Verse 1: Kwathi emva kwaleso sifo uJehova wakhuluma kuMose naku-Eleyazare indodana ka-Aroni umpristi, wathi:
Verse 2: “Balani umumo wenhlangano yonke yabantwana bakwa-Israyeli kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, ngezindlu zawoyise, bonke abakwa-Israyeli abangaphuma impi.”
Verse 3: OMose no-Eleyazare umpristi bakhuluma nabo emathafeni akwaMowabi ngaseJordani ngaseJeriko, bathi:
Verse 4: “Yebo, bona abaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, njengalokho uJehova eyalile uMose nabantwana bakwa-Israyeli abaphuma ezweni laseGibithe.”
Verse 5: URubeni, izibulo lika-Israyeli: amadodana kaRubeni: kwaHanoki: ngumndeni wakwaHanoki; kwaPhalu: ngumndeni wakwaPhalu;
Verse 6: kwaHesironi: ngumndeni wakwaHesironi; kwaKarmi: ngumndeni wakwaKarmi.
Verse 7: Yileyo eyimindeni yabakwaRubeni; ababalwayo kuyo babe yizinkulungwane ezingamashumi amane nantathu namakhulu ayisikhombisa namashumi amathathu.
Verse 8: Amadodana kaPhalu: ngu-Eliyabe.
Verse 9: Amadodana ka-Eliyabe: ngoNemuweli, noDathani, no-Abiramu. Laba bangoDathani no-Abiramu labo ababizwa yinhlangano ukuba balwe noMose no-Aroni bekulo iviyo likaKora, lilwa noJehova;
Verse 10: umhlaba wavula umlomo wawo, wabagwinya kanye noKora ekufeni kwalelo viyo, lapho umlilo waqeda amadoda angamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, aba yisixwayiso.
Verse 11: Kepha amadodana kaKora awafanga.
Verse 12: Amadodana kaSimeyoni ngemindeni yawo: kwaNemuweli: ngumndeni wakwaNemuweli; kwaJamini: ngumndeni wakwaJamini; kwaJakini: ngumndeni wakwaJakini;
Verse 13: kwaZera: ngumndeni wakwaZera; kwaShawule: ngumndeni wakwaShawule.
Verse 14: Yileyo eyimindeni yabakwaSimeyoni, izinkulungwane ezingamashumi amabili nambili namakhulu amabili.
Verse 15: Amadodana kaGadi ngemindeni yawo: kwaSefoni: ngumndeni wakwaSefoni; kwaHagi: ngumndeni wakwaHagi; kwaShuni: ngumndeni wakwaShuni;
Verse 16: kwa-Ozini: ngumndeni wakwa-Ozini; kwa-Eri: ngumndeni wakwa-Eri;
Verse 17: kwa-Arodi: ngumndeni wakwa-Arodi; kwa-Areli: ngumndeni wakwa-Areli.
Verse 18: Yileyo eyimindeni yamadodana kaGadi ngokwababalwayo kubo, izinkulungwane ezingamashumi amane namakhulu ayisihlanu.
Verse 19: Amadodana kaJuda: ngo-Eri no-Onani; o-Eri no-Onani bafela ezweni laseKhanani.
Verse 20: Amadodana kaJuda ngemindeni yawo: kwaShela: ngumndeni wakwaShela; kwaPheresi: ngumndeni wakwaPheresi; kwaZera: ngumndeni wakwaZera.
Verse 21: Amadodana kaPheresi: kwaHesironi: ngumndeni wakwaHesironi; kwaHamule: ngumndeni wakwaHamule.
Verse 22: Yileyo eyimindeni kaJuda ngokwababalwayo kubo, izinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa nesithupha namakhulu ayisihlanu.
Verse 23: Amadodana ka-Isakare ngemindeni yawo: kwaThola: ngumndeni wakwaThola; kwaPhuva ngumndeni wakwaPhuva;
Verse 24: kwaJashubi: ngumndeni wakwaJashubi; kwaShimroni: ngumndeni wakwaShimroni.
Verse 25: Yileyo eyimindeni ka-Isakare ngokwababalwayo kubo, izinkulungwane ezingamashumi ayisithupha nane namakhulu amathathu.
Verse 26: Amadodana kaZebuloni ngemindeni yawo: kwaSeredi: ngumndeni wakwaSeredi; kwa-Eloni: ngumndeni wakwa-Eloni; kwaJaleli: ngumndeni wakwaJaleli.
Verse 27: Yileyo eyimindeni yabakwaZebuloni ngokwababalwayo kubo, izinkulungwane ezingamashumi ayisithupha namakhulu ayisihlanu.
Verse 28: Amadodana kaJosefa ngemindeni yawo: ngoManase no-Efrayimi.
Verse 29: Amadodana kaManase: kwaMakiri: ngumndeni wakwaMakiri; uMakiri wazala uGileyadi; kwaGileyadi: ngumndeni wakwaGileyadi.
Verse 30: Lawa angamadodana kaGileyadi: kwa-Iyezeri: ngumndeni wakwa-Iyezeri; kwaHeleki: ngumndeni wakwaHeleki;
Verse 31: kwa-Asiriyeli: ngumndeni wakwa-Asiriyeli; kwaShekemi: ngumndeni wakwaShekemi;
Verse 32: kwaShemida: ngumndeni wakwaShemida; kwaHeferi: ngumndeni wakwaHeferi.
Verse 33: USelofehadi indodana kaHeferi wayengenamadodana enamadodakazi odwa; amagama amadodakazi kaSelofehadi ayengoMahela, noHogila, noMilka, noTirisa.
