Verse 1: siyanazisa, bazalwane, ngomusa kaNkulunkulu awuphiweyo amabandla aseMakedoniya
Verse 2: ukuthi ekuvivinyweni okukhulu kosizi ukuthokoza kwawo okuvamileyo nobumpofu bawo obukhulu kwenza ukuba avame kakhulu ekuphaneni okupheleleyo;
Verse 3: ngokuba ngokwawo anikela njengamandla awo, yebo, ngiyafakaza ngithi, nangaphezu kwamandla awo;
Verse 4: asinxusa kakhulu ecela umusa wokuhlanganyela ekukhonzeni abangcwele;
Verse 5: futhi akubanga njengokwethemba kwethu kuphela, kepha bazinikela bona uqobo kuqala eNkosini nakithi futhi ngentando kaNkulunkulu,
Verse 6: saze samncenga uThithu ukuba, njengalokho wayeseqalile ngaphambili, kanjalo afeze futhi kini lowo msebenzi womusa.
Verse 7: Kepha njengalokho nivamile kukho konke: ukukholwa, namazwi, nokwazi, nokukhuthala konke, nothando enisithanda ngalo, manivame nakuwo lowo msebenzi womusa.
Verse 8: Angikusho njengomyalo, kodwa ukuze ngokukhuthala kwabanye ngivivinye ubuqotho bothando lwenu;
Verse 9: ngokuba niyawazi umusa weNkosi yethu uJesu Kristu ukuthi, nakuba ecebile, waba mpofu ngenxa yenu, ukuze ngobumpofu bakhe nicebe nina.
Verse 10: Kulokhu nginitshela ukubona kwami; ngokuba lokhu kulungele nina enaqala nyakenye, kungekwenza kuphela kepha nokuthanda;
Verse 11: kepha manje fezani nokwenza, ukuze njengalokho kwaba khona inhliziyo ethandayo, kanjalo kube khona nokufeza njengeninakho.
Verse 12: Ngokuba uma uthando lukhona, kwamukeleka njengalokho umuntu anakho, kungenjengalokho angenakho.
Verse 13: Ngokuba angikusho lokhu ukuba abanye bakhululeke, nina nikhathazeke, kodwa kube ngokulinganayo,
Verse 14: ukuze kuthi ngalesi sikhathi inala yenu isize bona ekusweleni kwabo ukuba nenala yabo isize nina ekusweleni kwenu, kube khona ukulingana,
Verse 15: njengalokho kulotshiwe ukuthi: “Kowaba nokuningi kakusalanga, nowaba nokuncane kantulanga.”
Verse 16: Kepha makabongwe uNkulunkulu obeka enhliziyweni kaThithu le nkuthalo ngani,
Verse 17: ngokuba wamukela umyalo wethu, kepha naye ekhuthele kakhulu waphuma eza kini ngokuzithandela.
Verse 18: Sithumele kanye naye umzalwane oludumo lwakhe ngevangeli lwandile kuwo onke amabandla,
Verse 19: kungesikho lokho kuphela, kodwa ukhethiwe futhi yiwo amabandla ukuba ahambisane nathi ngendaba yalo mnikelo osetshenzwe yithi, kube ludumo kuyo iNkosi, kubonakalise ukukhuthala kwethu,
Verse 20: sigwemele lokhu ukuthi kungaba khona osisolayo ngalesi sipho esikhulu esisetshenzwe yithi;
Verse 21: ngokuba sinakekela okuhle, kungesemehlweni eNkosi kuphela kodwa nasemehlweni abantu.
Verse 22: Kepha sithumele kanye nabo umzalwane wethu esimfumene kaningi ekhuthele ezintweni eziningi, kepha manje ukhuthele kakhulu ngenxa yokunethemba kwakhe okukhulu.
Verse 23: Uma kubuzwa ngoThithu, yena ungumhlanganyeli nesisebenzi kanye nami kini; noma kubuzwa ngabazalwane bethu, bayizithunywa zamabandla, bayinkazimulo kaKristu.
Verse 24: Ngakho manibonakalise kubo phambi kwamabandla ubufakazi bothando lwenu nokuzincoma kwethu ngani.