Verse 1: Nampa abantwana bezwe abakhuphuka ekuthunjweni kwababethunjiwe bayiswa eBabele nguNebukadinesari, inkosi yaseBabele, babuyela eJerusalema nakwaJuda, kwaba yilowo nalowo emzini wakubo,
Verse 2: bafika noZerubabele, noJeshuwa, noNehemiya, noSeraya, noRehelaya, noMoridekayi, noBilishani, noMisipari, noBigivayi, noRehumi, noBahana. Umumo wamadoda abantu bakwa-Israyeli nanku:
Verse 3: abantwana bakwaPharoshi: yizinkulungwane ezimbili nekhulu namashumi ayisikhombisa nambili;
Verse 4: abantwana bakwaShefathiya: ngamakhulu amathathu namashumi ayisikhombisa nambili;
Verse 5: abantwana bakwa-Ara: ngamakhulu ayisikhombisa namashumi ayisikhombisa nanhlanu;
Verse 6: abantwana bakwaPhakati Mowabi babantwana bakwaJeshuwa noJowabe: yizinkulungwane ezimbili namakhulu ayisishiyagalombili neshumi nambili;
Verse 7: abantwana bakwa-Elamu: yinkulungwane namakhulu amabili namashumi ayisihlanu nane;
Verse 8: abantwana bakwaZathu: ngamakhulu ayisihiyagalolunye namashumi amane nanhlanu;
Verse 9: abantwana bakwaZakayi: ngamakhulu ayisikhombisa namashumi ayisithupha;
Verse 10: abantwana bakwaBani: ngamakhulu ayisithupha namashumi amane nambili;
Verse 11: abantwana bakwaBebayi: ngamakhulu ayisithupha namashumi amabili nantathu;
Verse 12: abantwana bakwa-Azigadi: yinkulungwane namakhulu amabili namashumi amabili nambili;
Verse 13: abantwana bakwa-Adonikamu ngamakhulu ayisithupha namashumi ayisithupha nesithupha;
Verse 14: abantwana bakwaBigivayi: yizinkulungwane ezimbili namashumi ayisihlanu nesithupha;
Verse 15: abantwana bakwa-Adini: ngamakhulu amane namashumi ayisihlanu nane;
Verse 16: abantwana bakwa-Atheri kaHezekiya: ngamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalombili;
Verse 17: abantwana bakwaBesayi: ngamakhulu amathathu namashumi amabili nantathu;
Verse 18: abantwana bakwaJora: yikhulu neshumi nambili;
Verse 19: abantwana bakwaHashumi: ngamakhulu amabili namashumi amabili nantathu;
Verse 20: abantwana bakwaGibari: ngamashumi ayisishiyagalolunye nanhlanu;
Verse 21: abantwana baseBetlehema: yikhulu namashumi amabili nantathu;
Verse 22: amadoda aseNethofa; ngamashumi ayisihlanu nesithupha;
Verse 23: amadoda ase-Anathoti: yikhulu namashumi amabili nesishiyagalombili;
Verse 24: abantwana base-Azimaveti: ngamashumi amane nambili;
Verse 25: abantwana baseKiriyati Arimi, naseKhefira, naseBeyeroti: ngamakhulu ayisikhombisa namashumi amane nantathu;
Verse 26: abantwana baseRama naseGeba: ngamakhulu ayisithupha namashumi amabili nanye;
Verse 27: amadoda aseMikimasi: yikhulu namashumi amabili nambili;
Verse 28: amadoda aseBethele nase-Ayi: ngamakhulu amabili namashumi amabili nantathu;
Verse 29: abantwana baseNebo: ngamashumi ayisihlanu nambili;
Verse 30: abantwana baseMagibishi: yikhulu namashumi ayisihlanu nesithupha;
Verse 31: abantwana bakwa-Elamu omunye: yinkulungwane namakhulu amabili namashumi ayisihlanu nane;
Verse 32: abantwana bakwaHarimi: ngamakhulu amathathu namashumi amabili;
Verse 33: abantwana baseLodi naseHadidi nase-Ono: ngamakhulu ayisikhombisa namashumi amabili nanhlanu;
Verse 34: abantwana baseJeriko: ngamakhulu amathathu namashumi amane nanhlanu;
Verse 35: abantwana baseSenawa; yizinkulungwane ezintathu namakhulu ayisithupha namashumi amathathu.
Verse 36: Abapristi: abantwana bakwaJedaya bendlu kaJeshuwa: ngamakhulu ayisishiyagalolunye namashumi ayisikhombisa nantathu;
Verse 37: abantwana bakwa-Imeri: yinkulungwane namashumi ayisihlanu nambili;
Verse 38: abantwana bakwaPhashuri: yinkulungwane namakhulu amabili namashumi amane nesikhombisa;
Verse 39: abantwana bakwaHarimi: yinkulungwane neshumi nesikhombisa.
Verse 40: AmaLevi: abantwana bakwaJeshuwa noKadimiyeli babantwana bakwaHodaviya: ngamashumi ayisikhombisa nane;
Verse 41: Abahlabeleli: abantwana bakwa Asafa: yikhulu namashumi amabili nesishiyagalombili;
Verse 42: abantwana babalindisango: abantwana bakwaShalumi, nabantwana bakwa-Atheri, nabantwana bakwaThalimoni, nabantwana bakwa-Akubi, nabantwana bakwaHathita, nabantwana bakwaShobayi, bonke beyikhulu namashumi amathathu nesishiyagalolunye.
Verse 43: AmaNethini: ngabantwana bakwaSiha, nabantwana bakwaHasufa, nabantwana bakwaThabawoti,
Verse 44: nabantwana bakwaKerosi, nabantwana bakwaSiyaha, nabantwana bakwaPhadoni,
Verse 45: nabantwana bakwaLebana, nabantwana bakwaHagaba, nabantwana bakwa-Akubi,
Verse 46: nabantwana bakwaHagabi, nabantwana bakwaShamulayi, nabantwana bakwaHanani,
Verse 47: nabantwana bakwaGideli, nabantwana bakwaGahari, nabantwana bakwaRewaya,
Verse 48: nabantwana bakwaResini, nabantwana bakwaNekhoda, nabantwana bakwaGazamu,
Verse 49: nabantwana bakwa-Uza, nabantwana bakwaPhaseya, nabantwana bakwaBesayi,
Verse 50: nabantwana bakwa-Asina, nabantwana bakwaMehuni, nabantwana bakwaNefisimi,
Verse 51: nabantwana bakwaBakibuki, nabantwana bakwaHakufa, nabantwana bakwaHarihuri,
Verse 52: nabantwana bakwaBasiluthi, nabantwana bakwaMehida, nabantwana bakwaHarisha,
Verse 53: nabantwana bakwaBarikhosi, nabantwana bakwaSisera, nabantwana bakwaThema,
Verse 54: nabantwana bakwaNesiya, nabantwana bakwaHathifa.
Verse 55: Abantwana bezinceku zikaSolomoni: ngabantwana bakwaSothayi, nabantwana bakwaHasofereti, nabantwana bakwaPheruda,
Verse 56: nabantwana bakwaJahala, nabantwana bakwaDarikoni, nabantwana bakwaGideli,
Verse 57: nabantwana bakwaShefathiya, nabantwana bakwaHathili, nabantwana bakwaPhokereti Hasebayimi, nabantwana bakwa-Ami.
Verse 58: Onke amaNethini nabantwana bezinceku zikaSolomoni babe ngamakhulu amathathu namashumi ayisishiyagalolunye nambili.
Verse 59: Nampa abakhuphuka eTheli Mela, naseTheli Harisha, naseKherubi, nase-Adani, nase-Imeri, kepha babengenakusho izindlu zawoyise nozalo lwabo ukuba babengabakwa-Israyeli yini:
Verse 60: ngabantwana bakwaDelaya, nabantwana bakwaThobiya, nabantwana bakwaNekhoda, bengamakhulu ayisithupha namashumi ayisihlanu nambili.
Verse 61: Abantwana babapristi: ngabantwana bakwaHabaya, nabantwana bakwaHakhosi, nabantwana bakwaBarizilayi, owathatha umfazi emadodakazini kaBarizilayi wakwaGileyadi, wabizwa ngegama lawo.
Verse 62: Labo bafuna ukubhalwa kwabo phakathi kwababhaliweyo ngezizukulwane, kepha kabafunyanwanga; ngalokho bakhishwa ebupristini, kwathiwa bangcolile.
Verse 63: Umbusi washo kubo ukuba bangadli okungcwelengcwele, kuze kuvele umpristi one-Urimi neThumini.
Verse 64: Lonke ibandla selihlangene laliyizinkulungwane ezingamashumi amane nambili namakhulu amathathu namashumi ayisithupha,
Verse 65: ngaphandle kwezinceku zabo nezincekukazi zabo ezaziyizinkulungwane eziyisikhombisa namakhulu amathathu namashumi amathathu nesikhombisa; babe nabahlabeleli besilisa nabesifazane abangamakhulu amabili.
Verse 66: Amahhashi abo ayengamakhulu ayisikhombisa namashumi amathathu nesithupha; iminyuzi yabo yayingamakhulu amabili namashumi amane nanhlanu;
Verse 67: amakamela abo ayengamakhulu amane namashumi amathathu nanhlanu; izimbongolo zaziyizinkulungwane eziyisithupha namakhulu ayisikhombisa namashumi amabili.
Verse 68: Ezinye izinhloko zawoyise ekufikeni kwazo endlini kaJehova eseJerusalema zanikelela ngenhliziyo indlu kaNkulunkulu ukuba imiswe endaweni yayo;
Verse 69: zanikelela isikhwama somsebenzi njengokwamandla azo amadarike ayizinkulungwane ezingamashumi ayisithupha nanye egolide, namamane ayizinkulungwane eziyisihlanu esiliva, nezambatho zabapristi eziyikhulu.
Verse 70: Base behlala abapristi, namaLevi, nabanye abantu abathile, nabahlabeleli, nabalindisango, namaNethini emizini yabo, bonke abakwa-Israyeli emizini yabo.