Amos - Chapter 2

Verse 1: Usho kanje uJehova, uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zakwaMowabi, yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka, ngokuba washisa amathambo enkosi yakwa-Edomi aba ngumcako.

Verse 2: Kepha ngiyakuthuma umlilo kwaMowabi, uqede izindlu zamakhosi zaseKeriyote, uMowabi afe ngokuxokozela, nangokumemeza, nangokukhala kwecilongo.

Verse 3: Ngiyakunquma umahluleli phakathi kwakhe, ngibulale zonke izikhulu zakhe kanye naye,” usho uJehova.

Verse 4: Usho kanje uJehova, uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zakwaJuda, yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka, ngokuba bawulahlile umthetho kaJehova, abagcinanga izimiso zakhe, namanga abo abadukisile, abawalandelayo nawoyise.

Verse 5: Kepha ngiyakuthuma umlilo kwaJuda, uqede izindlu zamakhosi zaseJerusalema.”

Verse 6: Usho kanje uJehova, uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zakwa-Israyeli, yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka, ngokuba bathengisile olungileyo ngesiliva, nompofu ngamabhangqa ezicathulo.

Verse 7: Bazondelela amakhanda abampofu ukuba abe sothulini lomhlabathi, bachezukisa indlela yabathobileyo; indoda noyise baya entombininye, ukuze balihlambalaze igama lami elingcwele,

Verse 8: bacambalale ezingutsheni ezithathwe zaba yisibambiso eceleni kwawo onke ama-altare, baphuze iwayini labahlawulisiweyo endlini kaNkulunkulu wabo.

Verse 9: “Nokho mina ngachitha ama-Amori ebusweni babo, akuphakama kwawo kwakunjengokuphakama kwemisedari, ayenamandla njengama-oki; kepha ngachitha nokho izithelo zawo phezulu nezimpande zawo phansi.

Verse 10: “Futhi mina nganikhuphula ezweni laseGibithe, nganihambisa iminyaka engamashumi amane ehlane ukuba nidle ifa lezwe lama-Amori.

Verse 11: Ngavusa kumadodana enu abaprofethi nasezinsizweni zenu amaNaziri. Akunjalo, nina bantwana bakwa-Israyeli, na?” usho uJehova.

Verse 12: “Kepha naphuzisa amaNaziri iwayini, ngokuthi: ‘Ningaprofethi.’

Verse 13: “Bhekani, ngiyakunicindezela endaweni yenu njengengqukumbane icindezela, igcwele izithungu.

Verse 14: Onejubane uyakuswela ukubaleka; onamandla akayikuqinisa amandla akhe, neqhawe aliyikuzikhulula.

Verse 15: Obambe umnsalo akayikuma; onejubane ngezinyawo zakhe kayikuzikhulula, nokhwele ihhashi akayikuzikhulula;

Verse 16: onesibindi phakathi kwamaqhawe uyakubaleka ze ngalolo suku,” usho uJehova.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories