisa neyamadoda ayelwile
Verse 43: inxenye yenhlangano yayiyizimvu eziyizinkulungwane ezingamakhulu amathathu namashumi amathathu nesikhombisa namakhulu ayisihlanu,
Verse 44: nezinkomo eziyizinkulungwane ezingamashumi amathathu nesithupha,
Verse 45: nezimbongolo eziyizinkulungwane ezingamashumi amathathu namakhulu ayisihlanu,
Verse 46: nabantu abayizinkulungwane eziyishumi nesithupha
Verse 47: yebo, kule nxenye yabantwana bakwa-Israyeli uMose wathatha kube kunye emashumini ayisihlanu, awabantu nawezilwane, wakunika amaLevi agcina inkonzo yetabernakele likaJehova, njengalokho uJehova emyalile uMose.
Verse 48: Iziphathimandla ezaziphezu kwezinkulungwane zebandla, izinduna zezinkulungwane nezinduna zamakhulu, zasondela kuMose, zathi kuMose:
Verse 49: “Izinceku zakho zibale onke amadoda empi asesandleni sethu, akwasala neyodwa yethu.
Verse 50: Silethile umnikelo kaJehova, kwaba yilowo nalowo lokho akutholileyo, izinto zegolide, nezigqizo, namasongo, nezindandatho, namacici, nemigexo ukuyenzela imiphefumulo yethu ukubuyisana phambi kukaJehova.”
Verse 51: OMose no-Eleyazare bamukela igolide kubo, namagugu asetshenziweyo.
Verse 52: Lonke igolide lomnikelo wokuphakanyiswa abanikela ngalo kuJehova, elezinduna zezinkulungwane nelezinduna zamakhulu, lalingamashekeli ayizinkulungwane eziyishumi nesithupha namakhulu ayisikhombisa namashumi ayisihlanu.
Verse 53: Ngokuba amadoda empi ayezithathele impango, kwaba yileyo naleyo ngokwayo.
Verse 54: OMose no-Eleyazare umpristi bamukela igolide kuzo izinduna zezinkulungwane nakwezamakhulu, baliletha etendeni lokuhlangana, laba yisikhumbuzo sabantwana bakwa-Israyeli phambi kukaJehova.