Ezra - Chapter 10

Verse 1: U-Ezra esakhuleka, evuma izono ngokukhala, eziwise phansi phambi kwendlu kaNkulunkulu, kwabuthana kuye kuvela ku-Israyeli ibandla elikhulu kakhulu labesilisa nabesifazane nabantwana, ngokuba abantu bakhala ngokukhala okukhulu.

Verse 2: UShekaniya, indodana kaJehiyeli, enye yamadodana ka-Elamu, wathatha wathi ku-Ezra: “Siphambukile kuNkulunkulu wethu, sithathe abesifazane babezizwe kubantu bezwe. Nokho lisekhona ithemba ku-Israyeli ngale nto.

Verse 3: Ngalokho masenze isivumelwano noNkulunkulu wethu ukuba silahle bonke abesifazane nabazelwe yibo ngesiluleko senkosi nesabathuthumela ngomyalo kaNkulunkulu wethu; akwenziwe ngomthetho.

Verse 4: Vuka, ngokuba iphezu kwakho le ndaba; thina sinawe; yiba nesibindi, ukwenze.”

Verse 5: Wayesevuka u-Ezra, wafungisa izikhulu zabapristi, namaLevi, naye wonke u-Israyeli ukuba benze ngokwaleli zwi. Bafunga-ke.

Verse 6: Wayesevuka u-Ezra phambi kwendlu kaNkulunkulu, wangena ekamelweni likaJehohanani indodana ka-Eliyashibi, kepha esefike khona akadlanga sinkwa, kaphuzanga manzi, ngokuba walila ngenxa yesiphambeko sabathunjwa.

Verse 7: Bathumela izwi kwaJuda naseJerusalema kubo bonke abathunjwa ukuba babuthane eJerusalema

Verse 8: ngokuthi bonke abangafiki ngezinsuku ezintathu ngokwesiluleko sezikhulu namalunga kuyakudliwa yonke impahla yabo, bona bahlukaniswe nebandla labathunjwa.

Verse 9: Bonke abantu bakwaJuda nabakwaBenjamini babuthana eJerusalema ngezinsuku ezintathu; kwakuyinyanga yesishiyagalolunye, ngolwamashumi amabili lwenyanga; bonke abantu bahlala esigcawini ngaphambi kwendlu kaNkulunkulu bethuthumela ngale ndaba nangemvula enkulu.

Verse 10: U-Ezra, umpristi, wasukuma, wathi kubo: “Niphambukile nithathe abesifazane babezizwe ukwandisa icala lakwa-Israyeli.

Verse 11: Ngalokho vumani izono kuJehova uNkulunkulu wawoyihlo, nenze intando yakhe, nizahlukanise nabantu bezwe nabesifazane babezizwe.”

Verse 12: Lase liphendula lonke ibandla, lathi ngezwi elikhulu: “Njengokusho kwakho kithina nga sikwenza.

Verse 13: Kepha abantu baningi, futhi kuyisikhathi semvula enkulu, asinakuma phandle, futhi lo msebenzi awusiwo walusuku lunye nowezimbili, ngokuba siphambukile kakhulu ngale ndaba.

Verse 14: Izinduna zethu mazime phambi kwebandla lonke; bonke abasemizini yethu abathathe abesifazane babezizwe mabeze ngesikhathi esinqunyiweyo, benamalunga emizi ngemizi nabahluleli bayo, ize ibuye kithi intukuthelo evuthayo kaNkulunkulu wethu kule ndaba.”

Verse 15: UJonathani, indodana ka-Asaheli, noJahazeya indodana kaThikiva kuphela bamelana nalokho; oMeshulamu noShabethayi umLevi babasiza.

Verse 16: Kepha abathunjwa benze njalo. Kwakhethwa u-Ezra, umpristi, namadoda ayizinhloko zawoyise njengezindlu zawoyise, bonke ngamagama; bahlala ngosuku lokuqala lwenyanga yeshumi ukuyiphenya le ndaba.

Verse 17: Baqeda namadoda ayethathe abesifazane babezizwe ngosuku lokuqala lwenyanga yokuqala.

Verse 18: Abafunyaniswa phakathi kwamadodana abapristi ukuthi bathathe abesifazane babezizwe nampa: kumadodana kaJeshuwa indodana kaJosadaki nakubafowabo: ngoMahaseya, no-Eliyezeri, noJaribi, noGedaliya.

Verse 19: Banika izandla zabo zokuthi bayakulahla abafazi babo; lokhu benecala, banikela ngenqama yomhlambi ngecala labo.

Verse 20: Kumadodana ka-Imeri: ngoHanani noZebadiya.

Verse 21: Kumadodana kaHarimi: ngoMahaseya, no-Eliya, noShemaya, noJehiyeli, no-Uziya.

Verse 22: Kumadodana kaPhashuri: ngo-Eliyohenayi, noMahaseya, no-Ishmayeli, noNethaneli, noJozabadi, no-Eleyasa.

Verse 23: KumaLevi: ngoJozabadi, noShimeyi, noKhelaya onguKelitha, noPhethahiya, noJuda, no-Eliyezeri.

Verse 24: Kubahlabeleli: ngu-Eliyashibi; kubalindisango: ngoShalumi, noTeleme, no-Uri.

Verse 25: Ku-Israyeli: Kumadodana kaPharoshi: ngoRamiya, no-Iziya, noMalikhiya, noMijamini, no-Eleyazare, noMalikhiya, noBenaya.

Verse 26: Kumadodana ka-Elamu: ngoMathaniya, noZakariya, noJehiyeli, no-Abidi, noJeremoti, no-Eliya.

Verse 27: Kumadodana kaZathu: ngo-Eliyohenayi, no-Eliyashibi, noMathaniya, noJeremoti, noZabadi, no-Aziza.

Verse 28: Kumadodana kaBebayi: ngoJehohanani, noHananiya, noZabayi, no-Atilayi.

Verse 29: Kumadodana kaBani: ngoMeshulamu, noMaluki, no-Adaya, noJashubi, noSheyali, noJeremoti.

Verse 30: Kumadodana kaPhahati Mowabi: ngo-Adina, noKhelali, noBenaya, noMahaseya, noMathaniya, noBesaleli, noBinuwi, noManase.

Verse 31: Amadodana kaHarimi: o-Eliyezeri, noJishiya, noMalikhiya, noShemaya, noShimeyoni,

Verse 32: noBenjamini, noMaluki, noShemariya.

Verse 33: Kumadodana kaHashumi: ngoMathenayi, noMathatha, noZabadi, no-Elifeleti, noJeremayi, noManase, noShimeyi.

Verse 34: Kumadodana kaBani: ngoMahadayi, no-Amramu, no-Uweli,

Verse 35: noBenaya, noBedeya, noKeluhi,

Verse 36: noVaniya, noMeremoti, no-Eliyashibi,

Verse 37: noMathaniya, noMathenayi, noJahasu,

Verse 38: noBani, noBinuwi, noShimeyi,

Verse 39: noShelemiya, noNathani, no-Adaya,

Verse 40: noMakenadebayi, noShashayi, noSharayi,

Verse 41: no-Azareli, noShelemiya, noShemariya,

Verse 42: noShalumi, no-Amariya, noJosefa.

Verse 43: Kumadodana kaNebo: ngoJehiyeli, noMatithiya, noZabadi, noSebina, no-Ido, noJoweli, noBenaya.

Verse 44: Bonke labo babethathe abesifazane babezizwe; kwakukhona phakathi kwabo abesifazane ababezele abantwana.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories