Verse 1: Inhlangano yonke yayisiphakamisa izwi layo, yakhala. Abantu bakhala izinyembezi ngalobo busuku.
Verse 2: Bonke abantwana bakwa-Israyeli bakhonona ngoMose nango-Aroni; yonke inhlangano yathi kubo: “Sengathi nga safa ezweni laseGibithe, noma sengathi nga safa kuleli hlane.
Verse 3: UJehova usilethelani kuleli zwe, siwe ngenkemba na? Omkethu nabancane bethu bayakuba yimpango; bekungengcono yini kithi ukubuyela eGibithe na?”
Verse 4: Bathi omunye komunye: “Masibeke induna, sibuyele eGibithe.”
Verse 5: Khona oMose no-Aroni bawa ngobuso babo phambi kwebandla lonke lenhlangano yabantwana bakwa-Israyeli.
Verse 6: UJoshuwa indodana kaNuni noKalebi indodana kaJefune ababephakathi kwabahlola izwe baklebhula izingubo zabo,
Verse 7: bakhuluma kuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli, bathi: “Izwe esalidabula ukulihlola liyizwe elihle kakhulu.
Verse 8: Uma uJehova esithanda, uyakusingenisa kulelo zwe, asinike lona, izwe elivame ubisi nezinyosi.
Verse 9: Kodwa ningahlubuki kuJehova, futhi ningesabi abantu balelo zwe; ngokuba bayisinkwa kithi; umthunzi wabo usukile phezu kwabo, kodwa uJehova unathi; ningabesabi.”
Verse 10: Kepha inhlangano yonke yathi mabakhandwe ngamatshe. Inkazimulo kaJehova yabonakala etendeni lokuhlangana kubo bonke abantwana bakwa-Israyeli.
Verse 11: UJehova wayesekhuluma kuMose, wathi: “Koze kube nini laba bantu bengidelela na? Koze kube nini bengakholwa yimi ngezibonakaliso zonke engizenzile phakathi kwabo na?
Verse 12: Ngiyakubashaya ngesifo, ngibaphuce ifa, ngikwenze isizwe esikhulu nesinamandla kunabo.”
Verse 13: UMose wathi kuJehova: “Khona abaseGibithe bayakukuzwa, ngokuba wakhuphula laba bantu ngamandla akho phakathi kwabo,
Verse 14: babatshele abakhe kuleli zwe; bezwile ukuthi wena Jehova uphakathi kwalaba bantu, babonane nawe Jehova ubuso nobuso; ifu lakho limi phezu kwabo, wena uhamba phambi kwabo usensikeni yefu emini nasensikeni yomlilo ebusuku.
Verse 15: Manje-ke uma ubulala laba bantu njengomuntu munye, izizwe ezizwe udumo lwakho ziyakukhuluma zithi:
Verse 16: ‘Ngokuba uJehova ebengenamandla okungenisa abantu bakhe ezweni alifungela kubo, ngalokho ubabulele ehlane.’
Verse 17: “Kalokhu ake abe makhulu amandla eNkosi njengokusho kwakho ukuthi:
Verse 18: ‘UJehova uyephuza ukuthukuthela, uvame umusa, uthethelela ububi neziphambeko, angayekeli nokho onecala, kepha ahambele ububi bawoyise kubantwana, kuze kube sezizukulwaneni sesithathu nesesine.’
Verse 19: Ake uthethelele ububi balaba bantu ngokobukhulu bomusa wakho, njengalokho uyekele laba bantu kusukela eGibithe kuze kube manje.”
Verse 20: UJehova wathi: “Yebo, ngiyathethelela njengezwi lakho;
Verse 21: kepha impela, kuphila kwami nenkazimulo kaJehova eyakugcwalisa wonke umhlaba,
Verse 22: lokhu bonke labo bantu ababone inkazimulo yami nezibonakaliso zami engazenza eGibithe nasehlane bengilingile kayishumi, abalalela izwi lami,
Verse 23: abayikubona ngempela izwe engalifungela oyise, futhi aliyikubonwa muntu walabo abangidelela;
Verse 24: kepha inceku yami uKalebi, lokhu wayenomunye umoya, wangilandela ngokupheleleyo, yena ngiyakumngenisa ezweni aya kulo; inzalo yakhe iyakulidla.
Verse 25: Ama-Amaleki namaKhanani akhile esigodini; jikani kusasa, ningene ehlane ngasendleleni eya eLwandle Olubomvu.”
Verse 26: UJehova wakhuluma kuMose naku-Aroni, wathi:
Verse 27: “Koze kube nini le nhlangano embi ikhonona ngami na? Ngizwile ukukhonona kwabantwana bakwa-Israyeli abakhonona ngakho ngami.
Verse 28: Yisho kubo ukuthi: ‘Kuphila kwami, ngiyakwenza kini impela njengalokho nikhulumile ezindlebeni zami:
Verse 29: izidumbu zenu ziyakuwa kuleli hlane, nabo bonke ababalwayo kini njengokomumo wenu wonke, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, abakhononile ngami,
Verse 30: abayikungena ngempela ezweni engaphakamisa ngalo isandla sami ukuthi bengiyakunakhisa kulo, ngaphandle kukaKalebi indodana kaJefune noJoshuwa indodana kaNuni.
Verse 31: Kepha abancane benu enasho ngabo ukuthi bayakuba yimpango, bona ngiyakubangenisa, balazi izwe enalilahla.
Verse 32: Nina-ke, izidumbu zenu ziyakuwa kuleli hlane.
Verse 33: Abantwana benu bayakuba ngabelusi ehlane iminyaka engamashumi amane, bathwale ukuphinga kwenu, izidumbu zenu zize ziqedwe ehlane.
Verse 34: Njengokomumo wezinsuku enahlola ngazo izwe, izinsuku ezingamashumi amane, umnyaka ngosuku, niyakuthwala ububi benu, yebo, iminyaka engamashumi amane, nize nazi ukuthi kunjani uma ngimelana nani.’
Verse 35: Mina Jehova ngikhulumile; ngiyakwenza lokho ngempela kuyo yonke le nhlangano embi engihlanganyeleyo; kuleli hlane bayakuqedwa, bafele khona.”
Verse 36: Nalawo madoda athunywa nguMose ukuhlola izwe, abuya akhononisa yonke inhlangano ngaye ngokuletha umbiko omubi ngezwe,
Verse 37: wona lawo madoda aletha umbiko omubi ngezwe afa ngesifo phambi kukaJehova.
Verse 38: Kepha uJoshuwa indodana kaNuni noKalebi indodana kaJefune ababenalawo madoda ukuhlola izwe basinda.
Verse 39: UMose wakhuluma lawo mazwi kubo bonke abantwana bakwa-Israyeli; abantu balila kakhulu.
Verse 40: Bavuka ekuseni kakhulu, benyukela esiqongweni sentaba, bathi: “Bhekani, sesilapha, kepha siyakuya endaweni ayithembisile uJehova, ngokuba sonile.”
Verse 41: UMose wathi: “Neqelani izwi likaJehova na? Akuyikuphumelela.
Verse 42: Ningenyuki, ngokuba uJehova akakho phakathi kwenu, ukuba ningashaywa ebusweni bezitha zenu.
Verse 43: Ngokuba ama-Amaleki namaKhanani alapho ngaphambi kwenu; niyakuwa ngenkemba, lokhu nibuyele emuva ekumlandeleni uJehova; ngalokho uJehova akayikuba khona phakathi kwenu.”
Verse 44: Ngokuzidla bakhuphukela nokho esiqongweni sentaba, kepha umphongolo wesivumelwano sikaJehova noMose awuphumanga ekamu.
Verse 45: Ayesehla ama-Amaleki kanye namaKhanani ayehlala kuleyo ntaba, abashaya, abaqothula kwaze kwaba seHorma.