Verse 1: ncwadi, bathandekayo, isingeyesibili enginilobele yona, engivusa ngazo ingqondo yenu emhlophe ngokunikhumbuza,
Verse 2: ukuze nikhumbule amazwi ashunyayelwa phambili yibo abaprofethi abangcwele nomyalo weNkosi noMsindisi owashunyayelwa ngabaphostoli benu,
Verse 3: nazi kuqala lokhu ukuthi ngezinsuku zokugcina kuyakufika abahleki abahleka usulu, behamba ngezinkanuko zabo,
Verse 4: bethi: “Siphi isithembiso sokufika kwakhe na? Ngokuba kuselokhu obaba balala, konke kumi kunjalo njengakwasekuqaleni kokudalwa.”
Verse 5: Ngokuba bathanda ukukhohlwa lokhu ukuthi kwaphakade izulu lalikhona kanye nomhlaba owavela emanzini nangawo amanzi, umi ngezwi likaNkulunkulu,
Verse 6: okwathi ngawo izwe elalikhona labhubha ngokukhukhula kwamanzi;
Verse 7: kepha izulu nomhlaba okukhona manje kubekelelwe umlilo ngalo lona leli zwi, kulindele usuku lokwahlulela nolokubhubha kwabantu abangamesabi uNkulunkulu.
Verse 8: Kodwa, bathandekayo, maningakhohlwa lento inye yokuthi kuyo iNkosi usuku lunye lunjengeminyaka eyinkulungwane nokuthi iminyaka eyinkulungwane injengosuku lunye.
Verse 9: INkosi ayilibali ngesithembiso sayo, njengalokhu abanye bathi kungukulibala, kepha iyanibekezelela, ingathandi ukuba kubhubhe namunye, kodwa ukuba bonke beze ekuphendukeni.
Verse 10: Kepha usuku lweNkosi luyakufika njengesela mhla amazulu eyakudlula ngokuhlokoma; kuyakusha konke, kubhidlike; nomhlaba nemisebenzi yawo kuyakusha.
Verse 11: Njengokuba konke kuyakubhidlika kanjalo, kumelwe ukuba nibe ngabantu abanjani ekuhambeni okungcwele nase kumesabeni uNkulunkulu,
Verse 12: nibheka nilangazelela ukufika kosuku lukaNkulunkulu ayakubhidlika ngalo amazulu, ashe, konke kushe, kuncibilike, na?
Verse 13: Kepha siyalindela ngesithembiso sakhe amazulu amasha nomhlaba omusha okukhona kuwo ukulunga.
Verse 14: Ngakho, bathandekayo, lokhu nibheka lezo zinto, khuthalelani ukuba nifunyanwe ninokuthula, ningenabala, ningenacala kuye,
Verse 15: nithi ukubekezela kweNkosi yethu kungukusindiswa, njengalokho nomzalwane wethu othandekayo uPawulu wanilobela njengokuhlakanipha ayekuphiweyo,
Verse 16: njengalokhu nasezincwadini zonke ekhuluma kuzo ngalezo zinto, okukhona kuzo okunye okulukhuni ukuzwisiswa, okuthi abangafundile nabangaqinile bakuhlanekezela, njengalokhu benze njalo nangezinye izincwadi, kube ngukubhujiswa kwabo.
Verse 17: Ngakho, bathandekayo, njengokuba nazi lokhu ngaphambili, xwayani, ukuze ningadukiswa ngokukhohlisa kwabangenamthetho, niwe ekuqineni kwenu,
Verse 18: kepha khulani emseni nasekwazini iNkosi noMsindisi wethu uJesu Kristu. Inkazimulo mayibe kuye namanje nakuze kube lusuku lwaphakade.