Verse 1: Lokhu kungokwesithathu ngiza kini. “Ngemilomo yawofakazi ababili nabathathu izindaba zonke ziyakuqiniswa.”
Verse 2: Besengishilo ngaphambili kulabo abakade bonile nakubo bonke abanye, nakalokhu ngisho ngaphambili — ngisho manje ngingekho, njengalokho ngasho ngikhona ngokwesibili — ukuthi nxa ngifika futhi, angiyikuyekethisa.
Verse 3: Ngokuba nifuna ubufakazi bokuthi kunguKristu okhulumayo kimi, yena ongebuthakathaka ngakini, kepha unamandla phakathi kwenu.
Verse 4: Ngokuba noma wabethelwa esiphambanweni ngobuthakathaka, nokho uyaphila ngamandla kaNkulunkulu. Ngokuba nathi sibuthakathaka kuye, kodwa sizakuphila kanye naye ngamandla kaNkulunkulu ngakini.
Verse 5: Zihloleni nina, nibone ukuba nisekukholweni yini, nizivivinye nina. Kanti anizazeli yini ukuthi uJesu Kristu ukinina? Uma kungenjalo, ningabokwaliwa.
Verse 6: Kepha ngiyethemba ukuthi nizakwazi ukuthi thina asisibo abokwaliwa.
Verse 7: Siyakhuleka kuNkulunkulu ukuba ningenzi lutho olubi, angisho ukuze sibonakale thina singabavunyiweyo kepha ukuba nina nikwenze okuhle, noma thina singaba njengabaliwayo.
Verse 8: Ngokuba asinamandla okwenza utho, uma simelana neqiniso, kuphela uma simela iqiniso.
Verse 9: Ngokuba siyajabula, nxa sibuthakathaka thina, nina-ke ninamandla; sikukhulekela nalokhu: ukupheleliswa kwenu.
Verse 10: Ngalokho ngiloba lezi zinto ngingekho, ukuze, nxa ngikhona, ngingenzi kabukhali ngokwamandla eyanginika wona iNkosi, kube ngawokwakha, kungabi ngawokubhidliza.
Verse 11: Elokugcina, bazalwane, thokozani, nipheleliswe, niduduzwe, nibe nhliziyonye, nibe nokuthula; khona uNkulunkulu wothando nokuthula uyakuba nani.
Verse 12: Bingelelanani ngokwanga okungcwele.
Verse 13: Abangcwele bonke bayakhonza kini.
Verse 14: Umusa weNkosi uJesu Kristu, nothando lukaNkulunkulu, nokuhlangana kukaMoya oNgcwele makube nani nonke. Amen.