Verse 1: wena mntanami, yiba namandla emseni okuKristu Jesu;
Verse 2: lokho okuzwileyo kimi phambi kofakazi abaningi, lokho-ke kubeke kubantu abathembekileyo abazakuba namandla okufundisa nabanye.
Verse 3: Hlanganyela nami ukuhlupheka njengebutho elihle likaKristu.
Verse 4: Akakho osempini olibala izidingo zalokhu kuphila, aze akholeke kulowo abuthwe nguye.
Verse 5: Futhi nxa umuntu encintisana, kaqheliswa engancintisananga ngokomthetho.
Verse 6: Umlimi osebenzayo kufanele ukuba kwamukele yena izithelo kuqala.
Verse 7: Qonda engikushoyo; ngokuba iNkosi iyakukunika ukuqonda ngezinto zonke.
Verse 8: Khumbula uJesu Kristu ovukile kwabafileyo, wenzalo kaDavide ngokwevangeli lami,
Verse 9: engihlupheka ngalo kuze kube sekuboshweni njengeselelesi; kepha izwi likaNkulunkulu aliboshiwe.
Verse 10: Ngalokho ngiyakhuthazela kukho konke ngenxa yabakhethiweyo, ukuze nabo bazuze insindiso ekuKristu Jesu, kanye nenkazimulo yaphakade.
Verse 11: Likholekile leli zwi lokuthi: Ngokuba uma safa naye, siyakuphila naye futhi;
Verse 12: uma sikhuthazela, siyakubusa naye futhi; uma simphika, naye uyakusiphika;
Verse 13: uma singathembeki, yena uhlala ethembekile, ngokuba akanakuziphika.
Verse 14: Bakhumbuze ngalokho, ufakaze phambi kukaNkulunkulu ukuba bangalwi ngamazwi, okungasizi lutho, okuyincithakalo kwabezwayo.
Verse 15: Khuthalela ukuba uziveze uthembekile kuNkulunkulu, isisebenzi esingenamahloni, esiqondisa kahle izwi leqiniso.
Verse 16: Kepha ukukhuluma kwezwe okuyize ukugweme; ngokuba bayakuqhubekela phambili ekungamesabini uNkulunkulu,
Verse 17: nezwi labo liyakubhibha njengesilonda esibhucukayo, abaphakathi kwabo ngoHimenewu noFiletu
Verse 18: abadukileyo mayelana neqiniso, bethi ukuvuka kwabafileyo sekudlulile, bechitha ukukholwa kwabanye.
Verse 19: Nokho isisekelo esiqinileyo sikaNkulunkulu simi, sinalolu phawu lokuthi: “INkosi iyabazi abangabayo,” nokuthi: “Yilowo nalowo ophatha igama likaKristu makadede kukho ukungalungi.”
Verse 20: Kepha endlini enkulu akukho izitsha zegolide nezesiliva kuphela kodwa nezemithi nezebumba, ezinye ezihloniphekayo, ezinye ezingahloniphekiyo;
Verse 21: ngalokho uma umuntu ezihlanza kulezo zinto, uyakuba yisitsha esihloniphekayo, esingcwelisiwe, esinosizo kumninindlu, esilungiselwe umsebenzi wonke omuhle.
Verse 22: Kepha balekela izinkanuko zobusha, ujonge ukulunga, nokukholwa, nothando, nokuthula kanye nabakhuleka eNkosini ngenhliziyo ehlambulukileyo.
Verse 23: Kepha ukuphikisana kobuwula nokokungazi ukunqabe, wazi ukuthi kuzala ukulwa;
Verse 24: inceku kaKristu ayifanele ukulwa, kodwa mayibe mnene kubo bonke, inesu lokufundisa, ibekezela,
Verse 25: ibalaya ngomoya omnene abamelene nayo, kumbe uNkulunkulu angabanika ukuphenduka, baze balazisise iqiniso,
Verse 26: basanguluke, baphume ogibeni lukaSathane ababanjwe nguye ukuba benze intando yakhe.