Habakkuk - Chapter 2

Verse 1: Ngiyakuma endaweni yami yokulinda, ngigcule enqabeni, ngikhangele ukubona ukuthi uyakukhulumani kimi nokuthi ngiyakuphendulani ngokusola kwami.

Verse 2: UJehova wangiphendula wathi: “Wulobe umbono, uwuqophe ezibhebheni ukuba kufundwe kalula.

Verse 3: Ngokuba umbono usengowesikhathi esimisiweyo; uphuthuma ekupheleni, awuyikukhohlisa; noma ulibala, wulindele, ngokuba uyakufika nokufika, awuyikwephuza.

Verse 4: “Bheka, umphefumulo wakhe uziphakamisile, awuqotho phakathi kwakhe, kepha olungileyo uzakuphila ngokukholwa kwakhe.

Verse 5: Yebo, iwayini liyakhohlisa, lingumuntu okhukhumeleyo ongayikuma, owandisa ukufisa kwakhe njengendawo yabafileyo; unjengokufa: akasuthi; uyazibuthela zonke izizwe, uziqoqela bonke abantu.

Verse 6: “Bona abayikuphakamisa isaga nomfanekiso wemfumbe ngaye, bathi: “ ‘Wo kuyena owandisa okungesikho okwakhe koze kube nini na? — nozisindisa ngezibambiso!’

Verse 7: Abayikuvuka ngokuzumayo abakulumayo, bavuke abakuthuthumelisayo, ube yimpango yabo, na?

Verse 8: Ngokuba wena uphangile izizwe eziningi, bonke abanye abantu bayakuphanga wena, ngenxa yezingazi zabantu nendluzula eyenziwe ezweni, nasemzini, nakubo bonke abakhe kuwo.

Verse 9: “Wo kozuzela indlu yakhe inzuzo embi ukuba abeke isidleke sakhe phezulu ukuyophulwa esandleni sobubi!

Verse 10: Ucebele indlu yakho okubi ngokuchitha abantu abaningi, wona kuwo umphefumulo wakho.

Verse 11: Ngokuba amatshe ayakukhala esodongeni, nomshayo uyakuwaphendula usemithini.

Verse 12: “Wo kowakha umuzi ngezingazi, aqinise idolobha ngobubi!

Verse 13: Bheka, akuveli kuJehova Sebawoti ukuthi abantu bakhandlekela umlilo, izizwe zizikhathaze ngokuyize, na?

Verse 14: Ngokuba umhlaba uyakugcwala ukwazi inkazimulo kaJehova, njengamanzi asibekela ulwandle.

Verse 15: “Wo komphuzisa umngane wakhe, axube nokufutheka, amdakise, ukuze abuke ubunqunu bakhe!

Verse 16: Uyakusuthiswa ngehlazo esikhundleni senkazimulo, uphuze nawe, wambule ijwabu, indebe yesandla sokunene sikaJehova siphendulelwe kuwe, kube yihlazo phezu kodumo lwakho.

Verse 17: Ngokuba indluzula eyenziwe eLebanoni iyakukusibekela, ukuchithwa kwezilwane kukwesabise, ngenxa yezingazi zabantu nendluzula eyenziwe ezweni, nasemzini, nakubo bonke abakhe kuwo.

Verse 18: “Sisizani isithombe esibaziweyo, lokhu umbumbi waso esibaza, nesithombe esibunjiweyo nomfundisi wamanga, lokhu umbumbi waso ethemba kuso, ukuze enze izithombe eziyizimungulu, na?

Verse 19: Wo koshoyo kumuthi ukuthi: ‘Vuka!’ nakulo itshe eliyisimungulu: ‘Phaphama!’ Lokhu kungafundisa na? Bheka, kunamekwe ngegolide nangesiliva, kungekho neze umoya phakathi kwakho.

Verse 20: Kepha uJehova usethempelini lakhe elingcwele; thula phambi kwakhe, mhlaba wonke.”

Select Chapter
1 2 3
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories