Verse 1: Ngakho-ke masesabe ukuba, kuthi kusekhona isithembiso sokungena ekuphumuleni kwakhe, kungabikho noyedwa kini obonakala esele emuva.
Verse 2: Ngokuba phela nathi sashunyayezwa ivangeli njengabo; kepha izwi abalizwayo alibasizanga bona, lokhu lingahlangananga nabezwayo ngokukholwa.
Verse 3: Ngokuba siyangena ekuphumuleni thina esikholwayo njengokusho kwakhe ukuthi: “Kanjalo ngafunga ekuthukutheleni kwami, ngathi: ‘Abayikungena ekuphumuleni kwami,’ ” nakuba imisebenzi yayenziwa kwasekusekelweni kwezwe.
Verse 4: Ngokuba ushilo endaweni ethile ngosuku lwesikhombisa ukuthi: “UNkulunkulu waphumula ngosuku lwesikhombisa emisebenzini yakhe yonke,”
Verse 5: nakule ndawo uthi futhi: “Abayikungena ekuphumuleni kwami.”
Verse 6: Ngakho-ke lokhu kusasele ukuba abanye bangene kukho, nalabo abashunyayezwa kuqala ivangeli bengangenanga ngokungalaleli,
Verse 7: uyanquma futhi usuku oluthile oluthiwa Namuhla, esho ngoDavide emva kwesikhathi esingaka njengokushiwo kuqala ukuthi: “Namuhla, uma nilizwa izwi lakhe, ningazenzi lukhuni izinhliziyo zenu.”
Verse 8: Ngokuba uma uJoshuwa wayebaphumuzile, wayengayikukhuluma emva kwalokhu ngolunye usuku.
Verse 9: Ngakho-ke kubasalele abantu bakaNkulunkulu ukuphumula kwesabatha.
Verse 10: Ngokuba ongenile ekuphumuleni kwakhe yena uphumula emisebenzini yakhe njengoNkulunkulu kweyakhe.
Verse 11: Ngakho-ke masikhuthalele ukungena kulokho kuphumula, ukuze kungawi muntu ngaleso siboniso sokungalaleli.
Verse 12: Ngokuba izwi likaNkulunkulu liphilile, linamandla, libukhali kunezinkemba zonke ezisika nhlangothi zombili, lihlaba kuze kwahlukaniswe umphefumulo nomoya, amalungu nomnkantsha, lahlulela imicabango nezizindlo zenhliziyo;
Verse 13: futhi akukho nto edaliweyo engabonakali phambi kwakhe, kepha konke kwambuliwe kusobala emehlweni akhe esiyakuzilanda kuye.
Verse 14: Ngakho-ke lokhu sinomPristi omkhulu kakhulu odabulile amazulu, uJesu iNdodana kaNkulunkulu, masibambelele kuso isivumo sethu.
Verse 15: Ngokuba asinaye umPristi omkhulu ongenakuzwelana nobuthakathaka bethu, kepha olingiwe kukho konke njengathi, engenasono.
Verse 16: Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni somusa ukuba samukeliswe isihawu, sifumane umusa wokusiza ngesikhathi esifaneleyo.