Verse 1: Kepha kuyakuthi ngezinsuku ezizayo intaba yendlu kaJehova iqiniswe esiqongweni sezintaba, iphakame kunamagquma, nabantu bayakugobhozela khona.
Verse 2: Izizwe eziningi ziyakuhamba, zithi: “Wozani sikhuphukele entabeni kaJehova nasendlini kaNkulunkulu kaJakobe; uyakusifundisa izindlela zakhe, sihambe emikhondweni yakhe, ngokuba umthetho uyakuvela eSiyoni, nezwi likaJehova eJerusalema.
Verse 3: Uyakwahlulela phakathi kwezizwe eziningi, anqume phakathi kwezizwe ezinamandla ezikude; ziyakukhanda izinkemba zazo zibe ngamakhuba, imikhonto yazo ibe ngocelemba; isizwe asiyikuphakamisela isizwe inkemba, zingabe zisafuna ukulwa.
Verse 4: Bayakuhlala, kube yilowo nalowo phansi komvini wakhe naphansi komkhiwane wakhe; akakho oyakubesabisa, ngokuba umlomo kaJehova Sebawoti ukhulumile.
Verse 5: Ngokuba bonke abantu bahamba, kube yilowo nalowo ngegama likankulunkulu wakhe, kepha thina siyakuhamba ngegama likaJehova uNkulunkulu wethu kuze kube phakade naphakade.
Verse 6: “Ngalolo suku,” usho uJehova, “ngiyakubutha abaqhugayo, ngiqoqe abaxoshiweyo nengenze okubi kubo,
Verse 7: ngenze abaqhugayo babe yinsali, abadediselwe kude babe yisizwe esinamandla; uJehova uyakubusa phezu kwabo entabeni yaseSiyoni kusukela manje kuze kube phakade.
Verse 8: Wena mbhoshongo womhlambi, negquma lendodakazi yaseSiyoni kuyakufika kuwe, yebo, ukubusa kokuqala kuyakufika, umbuso wendodakazi yaseJerusalema.”
Verse 9: Umemezelani manje ngokumemeza okungakho na? Ayikho inkosi kuwe, ubhubhile umluleki wakho, lokhu ubanjwe yimihelo njengobelethayo.
Verse 10: Yiba nemihelo, uzale, ndodakazi yaseSiyoni njengobelethayo, ngokuba manje uyakuphuma emzini, uhlale endle, ufike naseBabele, lapho uzakophulwa khona; lapho uJehova uyakukukhulula esandleni sezitha zakho.
Verse 11: Manje izizwe eziningi zikubuthanele; zithi: “Malingcoliswe, amehlo ethu alibuke iSiyoni.”
Verse 12: Kepha azazi imicabango kaJehova, aziqondi amasu akhe, ngokuba uzibuthile njengezithungu esibuyeni.
Verse 13: “Suka ubhule, ndodakazi yaseSiyoni, ngokuba ngiyakwenza uphondo lwakho lube yinsimbi, nezinselo zakho ngizenze insimbi; uyakuchoboza abantu abaningi,” kwahlukaniselwe uJehova inzuzo yabo, nemfuyo yabo kuyo iNkosi yomhlaba wonke.