Verse 34: Yileyo eyimindeni kaManase; ababalwayo kubo babeyizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu nambili namakhulu ayisikhombisa.
Verse 35: Lawa angamadodana ka-Efrayimi ngemindeni yawo: kwaShuthela: ngumndeni wakwaShuthela; kwaBekeri: ngumndeni wakwaBekeri; kwaThahani: ngumndeni wakwaThahani.
Verse 36: Lawa angamadodana kaShuthela: kwa-Eranu: ngumndeni wakwa-Eranu.
Verse 37: Yileyo eyimindeni yamadodana ka-Efrayimi ngokwababalwayo kubo, izinkulungwane ezingamashumi amathathu nambili namakhulu ayisihlanu. Lawo angamadodana kaJosefa ngemindeni yawo.
Verse 38: Amadodana kaBenjamini ngemindeni yawo: kwaBela: ngumndeni wakwaBela; kwa-Ashibeli: ngumndeni wakwa-Ashibeli; kwa-Ahiramu: ngumndeni wakwa-Ahiramu;
Verse 39: kwaShefufamu: ngumndeni wakwaShufamu; kwaHufamu: ngumndeni wakwaHufamu.
Verse 40: Amadodana kaBela ayengo-Arida noNahamani; kwa-Arida: ngumndeni wakwa-Arida; kwaNahamani: ngumndeni wakwaNahamani.
Verse 41: Yilawo angamadodana kaBenjamini ngemindeni yawo; ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amane nanhlanu namakhulu ayisithupha.
Verse 42: Lawa angamadodana kaDani ngemindeni yawo: kwaShuhamu: ngumndeni wakwaShuhamu. Yileyo eyimindeni kaDani ngemindeni yayo.
Verse 43: Yonke imindeni yabakwaShuhamu ngokwababalwayo kubo yayiyizinkulungwane ezingamashumi ayisithupha nane namakhulu amane.
Verse 44: Amadodana ka-Asheri ngemindeni yawo: kwaJimna: ngumndeni wakwaJimna; kwaJishiwi: ngumndeni wakwaJishiwi; kwaBeriya: ngumndeni wakwaBeriya.
Verse 45: Kumadodana kaBeriya: kwaHebere: ngumndeni wakwaHebere; kwaMalikiyeli: ngumndeni wakwaMalikiyeli.
Verse 46: Igama lendodakazi ka-Asheri lalinguSera.
Verse 47: Yileyo eyimindeni yamadodana ka-Asheri ngokwababalwayo kubo, izinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu nantathu namakhulu amane.
Verse 48: Amadodana kaNafetali ngemindeni yawo: kwaJaseli: ngumndeni wakwaJaseli; kwaGuni: ngumndeni wakwaGuni;
Verse 49: kwaJeseri: ngumndeni wakwaJeseri; kwaShilemi: ngumndeni wakwaShilemi.
Verse 50: Yileyo eyimindeni kaNafetali ngemindeni yayo; ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amane nanhlanu namakhulu amane.
Verse 51: Yilabo ababalwayo babantwana bakwa-Israyeli, izinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha nanye namakhulu ayisikhombisa namashumi amathathu.
Verse 52: UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
Verse 53: “Izwe liyakwahlukaniselwa bona labo, libe yifa labo njengokomumo wamagama.
Verse 54: Abaningi uyakubanika ifa elikhulu, abayingcosana uyakubanika ifa elincane, yilowo nalowo anikwe ifa ngokwababalwayo kuye.
Verse 55: Izwe liyakwahlukaniswa nokho ngenkatho; bayakulidla ifa ngokwamagama ezizwe zawoyise.
Verse 56: Ngokwenkatho izwe liyakwahlukaniswa phakathi kwabaningi nabayingcosana.”
Verse 57: Nampa ababalwayo babaLevi ngemindeni yawo: kwaGereshoni: ngumndeni wakwaGereshoni; kwaKohati: ngumndeni wakwaKohati; kwaMerari: ngumndeni wakwaMerari.
Verse 58: Nansi imindeni yamaLevi: ngumndeni wakwaLibini, nomndeni wakwaHebroni, nomndeni wakwaMaheli, nomndeni wakwaMushi, nomndeni wakwaKora. UKohati wazala u-Amramu.
Verse 59: Igama lomka-Amramu lalinguJokebedi indodakazi kaLevi, owazalelwa uLevi eGibithe; wazalela u-Amramu o-Aroni noMose noMiriyamu udadewabo.
Verse 60: U-Aroni wazala oNadabi, no-Abihu, no-Eleyazare, no-Itamari.
Verse 61: ONadabi no-Abihu bafa, lapho benikela ngomlilo ongafanele phambi kukaJehova.
Verse 62: Ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amabili nantathu, bonke abesilisa kusukela kwabanenyanga kuya phezulu; ngokuba ababalwanga phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, lokhu abanikwanga ifa phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli.
Verse 63: Yilabo ababalwa nguMose nangu-Eleyazare umpristi ababala abantwana bakwa-Israyeli emathafeni akwaMowabi ngaseJordani ngaseJeriko.
Verse 64: Kepha phakathi kwalabo kwakungekho muntu wababebaliwe nguMose nangu-Aroni umpristi, ababala abantwana bakwa-Israyeli ehlane laseSinayi.
Verse 65: Ngokuba uJehova wayeshilo ngabo wathi: “Bayakufa nokufa ehlane.” Akusalanga muntu kubo ngaphandle kukaKalebi indodana kaJefune noJoshuwa indodana kaNuni.