Verse 1: Ngayibona iNkosi imi ngase-altare, yathi: “Shaya izihloko zezinsika, ukuze imigulugulu izamazame, uzaphule phezu kwamakhanda abo bonke; abaseleyo babo ngiyakubabulala ngenkemba; obalekayo kubo akayikubaleka, nophunyukayo kubo akayikuphunyuka.
Verse 2: Noma befohla endaweni yabafileyo, isandla sami siyakubakhipha khona; noma bekhuphukela ezulwini, ngiyakubehlisa khona.
Verse 3: Noma becasha esiqongweni saseKarmeli, ngiyakubafunisisa, ngibakhiphe khona; nakuba befihlekile emehlweni ami phakathi kolwandle, ngiyakuyala inyoka ukuba iphume khona, ibalume.
Verse 4: Noma beya ekuthunjweni phambi kwezitha zabo, ngiyakubiza inkemba ukuba iphume khona, ibabulale, ngibeke amehlo ami kubo kube kubi, kungabi kuhle.”
Verse 5: INkosi uNkulunkulu Sebawoti yiyo ethinta umhlaba, uncibilike, bakhale bonke abakhileyo kuwo; uyakukhukhumala wonke njengeNayile, ubuye ubohle njengomfula waseGibithe;
Verse 6: yiyona ewakhayo amakamelo ayo aphezulu ezulwini, isekele igobela lawo emhlabeni; yiyona ewabizayo amanzi olwandle, iwathululele ebusweni bomhlaba; nguJehova igama layo.
Verse 7: “Aninjengabantwana bakwaKushe kimi, nina bantwana bakwa-Israyeli, na?” usho uJehova. “Angikhuphulanga u-Israyeli ezweni laseGibithe, namaFilisti eKafitori, nama-Aramu eKhiri, na?”
Verse 8: “Bhekani, amehlo eNkosi uJehova akuwo umbuso owonayo; ngiyakuwuchitha ebusweni bomhlaba, ngingachithi nokho ngokupheleleyo indlu kaJakobe,” usho uJehova.
Verse 9: “Ngokuba bheka, ngiyakuyaleza, ngizulazulise indlu yakwa-Israyeli phakathi kwabo bonke abezizwe, njengalokhu kuhlungwa ngesihlungo, kepha akuyikuwela nembewu eyodwa emhlabathini.
Verse 10: Zonke izoni zabantu bami ziyakufa ngenkemba, zona ezithi: ‘Okubi akuyikusondela kithina, kusehlele.’ ”
Verse 11: “Ngalolo suku ngiyakumisa idokodo likaDavide eliwileyo, ngivale imifantu yalo; ngiyakumisa izihlephu zalo, ngilakhe njengasezinsukwini zasendulo,
Verse 12: ukuze badle ifa lensali yakwa-Edomi nelezizwe zonke ezabizwa ngegama lami,” usho uJehova okwenza lokhu.
Verse 13: “Bhekani, izinsuku ziyeza,” usho uJehova, “lapho olimayo eyakufica ovunayo, nonyathela izithelo zomvini ohlwanyela imbewu; izintaba ziyakuconsa iwayini, amagquma onke ancibilike.
Verse 14: Ngiyakubuyisa ukuthunjwa kwabantu bami u-Israyeli, bakhe imizi echithekileyo, bahlale kuyo; bayakutshala izivini, baphuze iwayini lazo; bayakwenza nezivande, badle izithelo zazo.
Verse 15: Ngiyakubatshala ezweni labo, bangabe besasishulwa ezweni labo engibanike lona,” usho uJehova uNkulunkulu wakho.