Nahum - Chapter 2

Verse 1: Kukhuphukela umchithi kuwe; gcina inqaba, ulinde indlela, uqinise izinkalo zakho, uwenze amandla akho ukuba aqine.

Verse 2: Ngokuba uJehova uyabuyisa ukuphakama kukaJakobe njengokuphakama kuka-Israyeli, lokhu abathululayo bebathululile, bachitha amagatsha emivini yabo.

Verse 3: Izihlangu zamaqhawe akhe zibomvu, amadoda anamandla embethe okubomvu; izinqola zibengezela umlilo ensimbini ngosuku lokuzilungisela kwakhe; imikhonto iyaveva.

Verse 4: Izinqola ziyahlanya ezitaladini, ziyaficana ezigcawini; ukubonakala kwazo kunjengezimbaqa, zigijima njengemibani.

Verse 5: Useyakhumbula izikhulu zakhe, ziyakhubeka ekuhambeni kwazo; zisheshela izingange zakhona, izivikelo ziyalungiswa.

Verse 6: Amasango emifula ayavulwa, indlu yamakhosi iyancibilika.

Verse 7: Kunqunyiwe: liyambulwa, lisuswe; izincekukazi zalo zibubula ngezwi lamajuba, zibetha phezu kwezinhliziyo zazo.

Verse 8: Kepha iNineve linjengechibi lamanzi kwasendulo, nokho bayabaleka. “Yimani, yimani!” Kepha akakho ophendukayo.

Verse 9: Phangani isiliva! Phangani igolide! Ngokuba akukho ukuphela kokunqwatshelweyo nokukhazimula kwazo zonke izinto ezinxanelekayo.

Verse 10: Liyize, alisenalutho, lichithekile; inhliziyo iyancibilika, amadolo ayashayana, imihelo isezinkalweni zonke, nobuso babo bonke buphaphathekile.

Verse 11: Uphi umphandu wezingonyama, nedlelo lamabhongo ezingonyama, lapho kwahamba ingonyama nengonyamakazi nebhongo lengonyama, kungekho okwesabisayo na?

Verse 12: Ingonyama yadwengula okwanele amabhongo ayo, yabindela izingonyamakazi zayo; yagcwalisa imiphandu yayo ngempango nemigede yayo ngengcugco.

Verse 13: “Bheka, ngimelene nawe,” usho uJehova Sebawoti; “ngiyakushisa izinqola zakho emsini, inkemba idle amabhongo akho ezingonyama; ngiyakunquma impango yakho emhlabeni, nezwi lezithunywa zakho alisayikuzwakala.”

Select Chapter
1 2 3
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories