Verse 1: Izinhloko zezindlu zawoyise bomndeni wabantwana bakwaGileyadi kaMakiri kaManase, abemindeni yamadodana kaJosefa, zasondela, zakhuluma phambi kukaMose naphambi kwezikhulu, izinhloko zezindlu zawoyise babantwana bakwa-Israyeli,
Verse 2: zathi: UJehova wayiyala inkosi yami ukubanika abantwana bakwa-Israyeli izwe libe yifa labo ngenkatho; inkosi yami yayalwa futhi nguJehova ukuba ifa likaSelofehadi umfowethu iwanike lona amadodakazi akhe.
Verse 3: Uma egana amadodana ezinye izizwe zabantwana bakwa-Israyeli, ifa lawo liyakususwa efeni lawobaba, lithasiselwe efeni laleso sizwe ayakuba ngawaso, kususwe efeni lezwe lethu.
Verse 4: Lapho liyakuba khona ijubili labantwana bakwa-Israyeli, ifa lawo liyakuthasiselwa efeni lalesosizwe ayakuba ngawaso, ifa lawo lisuswe efeni lesizwe sawobaba.
Verse 5: UMose wabayala abantwana bakwa-Israyeli njengezwi likaJehova, wathi: Isizwe samadodana kaJosefa sikhulume kahle.
Verse 6: Yilokho ayala ngakho uJehova ngamadodakazi kaSelofehadi, ethi: Mawagane njengokuhle emehlweni awo, kodwa agane nokho emndenini wesizwe sikayise.
Verse 7: Ifa labantwana bakwa-Israyeli aliyikuhamba izizwe ngezizwe, ngokuba abantwana bakwa-Israyeli bayakunamathela, kube yilowo nalowo efeni lesizwe sawoyise.
Verse 8: Yileyo naleyo ndodakazi enefa esizweni esithile sabantwana bakwa-Israyeli iyakuba ngumfazi womndeni wesizwe sikayise, ukuze yilowo nalowo wabantwana bakwa-Israyeli abe nefa lawoyise.
Verse 9: Ifa aliyikuhamba izizwe ngezizwe, ngokuba izizwe zabantwana bakwa-Israyeli ziyakunamathela, kube yileso naleso efeni laso.
Verse 10: Njengalokho uJehova emyalile uMose, enze njalo-ke amadodakazi kaSelofehadi,
Verse 11: ngokuba oMahela, noTirisa, noHogila, noMilka, noNowa, amadodakazi kaSelofehadi, agana amadodana awoyisekazi.
Verse 12: Agana emindenini yamadodana kaManase indodana kaJosefa, nefa lawo lahlala esizweni somndeni kayise.
Verse 13: Leyo iyimiyalo nezahlulelo uJehova ayala ngakho ngesandla sikaMose abantwana bakwa-Israyeli emathafeni akwaMowabi ngaseJordani ngaseJeriko.