Verse 1: Maye kimi! Ngokuba nginjengokuvunwa kwezithelo zasehlobo, njengokukhothozwa komvini; akukho hlukuzo lokudliwa; umphefumulo wami uyafisa ikhiwane eliyingqalabutho.
Verse 2: Abathembekileyo babhubhile emhlabeni, akakho oqotho phakathi kwabantu; bonke baqamekela igazi; bayazingelana, kube yilowo nalowo umfowabo ngenetha.
Verse 3: Izandla zabo ziphezu kokubi ukukuthuthukisa; isikhulu sinesicelo, umahluleli ubheka umvuzo; omkhulu ukhuluma ngesifiso somphefumulo wakhe; bayakwalukanisa.
Verse 4: Omuhle wabo unjengobobe, olungileyo mubi kunothango lwameva; usuku lwabalindi bakho nolokuhanjelwa kwakho lufikile; sekuyakuba ngukukhungatheka kubo.
Verse 5: Ningamethembi umngane, ningakholwa ngumhlobo; gcina iminyango yomlomo wakho kuye olala ngasesifubeni sakho.
Verse 6: Ngokuba indodana idelela uyise; indodakazi ivukela unina; umalokazana uvukela uninazala, nezitha zomuntu ngamadoda endlu yakhe.
Verse 7: Kepha mina ngiyakumbheka uJehova; ngiyakulindela uNkulunkulu wokusindiswa kwami; uNkulunkulu wami uyakungizwa.
Verse 8: Ungathokozi ngami, sitha sami; ngokuba uma ngiwile, ngiyakuvuka; lapho ngihlezi ebumnyameni, uJehova uzakuba ngukukhanya kwami.
Verse 9: Ngiyakuthwala ulaka lukaJehova, ngokuba ngonile kuye, aze amele indaba yami, angenzele ukwahlulelwa, angiphumisele ekukhanyeni, ngibone ukulunga kwakhe.
Verse 10: Isitha sami siyakukubona, sisitshekelwe ngamahloni, esona besithi kimi: “Uphi uJehova uNkulunkulu wakho?” Amehlo ami ayakusibona; manje siyakunyathelwa njengodaka lwasezitaladini.
Verse 11: Kuyakufika usuku lokwakha izingange zakho; ngalolo suku umkhawulo wakho uyakudediselwa kude.
Verse 12: Ngalolo suku bayakufika kuwe bevela e-Asiriya nasemizini yaseGibithe, kusukela eGibithe kuze kube seMfuleni, kusukela elwandle kuze kube selwandle, kusukela entabeni kuze kube sentabeni.
Verse 13: Kepha izwe liyakuba yincithakalo ngenxa yabakhileyo kulo ngezenzo zabo.
Verse 14: Yalusa abantu bakho ngentonga yakho, izimvu zefa lakho ezihlala zodwa ehlathini phakathi kweKarmeli; mazaluke eBashani nakwaGileyadi njengasezinsukwini zasendulo.
Verse 15: “Njengasezinsukwini zokuphuma kwakho ezweni laseGibithe ngiyakubabonisa izimangaliso.”
Verse 16: Abezizwe bayakubona, babe namahloni ngamandla abo onke, babeke isandla sabo emlonyeni wabo, izindlebe zabo zibe yizithulu.
Verse 17: Bayakukhotha uthuli njengenyoka, baphume bethuthumela njengezinto ezinabuzelayo emhlabathini ezindaweni zazo ezivalelweyo, bafike ngokuqhaqhazela kuJehova uNkulunkulu wethu, besabe ngenxa yakho.
Verse 18: Ngubani onguNkulunkulu onjengawe othethelela insali yefa lakho ububi bayo, uyiyekele isiphambeko sayo, na? Akabambeleli entukuthelweni yakhe kuze kube phakade, ngokuba wenamela umusa.
Verse 19: Uyakubuye asibekezelele, anyathele phansi ububi bethu; yebo, uyakuphonsa zonke izono zabo ekujuleni kolwandle.
Verse 20: Uyakunika uJakobe ukuthembeka no-Abrahama umusa owakufungela obaba kwasezinsukwini zasendulo.