Verse 1: Ngiyaqinisa phambi kukaNkulunkulu noKristu Jesu oyakwahlulela abaphilayo nabafileyo nangokubonakala kwakhe nombuso wakhe, ngithi:
Verse 2: Shumayela izwi, uqinise, noma kuyisikhathi noma kungesiso; sola, ukhuze, uyale ngakho konke ukubekezela nokufundisa.
Verse 3: Ngokuba kuyakuba khona isikhathi abangayikuvuma ngaso isifundiso esiphilayo, kepha ngokwezinkanuko zabo bayakuzibuthela abafundisi njengokubatshwa kwezindlebe zabo,
Verse 4: bafulathelise izindlebe zabo eqinisweni, baphambukele ezinganekwaneni.
Verse 5: Kepha wena, qonda ezintweni zonke, ubekezele ekuhluphekeni, wenze umsebenzi womvangeli, ufeze ukukhonza kwakho.
Verse 6: Ngokuba mina sengiyanikelwa, nesikhathi sokumuka kwami sesifikile.
Verse 7: Ngikulwile ukulwa okuhle, ngiqedile ibanga, ngigcinile ukukholwa;
Verse 8: sengibekelwe umqhele wokulunga eyakungipha wona ngalolo suku iNkosi, umahluleli olungileyo, kungeyimi ngedwa, kepha bonke abathandile ukubonakala kwayo.
Verse 9: Shesha uze kimi masinyane.
Verse 10: Ngokuba uDema wangishiya ethanda leli zwe lamanje, waya eThesalonika; uKreste waya eGalathiya, uThithu eDalmathiya;
Verse 11: nguLuka yedwa onami. Thatha uMarku, uze naye, ngokuba unosizo kimi ekukhonzeni.
Verse 12: UThikhiku sengamthuma e-Efesu.
Verse 13: Ijazi engalishiya eTrowa kuKarpu woliphatha, nxa uza, nezincwadi, ikakhulu ezesikhumba.
Verse 14: U-Aleksandru, umkhandi wethusi wenza okubi okuningi kimi; iNkosi iyakumbuyisela ngokwemisebenzi yakhe;
Verse 15: umxwaye nawe, ngokuba wamelana kakhulu namazwi ethu.
Verse 16: Ekuziphenduleleni kwami kokuqala kwakungekho muntu ongimelayo, kepha bonke bangishiya; makungabalelwa kubo lokho;
Verse 17: kodwa iNkosi yangimela, yangipha amandla ukuba intshumayelo ipheleliswe ngami, nabezizwe bonke bezwe; ngase ngikhululwa emlonyeni wengonyama.
Verse 18: INkosi iyakungikhulula kuyo yonke imisebenzi emibi, ingisindise, ngize ngifike embusweni wayo osezulwini; makube kuyo inkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.
Verse 19: Khonza koPriska no-Akwila nendlu ka-Onesiforu.
Verse 20: U-Erastu wasala eKorinte, kepha uTrofimu ngamshiya eMilethu egula.
Verse 21: Shesha ufike, kungakangeni ubusika. Bakhonza kuwe o-Evubulu, noPhude, noLinu, noKlawudiya, nabo bonke abazalwane.
Verse 22: INkosi mayibe nomoya wakho. Umusa mawube nani.